Abamweza ngelibanzi akabalibele neze uMondise
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
USphephelo Sithole uthi akasoze abakhohlwa uGugu Marawa noCarlos Catalino, abangabaphathi beKZN Academy.
IKZN Academy ivulele ithuba uSithole ongowokudabuka oLundi lokuthi agijime phesheya kwezilwandle. Lo mdlali oneminyaka engama-23 ungomunye wabadlali balapha eNingizimu Afrika ikusasa labo eliqhakaze ngendlela eyisimanga.
Enengxoxo ekhethekile nelaboHlanga uthe: “IKZN Academy ngiyayibonga kakhulu ngento engenzele yona, ukuthi ngikwazi ukuthola ithuba lokugijima phesheya kwezilwandle okuyiphupho lawo wonke umdlali. Angazi ngababonga ngani uGugu (Marawa) noCatalino. Ngiyafisa ngelinye ilanga ngiyisize iKZN Academy ngazo zonke izinto ezidingayo ukuze izoqhubekela phambili kakhulu ngokukhiqizela amaqembu amaningi abadlali abanekhono elimangazayo” kusho uSithole.
Uphinde wathi ngeke alikhohlwa iqembu adlala kulona ngaphambi kokujoyina iKZN Academy okuyiDouble Classic FC yasoLundi. USithole kuyimanje usemabhukwini eBelenenses SAD okuyiqedembu lasePortugal. Waqala ukugijima ePortugal ngonyaka wezi-2017 edlalela inkulisa yeSporting, wadlalela iVictoria Setubal neBelenenses SAD II.
Ebuzwa ngakufundile kule minyaka emihlanu esePortugal, uthe: “Akubanga uhambo olulula neze ngeke ngaqamba amanga. Kwangithatha iminyaka emibili ukuthi ngize ngingene khaxa esitayeleni sakhona sokudlala. Kodwa ekujwayeleni kwami ngikwazile angibange ngisabheka emumva ingakho ngilapho engikhona namhlanje” ubeke kanje.
Ebuzwa ngokuthi ngabe izinkulisa zasePortugal uma uziqhathanisa nezalapha eNingizimu Afrika, uthe iPortugal ihamba phambili kakhulu ngeke uyiqhathanise nezalapha izinkulisa.
Eqhuba uthe: “Okumnandi ePortugal angilahliwe baningi kakhulu abadlali abaqhamuka kuKZN Academy abadlala khona siyasekana. Uma umuntu edlala siyahamba siyombukela simuseke, simtshele lapho enze kabi khona. Uma edlala siyacula senze konke ukuthi azithembe, leyo iyona into esisizayo” usho kanje.
Kubadlali abadlala ePortugal kukhona uNkanyiso Shinga we-Estrela da Amadora, uMhleli Mabuza weParades, uSibusiso Shabane okuLustano de Evora, uMthokozisi Mdluli, uMlungisi Zwane no-Ethan Trim abagijima ku-Amora FC.
Ezinyangeni ezedlule udlale umdlalo wakhe wokuqala egijima eqenjini lesizwe iBafana Bafana. Yize elakuleli elahlulwa iMorocco kowokuhlungela i-AFCON, kodwa uSithole oteketiswa ngokuthi uToure wagqama kakhulu kulowo mdlalo.
“Okwenza ngibe nomdlalo omuhle ukuthi ePortugal ngafunda ukuthi noma kuthiwa ngidlala nobani ngingashawa uvalo, sonke sidlala ngezinyawo ezimbili. Iphupho lami lokuthi ngiqhubeke nokugqoka ijezi lesizwe. Ngilisize lidlale kuyona i-AFCON” kubeka uSithole.
Eqhuba uthe: “Kulona iqembu lesizwe ngiyafisa ukugijima noThabo Cele umdlali engimthatha njengomfowethu. Sidlalile sobabili kuKZN Academy senza into yamehlo, ikhono lami nelakhe kuBafana Bafana ngikholwa ukuthi lingenza umehluko omkhulu”.
UCele ugijima eqenjini lasePoland iRadomiak Radom. Uke waba sematheni efunwa uthuli iKaizer Chiefs. Uyena owavulela indlela abadlali beKZN Academy, kwazise uyena owokuqala owaya ePortugal wafike wenza ezibukwayo.
Inkontileka kaToure iyaphela ngesizini ezoqala ebuzwa ngekusasa lakhe uthe: “Zikhona izinkulumo zokuthi khona amaqembu angifunayo, kodwake into engingakabi nabo ubufakazi bayo ngoba isakhulunywa emoyeni akukho okubhalwe phansi. Ngiyafisa ukuthi ngigijime kumaligi amaningi okubalwa i-England, iSpain neGermany” usho kanje.
Eminyakeni ezayo uthe uyafisa ukuthi adlalele iChiefs okuyiqembu alisekayo lapha eNingizimu Afrika.
“Iminyaka isangivumela ukuthi ngidlale isikhathi eside phesheya kwezilwandle. Kodwa ngiyafisa ukugqoka ijezi leChiefs ngolunye usuku, kwazise iqembu engilithandayo” kubeka uSithole.
Abadlali beKZN Academy baqala ukuthi bewelele phesheya kwezilwandle ngesikhathi kuno iDurban Under-19 International Tournament. Lo mqhudelwano wawubandakanya amaqembu aphesheya okubalwa i-Arsenal yase-England, iTP Mazembe yaseDRC Congo, iRangers yaseScotland, i-AS Roma yase-Italy, iPSV Eindhoven yaseNerthelands kube iSporting Libson neBenfica okungamaqembu asePortugal. Wayudlalelwe ePrincess Magogo Stadium, iKing Zwelithini Stadium neMoses Mabhida Stadium.