Now Reading
UHulumeni waseNingizimu Afrika, usephenduke omabhajwa bazikhiphe, abakholwa yizagila
Dark Light

UHulumeni waseNingizimu Afrika, usephenduke omabhajwa bazikhiphe, abakholwa yizagila


  • Izigameko ezenzekile zishiya imibuzo ngezobunhloli
  • Ongqongqoshe baphawula selidume ledlula

Kuleli sonto  bekuphela isikhathi esingunyaka kwenzeka izibhelu ezifundazweni ezimbili ezimqoka kuleli, iKwaZulu-Natal kanye neGauteng. Kulezi zibhelu akugcinanga nje kuphela ngokuba kulothiswe ingqalasizinda nokuba kutatshwe impahla emabhizinisini ehlukene kepha kwalahleka nemiphefumulo yabantu abangaphezu kwamakhulu amane. 

Ngalesi sikhathi ukugeleza komnotho wezwe nowendawo kwaphazamiseka  kakhulu kwathi nesithombe ngezwe saba sibi emazweni omhlaba. Umbiko wophenyo ngalesi sigameko  ukhomba phakathi kokunye ukungahleleki kwezinhlaka zokuphepha kuleli nokudonda ukusuka kwezinye izinhlaka zikaHulumeni kubandakanya iKhabhinethi eliholwa nguMengameli uRamaphosa okwathi izwe lisha wabe ukhipha imiyalezo nemibiko eshayisanayo. 

Sikhona esinye isigameko esifuze lesi  nayilapho uHulumeni wagutshuzelwa yisigameko esimweni esejwayelekile  okwabe ngabe samfica esilindele. Lapho yingesikhathi izwe ligutshuzelwe yisimo esafaka izwe ehlazweni ikakhulukazi emazweni ase-Afrika ngesikhathi kuneziwombe zokubhekana ngeziqu zamehlo phakathi kwabakuleli kanye nabokufika  oningi labo labe livela emazweni asezwenikazi i-Afrika. Nakhona izehlakalo zenzeka vele kade kunezinkomba zokuthi lwabe lungase luchitheke udaka.

Olunye udaba  yilelo olwathatha izinyanga nokwakuwumkhankaso wabafundi owaziwa ngele #Fees Must Fall. Nalapha  kwaba yiso leso, uHulumeni kwenzeka into okade kubonakala ukuthi izocijisa imikhonto  ezweni kube nokugqubuzana aye esenolwazi ukuba ingenzeka kepha nalapha wadonda, waphuza ukusuka. 

Udlame oluba semiphakathini ikakhulukazi ngezikhathi zokhetho nalo luphungwa nje kusuke kwaziwa ukuthi imiphakathi isiyasebenzisa izikhathi zokhetho ukuqhakambisa izimfuno zawo ezinhlobonhlobo.  Phezu kwalolu lwazi  njalo uma kwenzeka kuba nemibhikisho emiphakathini nayilapho kugcina kubhujiswe ingqalasizinda amaphoyisa akuleli azithola  engaphansi kwengcindezi okukhomba ukungahleleki ezingeni lobunhloli kanye nezokuphepha jikelele.

Esinye isigameko kube wukungqongqiswa nokuqhinqa kwabashayeli bamaloli emgwaqeni oxhumanisa iGauteng neKwaZulu-Natal nayilapho umnotho wezwe ugeleza khona njengoba impahla engena echwebeni eThekwini kuphazamiseka ukusatshalaliswa kwayo. Nalapha bukhona ubufakazi bokuthi kwenzeka nje ngoba uHulumeni engenazo izinhlelo ezanele zokwelusa imikhankaso edalwa zimfuno zabashayeli.

Ukubulalana kosopolitiki naMakhosi  KwaZulu-Natal ngenye yezinto ezisamhlula nanamuhla uHulumeni wakuleli njengoba ehlale elandela ngemuva kwabenzi bobubi. UHulumeni lapha ugcina edlulisa nje imilayezo “yokuzwelana nokubabaza” singekho isixazululo.

Uphenyo ngalezi zigameko  nezinye lucishe lusho okufanayo nokwabe kusemehlweni abaningi, okuwukuthi izigameko lezi zazingagwemeka, ukube uHulumeni akadondanga ukusuka.

See Also

Abukeka ekwenza kangcono 

Okuqaphelekayo yikuthi kuzo zonke lezi zigameko, uHulumeni uba nento ayishoyo; kusuka ekumangaleni ukuthi okwenzekile kwenzekile kuya ‘ekutheni nakanjani abenzi bobubi bazotholakala’. Lokhu kulandelwa izinkulumo nokuchaza kongqongqoshe abehlukene kokunye bechaza into abazoyenza emuva kwesigameko bengaphenduli ukuthi lokho bekungenzeki ngani isidumo leso singakenzeki. Muva nje kulimale izingane ebezithutheleke endaweni yokucima ukoma eNyobeni. 

UHulumeni nalapha wenze adume ngakho ukuphawula nokukhalela umphakathi ekubeni engachazi ukuthi abantu abangakaya bawephula kanjani umthetho kusuka eminyakeni yabantu abahambele umcimbi owabe ukhona, isikhathi le ndawo yesidumo evulwa nevalwa ngaso. 

Akuveli ukuthi amaphoyisa endawo wona enzeni ukugwema nokuhlela isimo kunalokho yizitatimende njengoba kuhlale kwenzeka nakwezinye izigameko nokuluphawu lukaHulumeni odondayo ukusuka nohlale eziphungela isigameko nesigameko.

Scroll To Top