Now Reading
Lithathe osemsamo lambeka emnyango, kwathi osemnyango lambeka emsamo
Dark Light

Lithathe osemsamo lambeka emnyango, kwathi osemnyango lambeka emsamo


  • Ukwesula kwabaphathiswa akwethusanga
  • Abanye abayizwisisi eyokubuyisa uKhuzeni

Ukukhuluma okuthi ‘usuku isikhathi eside’ kupolitiki ifakazelekile kulokhu. Esikhathini nje esingamasonto amabili ipolitiki KwaZulu-Natal iguquke yama ngenye indlela.  

Indaba iqale ngesikhathi kunengqungquthela yokukhetha ubuholi beqembu elibusayo, uKhongolose nayilapho igama lomuntu obenganakiwe uMnu uSbonelo Duma lihambe phambili echitha ababili abebebhekwe njengezimbangi zangempela okungu Nkk uNomusa Ncube uMaDube kanye noMnu uSihle Zikalala. 

UmaDube kavelanga nakuvela njengoba ephikwe yizinombolo zokuba abe nelungelo lokuba angenele. Izinombolo zimphike emagatsheni eqembu zaze zamphika naphakathi enkomfeni lapho ezakhe ziqome ukumqoka khona. Omunye ophikwe zinombolo ngusomabhizinisi uMnu uSandile Zungu ocele umaluju kuqalwa nje.

UDuma noZikalala bona bathole izinombolo ezanele ukuba bangene enkundleni nayilapho  kuthe sekuvotwa iningi lahamba noDuma wasala kanjalo uKhuzeni. Njengoba bekulindelekile lomphumela uqale izinguquko ezinqala nakuhulumeni wesifundazwe. 

Kuqale ngokuba onguNdunankulu uZikalala esule emuva kokubonisana neqembu nokuvule isikhala sikaNdunankulu. Kube sekuqala umdlalo onobuhlakani wobuholi obusha ngesikhathi isigungu esisha seqembu sivumelana ngegama likaMaDube ukuba kube nguye uNdunankulu wokuqala wesifazane. Ubuhlakani lapha kube sekuthenini ngokwenza njena uDuma wenza okwehlukile kunalokho okwenziwa nguZikalala mhla eginga uMnu uSenzo Mchunu.

Obunye ubuhlakani kube yikuthi lesi senzo siveza ubuholi obusha njengokwakhiwe ngabantu ababonelela abesifazane.  Leli qhingasu lisho ukuthi uma sekuyovotwa ngokuzayo akakho oyothi kumele ‘kubonelelwe abesifazane’ ngoba nakhu sebekhona. Leli qhingasu kalingcinanga lapho kepha liqhubekile nasekwakhiweni kukahulumeni omusha njengoba abaphathiswa abathathu besilisa bekhishiwe kwafakwa abesifazane abayisithupha nabesilisa abane.

Ukusula kwabaphathiswa kulandelene futhi bakhuluma okufanayo bezibeka njengezithunywa zeqembu ezilindele ukuphakwa noma yikuphi. Phakathi kwalabo abasulile kukhona  abahlonishwa uMavimbela, uSibiya, uPillay noMshengu.  

See Also

Okuqaphelekile lapha yikuthi uhulumeni usuwenganyelwe ngaboHlanga kabasekho abezizwe  njengoba kuke kwaba njalo.

 Lezi zinguquko zilindelekile nakuzisebenzi zeminyango ngokwenkontileka ‘eziyizigadla’ zabaphathiswa njengoba kulindeleke ukuba abaphathiswa abasha nabo bafike nabantu babo.  

Amehlo athe njo ehhovisini likaNdunankulu njengoba leli phephadaba lake labika ukuthi kukhona ukungahoshelani phakathi kwaloyo ophethe ezokuxhumana ehhovisini likaNdunankulu uMnu uMabaso kanye nabanye kweminye iminyango. UMtungwa wabe esolwa ngokuthi konke ‘usekwenza kugqamise uNdunankulu’.  Omunye owakhuluma nelaboHlanga wathi ngalokhu “Lento eyenziwa nguMabaso wukubukela phansi abaphathiswa ngoba kugcina kugqama uNdunankulu. Ngisho kuyohlatshwa isoyi uNdunakulu ulapha.”

Ukufakwa kukaZikalala emnyangweni kwaCogta kube  ngundabamlonyeni njengoba abanye bebelindele ukuthi ajutshwe kuzwelonke njengoba kwenzeka kwabanye ababengoNdunankulu base behla njengo Mchunu.

Scroll To Top