Phezu kosizi lokukhahlanyezwa izikhukhula umphakathi usuxoshwa nanguMasipala
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kungakapheli isikhathi esingakanani izindawo eziningi zaseCape Town kade zihlaselwe izikhukhula nokwaphoqeleka ukuthi amanye amalunga omphakathi ayokhosela ezindaweni ezifana nesonto kanye nehholo, sekuvele izindaba ezishaqisayo.
Lezo zindaba ezokuthi uMasipala waseCape Town, usethi la malunga omphakathi ahlala ehholo awaphume . Okubuhlungu ukuthi uMasipala yiwo ofuze ingabe uvikela abantu bawo. Yibo laba bantu abasuke benziwa izilima ngokuthi bazokwenzelwa izinto ngosopolitiki ngezikhathi zokuvota, kodwa manje balahliswa okwenyongo yenyathi.
IKhansela lendawo uPatricia van der Ross, oyilungu leKomidi Lemeya Lemisebenzi Yomphakathi Nezempilo, uthe likhona icala elivuliwe kwaSAPS.
“Imizamo eminingi yokuxoxisana namalungu omphakathi eyenziwe ikhansela lesigceme kanye nosihlalo womkhandlu omncane ayiphumelelanga, manje sesicubungula igxathu elilandelayo lokubakhipha kule ndawo” kusho uVan der Ross.
Isizathu akasibalulanga sokuthi kungani namalungu omphakathi ekhishwa ehholo.
UWeliswa Madenuka wathuthela emijondolo yaseBurundi elokishini laseMfuleni, eKapa eminyakeni eyishumi edlule. Impilo yakhe ishintshe ngenyanga edlule ngemuva kokuthi imvula ikhukhule umjondolo wakhe, kwaphoqeleka ukuthi ahambe. Njengeningi lomakhelwane bakhe waya ehholo lomphakathi eChris Hani ukuze ayokhosela okwesikhashana.
UMasipala uthi ukuhlala kwabo kuleli hholo akukho emthethweni.
Kodwa uMadenuka uthe yena nezinye izakhamizi eziningi endaweni yangakubo bakhethe ukuhlala kuleli hholo ngoba ngelomphakathi. Bathe bazolwa nokukhishwa kule ndawo ngaphandle uma benikwa indawo ephephile yokubeka imijondolo yabo.
“Basixosha sengathi indawo ilungile. Sekuphele inyanga ngihlala lapha, kuyabanda futhi abukho ubumfihlo. Asikwazi ukwenza izinto ezithile ngoba siyingxube yeminyaka ehlukene,” kusho yena engeza ngokuthi bayazabalaza ukuthola ukudla ehholo.
Elinye ilungu lomphakathi, uNks uNomalungisa Mvakwendlu (38), uthe akazi ukuthi uMasipala ufuna baye kuphi ngoba izikhulu zibonile ukuthi indawo yabo imbi kangakanani.
“Izingane zethu ziyagula ngenxa yokulala phansi. UMasipala kumele uyeke ukucabanga ukuthi sisemaholidini lapha.”
Uthe sebephelelwe yithemba njengoba bese benqume ukuthi ihholo lomphakathi liyindawo ephephile kubona.