Umjaho uzofukula umnotho kuMasipala uMzinyathi



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
UMphathiswa woMnyango Wezemidlalo Amaciko Namasiko esifundazweni iKwaZulu-Natal uMphathiswa uHlengiwe Mavimbela uthi uzohlomula kakhulu umphakathi wesifunda uMzinyathi njengoba uzobe usingethe umqhudelwano wamahhashi iDundee July.
Isifunda uMzinyathi unomasipala okubalwa iNdumeni, iNquthu, uMsinga noMvoti.
IDundee July izoba kusasa, izobanjelwa eNdumeni Horse Racing Track, kuleli dolobha.
Lo mqhudelwano waminyaka yonke uzobe usingathwa okwe-16 nonyaka.
“Abantu abaningi siyazi bazobe bebheke usuku lakusasa okuyilo okungwelomjaho wamahhashi, kodwa konke kuqale kusukela ziyisi-9 lapho bekukhishwa unobuhle walapha kuMasipala eNdumeni. Lokho bekuwukwandulela yona njalo iDundee July, ukufika kwabantu ngezinhloso ezehlukahlukene kuyingxenye yokusimamisa umnotho ngokuthi kusetshenziswe izindawo zokulala, amagaraji nokunye” kusho uMphathiswa.
Lo mqhudelwano uzovula amathuba omsebenzi alinganiselwa ema-700, imali echithiwe ukuwulungiselela ilinganiselwa esigidini esiso-R1.3.
“Uma ngikhuluma ngosuku lwakusasa okuyiDundee July, izimpahla ezizobe zigqokwe oJockey abaningi izimpahla zabo zizobe zithungwe omama bendawo okungaboHlanga. Osomabhizinisi bendawo abadayisayo bazodayisa ngaphandle kwenkundla, bazokwazi ukuthola imali ephindaphindiwe. Ngingakuqinsekisa ukuthi iDundee namaphethelo izokwenza imali elinganiselwa imali eyizigidi ezingama-R30 nangaphezulu,” kubeka uMphathiswa.
Kulindeleke ukhuthi kube khona oJockey abangama-40, imijaho izoba li-12 ngokuhlukana.
IMeya yakuMasipala iNdumeni uMnu uSiyabonga (osesithombeni) Ndlovu uvumelane lizwi linye noMphathiswa uMavimbela.
“Kuyajabulisa ukuthi lo mqhudelwano walo nyaka uzobe uthanyelwe izibukeli okusho ukuthi umnotho uzosimama. Eminyakeni edlule ubuwenziwa kodwa ngaphandle kwezibukeli ngenxa yegciwani ukhuvethe. Abantu abangaboHlanga bazosizakala kakhulu. Owakulo nyaka uzoba sezingeni eliphezulu kakhulu” kusho uNdlovu.
Uphinde wengeza ngokuthi ubonga uMnyango Wezemidlalo ngokuthi unyuse imali ezonqotshwa, nokuthi uqhubeke nokuseka lo mqhudelwano.