Kubhekwe phakathi kwezimbili izinjomane kuDundee July



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kulindeleke ukuthi umpetha womqhudelwano wamahhashi oba minyaka yonke iDundee July, uphume phakathi kwenjomane ebizwa ngokuthi iNxakanxaka noma uTrouble Maker.
Okwenza lokho ingoba la mahhashi emiqhudelwanweni edlule abephuma ngokulandelana. Impi iningi kakhulu, njengoba iqale ngokukhulunywa ngaphandle. Leli phephandaba lihoshe ngomunye osondelene nabanikazi bezinjomanje ukuthi impi inkulu, sebeze mabheja nangezimvu.
Lo mjaho okuzobe kungowe-16 ukhona uzobanjelwa eNdumeni Horse Racing Track, eDundee.
ElaboHlanga libe seliba nengxoxo ekhethekile nabaphathi balezi zinjomane, okuwuDecember Nkosi kaTrouble Maker noMdumane Gama yena ongumnikazi weNxakanxaka. Bekuzwakala bekhuluma ukuthi impela bayazithemba izinjomane zawo.
Nyakenye iDundee July, ihhashi okuyilo elanqoba uTrouble Maker ogitshelwa uLungani Gamede yabe isigoduka nezinkulungwane ezili-R100. Kulo nyaka injomane ezonqoba kumjaho omkhulu izogoduka nezinkulungwane ezingama-R350.
UNkosi uthe: “Umlando uzoziphinda, ihhashi lami yilo elizonqoba nakulo nyaka. Okunginika ithemba elikhulu ukuthi eDundee ibanga lide kakhulu uma uliqhathanisa nezinye izinkundla. Khona liwu-1800m kanti, eKing Cetshwayo khona yabe iwu-1250m lapho saphuma endaweni yesibili. Elami ihhashi liyasizakala uma kugijinywa ibanga elide, ingakho nanyakenye kwanqoba lona” usho kanje.
UTrouble Maker eneminyaka yobudala emine kowabe ungenyanga edlule iKing Cetshwayo June, waphuma endaweni yesibili ilandela yona iNxakanxaka.
“IHhashi lami lincane ngokweminyaka, kodwa indlela elenza kahle ngayo liyamangalisa. UJockey kumele azibambe ziqine angalenzi iphutha kuze kube isekugcineni. Ngisamile namanje ekutheni iTrouble Maker izonqoba, njengoba yenza nyakenye” kubeka uNkosi.
UGama uthe kwenzeka ukuthi uTrouble Maker unqobe nyakenye kodwa kusukela lapho ayilibonanga elidlalayo, nakulokhu ngeke ilibone elidlalayo. INxakanxaka kusukela ngeDundee July edlule, inqobe iSummer Cup eHarry Gwala, owabe useDumbe kanye neKing Cetshwayo June.
“Angikaze ngizwa kuthiwa uNxakanxaka, uyagula. Ukube ngizwile bengizosho ukuthi shuthe kuzonqoba enye injaomane, njengoba ezobe ekhona uyena nakanjani ozonqoba. Alikho ihhashi elifika kuyena, kulawa azobe ekhona. Ngaphandle kwalokho ngiyamthemba kakhulu uJockey wami uDoctor Mbatha, miningi iminyaka engijabulisa nakule mpelasonto nginethemba elikhulu lokuthi uyena ozonqoba lo mqhudelwano. UMbatha uyena kuphela uJockey engiseke ngaba naye, ngikholwa ukuthi usezingeni eliphezulu kakhulu. Nokubaluleka uyakwazi” kubeka uGama.
Yize sebekhulumule labaphathi balezi zinjomanje ezibhekiwe, elaboHlanga liphinde lakhuluma nabasakazi abahlezi besakaza imiqhudelwano lowo nguNdumiso Sikhakhane noJoe Hudla ongadinge kuchazwa.
USikhakhane uthe umthwele ngeqoma uNxakanxaka ukuthi kungaba nguye odla umhlanganiso.
“Ngiyazi iTrouble Maker yiyo evikela isicoco kodwa nonyaka izosizwa ngendaba, iNxakanxaka isefomini eyisimanga kakhulu ngingasho nje ngithi iyona ezonqoba. UMbatha unamava ayisimanga, kukancane enze iphutha zithi zisuka ebe etshengisa ukuthi uyonqoba. UGumede kumele alungise amaphutha, uqala ngegiya eliphansi ethi ephaphama uNxakanxaka usuke eseyonqoba” kusho uSikhakhane.
USikhakhane ube nehhashi lakhe ayelibiza ngoMzomkhulu, waba uJockey ngonyaka wezi-2010 waphuma endaweni yesithathu kuyo iDundee July. Uneminyaka eyi-8 esakaza lo mdlalo.
UHudla uthe: “Kuzoshuba kakhulu impela, oyonqoba uyobe esebenzile ngeke anqobe kalula. Kodwa uNxakanxaka uyena oyimfivilithi yokunqoba lo mjaho. Inkinga kaTrouble Maker wukuthi uqala ngegiya eliphansi kakhulu lokho kunika iNxakanxaka ukuthi intwininize yodwa” usho kanje.
Ubalule ukuthi injomane engabe yiyo enqoba imijaho i-Album inkinga yayo inolaka, yenza amaphutha igcine ihlulwa.