Lungenwa – Ipid olwenzukazikeyi yemali epulazini likaMengameli iPhala Phala
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
I-Independent Police Investigative Directorate (Ipid) ngesonto eledlule iveze ukuthi izophenya ngezinsolo zokuziphatha kwamaphoyisa ngemuva kwezinsolo zokucasha mayelana nokwebiwa kwemali yangaphandle epulazini likaMengameli Cyril Ramaphosa ePhala Phala eLimpopo ngo-2020.
Lokhu kulandela isicelo se-African Transformation Movement (ATM) sokuthi iphenye ngalolu daba. Lesi sicelo siza ngemuva kokuthi lowo owayeyisikhulu se-State Security Agency u-Arthur Fraser esole uRamaphosa ngokushushumbisa imali nokuthumba emuva kokuthi ehlulekile ukubika icala lokweba emaphoyiseni.
Okhulumela i-Ipid, uLizzy Suping, uthe bazoyiveza imiphumela uma uphenyo seluphothuliwe futhi i-ATM yazisiwe ngesinqumo esithathwe uphiko lwabaphenyi. “Ngemuva kokuhlaziywa okujulile kwe-ATM ukuze kuphenywe ngokuziphatha kwamaphoyisa ngodaba lwepulazi iPhla Phala. I-Ipid ithole ukuthi isikhalazo seqembu sisekelwe esitatimendeni sikaFraser ebesilokhu siqagela [esizungeza] esikhaleni sabezindaba … siphenywa oKlebe kanti i-Directorate ihlale ihambisana noKlebe. I-Ipid izophenya ngezinsolo zokuziphatha kwephoyisa ngokwemithetho yeSAPS ngesikhathi uphiko loKlebe luphenya icala lobugebengu. Lokhu kufaka phakathi kokunye ukwehlula iziphetho zobulungiswa nokuthumba,” kusho uSuping.
UMengameli uRamaphosa uyaphendula
NgoNtulikazi, uMongameli Ramaphosa unikeze impendulo yakhe emibuzweni engama-31 ayethunyelelwe yona yiHhovisi Lomvikeli Womphakathi mayelana nokugqekezwa kwepulazi lakhe. Impendulo yakhe ilandele ukwesatshiswa kweSahluko Sesishagalolunye.
URamaphosa bekulindeleke ukuthi enze lesi sicelo ngoMsombuluko, Julayi 18, njengoba weqile umnqamulajuqu waphambilini ngoJuni, kodwa wahluleka. Okhulumela uMengameli uVincent Magwenya uthi asikho isidingo sokuzama ukuphoqa uMengameli ukuthi aphendule njengoba ehlale ezimisele ukuthobela umthetho, kodwa ubambezeleke wumsebenzi wakhe.