Abesifazane ababe yingxenye yokwakhiwa nokwabiwa komnotho



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Kunesidingo sokuba kuqiniswe uHulumeni Wendawo kanye noBukhosi ukuze kube lula ukuqhuba imizamo yokusondeza abesifazane esithebeni somnotho waseNingizimu Afrika
ENingizimu Afrika imilomo iyavunana ekutheni kunesidingo sokuba abantu besifazane okuyibo abaliningi kumele babe yingxenye yokubuswa kwezwe. Okunye ukuvumelana kusekutheni abesifazane kumele babe yingxenye yokwakhiwa nokwabiwa komnotho wezwe. Omunye wezikhuphekhuphe zalokho nguNks uSizakele Pearl Bengu oyiSikhulu Esiphezulu Seqoqo sesikhungo i-Ithala Development Finance Corporation Limited ( IDFC). Echaza ngesidingo sokuba abesifazane babe yingxenye yomnotho uxwayise ngokuthi kumqoka ukuba kuqale kuvunyelwane ukuthi kukhulunywa ngani ngoba ngokwakhe ‘isixazululo silele ekwazini ukuthi inkinga ikuphi’.
Echaza kabanzi uthe: “Sengibe yingxenye yemihlangano eminingi kuleli ekhuluma ngabantu besifazane nomnotho. Ngiyadumala ukuthi kubonakala sengathi laba abasuke behlele noma bekhuluma lolu daba kabaqhamuki nezixazululo ezinqala. Umbono wami uthi lokho kudalwa wukuthi akukho ukuvumelana ekuthini sikhuluma ngani nokuthi sikuphi njengezwe,” kusho uNks uBengu. Uphawule ngokuthi enye inkinga wukubopha abesifazane ngabhande linye lapha ezingxoxweni ekubeni kabafani.
“Kumele uma sixoxa ngalolu daba singesabi ukusho ukuthi abesifazane esikhuluma ngabo ngaboHlanga. Bese khona lapho nakubo laba aboHlanga sisho ukuthi injolozela yethu ikulaba ya abasemakhaya ngoba yibo abahleli ngaphansi kwengcindezi. Uma lokhu singakusho kugcwale umlomo ngibona sengathi siyoze sidlule emhlabeni inkinga le esiyibonayo yehlele kumadodakazi ethu.”
Uthe ukusebenza kwakhe ezindaweni ezisemakhaya kanye nokuhola isikhungo inhlosongqangi yaso kuwukufukula aboHlanga kakhulukazi ezindaweni zasemakhaya kumeze wakuqonda ubumqoka bokuqhamuka nezinhlelo eziqondene ngqo nabesifazane emakhaya.
“Ngesikhathi ngisebenza eMnambithi kuHulumeni Wendawo ngalibona izinga lokuswela kwabesifazane ababevela ezindaweni zamalokishi kanye nalezo eziphethwe ngaMakhosi. Ngakuqonda ukuthi izimfuno zabo kanjalo nezidingo ziyefana nabo bonke abesifazane basemadolobheni kepha ngabona futhi ukuthi ukuqhelelana kwabo nengqalasizinda kanye noxhaso lwemali kubenza bebe kude namaphupho abo.”
Uqhube wathi okwabuye kwamuvula amehlo ngalokhu wukuba ngusobhange ngesikhathi enguMqondisi Wesifunda emunxeni womphakathi kwaFirst National Bank kanye nokuba yiSikhulu Esiphezulu kwaSouth African Social Security Agency ( SASSA).
“Okunye okungikhathazayo ngemihlangano esiba kuyo ukungabi bikho kwabantu besifazane basemakhaya. Ekusebenzeni kwami nabo ngingafakaza ukuthi nabo banamaphupho ngabo nemiphakathi yabo, futhi banabo ubuhlakani bokwenza izinto. Ngenxa yalokhu ngibona ukuthi akukwazi ukukhulunywa ngabo bengekho. Asiqinisekise ukuthi nabo baba yingxenye yokwakhiwa nokwabiwa komnotho. Lapha nje ngikhona kwa-IDFC ngimile ekutheni yebo asibafukule abesifazane kepha futhi sazi ukuthi nabo kabalingani, iningi elisidingayo lisemakhaya,” esho egcizelela.
UNks uBengu uqhube wathi uHulumeni Wendawo kanye noBukhosi yibo okumele baqiniswe emizanweni yokusondezwa kwabesifazane esithebeni somnotho.
“Angiboni ukuthi ungahlela kanjani intuthuko yasemakhaya noma emalokishini ungasebenzisananga noHulumeni Bendawo noma uBukhosi. Yibo abangaqinisekisa ngokubambisana nezikhungo ezinjenge-IDFC. Ngoba asikhulumi nje namuhla ngingakuqinisekisa ukuthi njenge-IDFC siyasebenzisana nalezi zinhlaka futhi siyasebenzisana nabesifazane abasemakhaya nasemalokishi, abancane nabadala,” kusho yena.
- ISigqiki yingosi entsha yelaboHlanga nekhuluma ngabaholi boHlanga abavela emikhakha eyehlukene yempilo. Iyatholakala nakusizindalwebu naku podcast.