Kugcine kumenele owayenguMengameli e-Angola iminyaka

by Anathi Mtaka
Jul 30, 2022

Isithombe: Imago/PanoramiC

Anathi Mtaka
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Owabe enguMengameli wase-Angola uJose Eduardo dos Santos, owabusa leli lizwe elingumkhiqizi kawoyela wesibili ngobukhulu e-Afrika iminyaka engamashumi amane, ushone eneminyaka engama-79 ubudala. Ushonele emtholampilo waseBarcelona eTeknon kulandela ukugula isikhathi eside. UDos Santos ubelashwa kusukela ngowezi-2019. Isikhungo sezindaba sasePortugal iLusa ngenyanga edlule sabika ukuthi wangeniswa egunjini labagula kakhulu emtholampilo eBarcelona.