Uvuselele inkontileka neRockets obekhonjwa eNaturena


Kumnikeza iqholo nethemba ukukhonjwa kwamakhulu uThabizolo
Usevule isifuba ngokwenze wavuselela inkontileka kuTS Galaxy umdlali wasemuva uGiven “Sgiva” Msimango obefunwa uthuli yiKaizer Chiefs.
Lolu nkonko lomdlali wasemuva luvuselele inkontileka yalo neRockets ngamasizini amabili. Amakhosi abemfuna phansi phezulu uMsimango kodwa wagcina evuselele kuGalaxy.
Amanye amaqembu ake amataniswa noMsimango kukhona i-Orlando Pirates neSuperSport United. Exoxa nelaboHlanga, uMsimango uqinisekisile kuleli phephandaba ukuthi uke waba nezingxoxo neChiefs.
“Kuyajabulisa ukukhonjwa eqenjini elikhulu njengeChiefs. Lokho kuyizinkomba zokuthi umsebenzi wami enkundleni uyabonakala. Yize bengijabule kodwa ngibuye ngabuyela nganeno. Ngixhumane nemeneja yami noSihlalo weqembu uTim Sukazi ukuzwa ukuthi la mahemuhemu ayiqiniso ngempela yini ngoba abengazibeki. Yebo, wona amahemuhemu abeyiqiniso. IChiefs ixhumene neqembu lami iTS Galaxy kodwa akukho abavumenele ngakho,” kucacisa uMsimango exoxa nelaboHlanga.
Lo mdlali odabuka eGoli ungukaputeni omncane kunabo bonke kuDStv Premiership njengamanje.
“Alikho igxathu elithathwe ngamaqembu amabili ukuze ngigcine ngifudukele kuChiefs. Ngeneme ngendlela izinto ezihambe ngayo. Yingakho ngithathe isinqumo sokuthi ngivuselele inkontileka yami neTS Galaxy. Ingenze ngazizwa ngibalulekile. Okunye okungihehile ngeTS Galaxy yingoba yenza izinto ngendlela eqondile,” kubeka uMsimango.
IChiefs ayizibekile phansi njengoba kuvulwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali. Isisayinise u-Ashley Du Preez, Zitha Kwenika, Dillion Solomons, Kamohelo Mahlatsi, noYusurf Maart.
“Yebo, nami njengomdlali webhola nginamaphupho engifisa ukuwafeza kodwa ngikholwa wukuthi yonke into inesikhathi sayo. Njengamanje nginenkontileka neTS Galaxy. Ngizimisele ngokuqhubeka nokusebenza ngokuzikhandla. Lena iyona indlela engizokhula ngayo. Usihlalo weqembu ukubeke kwacaca ukuthi usangidinga eqenjini. Lokho kumqoka uma ungumdlali. Uma uphethwe kahle futhi uzizwa umqoka nawe uyagqugquzeleka njengomdlali. Ngesikhathi usihlalo nomqeqeshi weqembu (uSead Ramovic) bengitshela ngobumqoka bami eqenjini angizange ngicabange kaningi,” kulandisa uMsimango.
IGalaxy kuvela ukuthi izokwenza amalungiselelo okuqala kwesizini entsha eMgungundlovu. ElaboHlanga lithole ukuthi izotheleka ngoMgqibelo ntambama.
“Ukusayina kwami inkontileka entsha kusidweba sicace bha isithombe sokuthi ngisafuna ukulwela iqembu. Ngifuna ukunqoba izicoco neqembu. KuPremiership angikaze nginqobe lutho. Selokhu ngagcina ukuphakamisa indebe ngesikhathi iHighlands Park inyuselwa esigabeni esiphezulu isuka kuNational First Division. Ngifuna ukwenza kahle neGalaxy. Angizimisele ngokuvika izembe kule sizini. Ngifuna ukusiza iqembu ekutheni liqede libalwa namaqembu ayisishiyagalombili aphezulu kulogi,” kusho uMsimango.
Ngesizini edlule uMsimango ushaye igoli elimqoka elisindise iRockets ezembeni ngosuku lokugcina lwemidlalo yeligi eNelson Mandela Stadium, eGqeberha.
“Phakathi kwezinto engihlose ukuzizuza kule sizini ezoqala wukwenza isiqiniseko sokuthi ngibhakuzisa amagoli amaningi. Ngesizini edlule ngishaye elilodwa. Ngobude bami ngikholwa wukuthi nginalo ithuba lokushaya inqwaba yamagoli ngesizini. Ngibheke nokuzitholela indawo kuBafana Bafana. Okuhle wukuthi umqeqeshi (uHugo Broos) akabheki iqembu odlala kulona kodwa ubheka indlela odlala ngayo. Uma ngiqhubeka ngenza kahle ngizolithola elami ithuba,” kubeka uMsimango.
IGalaxy izogadulisana na-Amazulu emdlalweni wokuqala weligi eMbombela Stadium ekuqaleni kwenyanga ezayo.
“Amalungiselelo okuqala kwesizini entsha ahamba kahle kakhulu. Wonke umuntu uzimisele. Iningi lethu kuyabonakala ukuthi yize besivalile kodwa besijima uma sithola isikhathi. Sifuna ukuqala isizini ngenothi eliphezulu. Kuze kube yimanje konke kuhamba kahle.” kuphetha uMsimango.