Indlala izosabalalisa iminyakazo engaginga omengameli nababusi



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Kukhona ukukhuluma okuthi abantu kwenye inkathi bafana nezimbongolo. Yona engabekezelela ukuhlukunyezwa ithwaliswe umthwalo kanzima iminyaka kepha kuthi lapho isithathe isinqumo sokuba izikhulule kulokho kuma yonke into, ngoba isuke ingeke isenza lutho, isimile ungeke usayiphoqa. Kanti okunye ukukhuluma nesexwayiso esivamile ngesithi isisu esilambile kasazi mthetho.
Konke lokhu kukhuluma kuyaye kugqame ngezigameko ezithile emazweni nokuqala kancane kugcine sekusabalele izwe ngisho nezwekazi imbala. Ukulandela izigameko zakamuva kuba sobala ukuthi amazwe kanjalo nabantu bomhlaba banawo umkhuba wokuthathelana ngezigameko eziba ngundabamlonyeni neziguqula inhlalo kanjalo nepolitiki ezweni.
Ngonyaka wezi-2010 nowezi-2011 emazweni ama-Arabhu kwaqala umkhankaso owaziwa ngokuthi yi-Arab Spring. Inhloso yalo mkhankaso nowaqala eTunisia kwabe kuwukubhekana kwezakhamizi zamazwe ama-Arabhu nenkohlakalo, ukungabi bikho kokhetho olukhululekile kanye nezimo zomnotho. Phakathi kwamazwe athinteka kwaba yiTunisia ngeJasmine Revolution ngowezi-2010, i-Egypt nge-Egypt Uprising ngowezi-2011, iYemen ngeYemen Uprising ngowezi-2011/12, iLibya ngeLibya Revolt ngowezi-2011 kanye neSyria ngeSyrian Civil War esaqhubeka nanamuhla. Ukunyakaza emazweni ama-Arabhu kwaphoqa ukuthi ababusi bamazwe afana ne-Algeria, iJordan, iMorocco ne-Oman basheshe bavume izimfuno zabantu emazweni abo besabela ulaka lwabantu.
Lezi zigameko kazizalwa yiziwombe ezinkulu kepha kuba nje yinto encane ebese umlilo usabalala okwequbula, amazwe lawa avuthe ubuhanguhangu. ETunisia nje udaba laqalwa ngoZibandlela ngokuhlanjalazwa nokuhlukunyezwa kwensizwa eyabe izidayisela emgwaqeni uMohamed Bouzazizi ngamaphoyisa nowagcina ngokuthi azithungele ngomlilo. Lesi senzo saqala umzabalazo owasabalala izwe lonke nokwagcina ngokuthi kwehle esikhundleni uMengameli uZine al-Abiine Ben nowagcina ebalekile. Okwenzeka eTunisia kwathathwa yintsha yase-Egypt eyahlangano ngomhla zingama-25 kuMasingana enhlokodolobha eCairo nokwasabalala izwe lonke kwaze kwaphoqa ukuthi uMengameli uHosni Mubarak ehle esikhundleni.
Omunye umkhankaso owasabalala umhlaba wonke yilowo othi Black Life Matter nowaqalwa ngenxa yosizi lwaboHlanga e-USA. Lo mkhankaso wanabela nakwamanye amazwe abantu bekopela abakuthatha njengento enhle yokuqhakambisa unya nokwaphulwa komthetho okwenziwa kwaboHlanga.
Muva nje kukhona okwenzakalayo nokuqala emazweni athile nokubukeka kungahle kukapakele nakwamanye amazwe. Lokhu kwakamuva kudalwa phakathi kokunye wukwehla kokuthenjwa kwezinhlaka zikahulumeni, yindlala kanye nezinkinga zomnotho. Ngesonto eledlule amakhulu ngamakhulu abantu agasele ezindlini zombuso lapho kuhlala khona umengameli wakuleiya lizwe bedlula lapho bayongqongqisa umuzi kaNdunankulu wezwe. Abantu baseSri Lanka bebekhala ngobunzima obulethwa yizinkinga zomnotho. Umyakazo wabo uphethe ngokuthi uMengameli noNdunakulu behle esikhundleni.
Kwenzeka konke lokhu nakumaNgisi izinto zimapeketwane njengoba ngalo isonto eledlule kuphoqeleke ukuba uNdunankulu uBoris Johnson ehle esikhundkeni edudulwa ngabakwakhe eqenjini elibusayo. Lokhu kubukeka kuzokhulisa imikhankaso emazweni athile lapho abantu sebengabuthengi ubuholi babaholi abathile noma uhulumeni ngenxa yendlala nokuguqa komnotho.
Elinye izwe elibukeka lilengela kulelo liwa yiNingizimu Afrika. Ukukhuphuka kwentengo kaphethroli nezindleko zokuphila kwansukuzonke sekwenze yacija imikhonto ezweni bebodwa abathi uHulumeni kaKhongolose kawuguqe. Abanye ngenxa yobugebengu nenkohlakalo bathi uHulumeni wehlulekile. Okwakamumva nokuthinta uMengameli wezwe uRamaphosa nezinsolo zokuphula imithetho yezwe ephathelene nokushitshisana ngemali kungahle kutshale imbewu yomkhankaso ongaze umkhiphe ngesango kuHulumeni naseqenjini aliholayo.
Njengezimbongolo ezikade zibekezele abantu baseNingizimu kubukeka sebefike lapho bengahle badwebe umugqa kosopolitiki, abaholi kanye namaqembu . Lokhu kungasho izinguquko ezinqala ezweni kuye ngokuthi abantu bawudweba kanjani umugqa, kukhona abangancamela ukuyinyomfa emigwaqeni bacekele phansi ingqalasizinda ukuze abakushoyo kuzwakale, bethi isisu esilambile kasazi mthetho kepha khona lapho kukhona abangasebenzisa ivoti labo ukuveza ukungenami kwabo. Noma ngabe kugcina kwenzekeni kepha ubufakazi bokuthi abantu sebenengekile ngenkohlakalo emazweni abo, ukwehla komnotho nokungathembakali kwababusi kusobala. Ihlathi lomile kuswelakala ozophosa uthi lukametshisi.