Now Reading
Uncoma inani lamaqembu asesigabeni esikhulu nokho akusizwe namanye
Dark Light

Uncoma inani lamaqembu asesigabeni esikhulu nokho akusizwe namanye

“Kuyajabulisa ukuthi sinamaqembu amahlanu agijima kuPremier Soccer League (PSL), okumele sikwenze manje ukuthi silekelele Uthongathi FC ukuthi nalo lukhuphuke ngesizini ezayo. Bese senze isiqiniseko sokuthi alikho iqembu elidliwa izembe kulawa agijima kuDStv Premiership”.

Lawa ngamazwi akhulunywe uMphathiswa woMnyango weZemidlalo amaCiko namaSiko esifundazweni iKwaZulu-Natal uHlengiwe Mavimbela, ngesikhathi kade kuthulwa ngokusemthethweni iKZN Premier’s Cup ezokuba ngasekupheleni kukaNtulikazi.

IPremier’s Cup idlalwa amaqembu aseKZN agijima kuDStv Premiership nakuMotsepe Foundation League. 

Kodwa iphupho likaMphathiswa kubukeka kunzima ukuthi lingafezeka, ngo-Uthongathi FC.

Okwenza kube njalo ukuthi leli qembu linezinkinga eziningi. Kuke kwavela ukuthi kungenzeka lifudukele e-Eastern Cape njengoba bekuthiwa lizothengwa abaphathi beSpear of the Nation okuyiqembu eligijima ku-ABC Motsepe League.

ElaboHlanga lingakuqinisekisa ukuthi Uthongathi FC lusazoqhubeka liphathwe esifundazweni iKwaZulu-Natal. Yize kunjalo kodwa leli phephandaba lingaphinde likuqinisekise ukuthi izinkinga zezimali zikhona kuleli qembu, ikhona obekwenza ukuthi kungenzeka lidayise okanye lihlangane neSpear of the Nation.

Kusukela kwadlula emhlabeni uNicholas Mkhize izinkinga ziyanqamelana kuleli qembu, phambilini kwake kwaba nombango wokuthi ubani ngempela ophethe. Kodwa izintambo zagcina zibanjwe uNkosikazi kaMkhize. UGcwabe (abakwaMkhize) wadlula emhlabeni ngonyaka wezi-2018, ngokuthi adutshulwe ngemvula yezinhlamvu.

Okusha okuvelile ukuthi leli qembu esikhundleni sokuthi lidayise okanye lihlangane neSpear of the Nation, livele laqoma ukuthi lidedele inqwaba yabadlali ngenxa yokuthi angeke likwazi ukubaholela njengoba behola imali enkulu. Ngokuhosha kwelaboHlanga ukuthi Uthongathi FC ngesizini ezayo luzobe lugijima ngenqwaba yabadlali abancane, abafuna ukuzakhela igama abazoholelwa imali encane iningi labo liqhamuka ku-ABC Motsepe League.

See Also

Ngokusho komunye osondelene naleli qembu uthe: “Kuyabheda impela lapha eqenjini, sizobe sivika izembe ngiyakutshela mfowethu. Sizobe sinenqwaba yabadlali abangenawo amava, bancane kakhulu abanye sengibabonile. Ukube kuya ngami bengizothi iqembu alidedelwe ngoba abaphathi sebeyahluleka ukugcina izidingo zeqembu, nathi sike sangaholelwa”.

Kubadlali okuthiwa bakhululwe ileli qembu u-Issa Saar ojoyine iTTM, uBrian Hlongwa ojoyine iMaritzburg United, uSiyanda Dlamini oyekwiRichards Bay FC, uXolani Ngcobo ongunozinti uziqeqesha neRoyal AM, uSphe Zwane, uNkosiyazi Maphumulo oziqeqesha neMarumo Gallants, uThapelo Maleka osesayine inkontileka yeminyaka emibili neBlack Leopards, uNkosinathi Dube noThato Mohammad abaziqeqesha neChippa United. 

Laba badlali bebeyizinsika zaleli qembu eliteketiswa ngokuthi iCane Cutters.

ElaboHlanga lithinte iMenenja yo-Uthongathi FC uLungelo Nhlumayo, nokuvumile ukuthi leli qembu likhulule inqwaba yabadlali. “Iqiniso iqembu libhekene nezinkinga, okokuqala nje asinabo abaxhasi. Kulaba badlali esihlukane nabo uma uholela abayi-8 kumele kuphume imali elinganiselwa ezinkulungwaneni ezingama-R250 lo mali iphumaphi. Iqiniso bekuba nzima ukubakhokhela. Sithathe isinqumo sokuthi sizothatha iningi labadlali abagijima ku-ABC Motsepe League walapha KwaZulu-Natal, nesikholelwa ukuthi liningi ikhono elikhona. Vele akuyona into entsha kuThongathi ukugijima ngabadlali abangaziwa, kodwa befike bezakhele igama,” kusho uNhlumayo.

Scroll To Top