Ukutshalwa kweNkosi uZibhebhu



UMntwana uBhekizizwe ungusomlando nombhali wezincwadi zomlando.
Kwathi ukuba kuzwakale ukuthi iNkosi uMntwana uZibhebhu isikhotheme abantu, badilika izintaba zonke bephikelele eBanganoma ukuyotshala iNkosi yabo. Amadlangala amabutho ale mbatha lonke iBanganoma, abantu bengangoZulu eya eMakheni.
Uhlelo lonke lokutshalwa kweNkosi lwalwenganyelwe uNdunankulu uMhubulwana kaSikhizane wakwaButhelezi. Kwathi ekuseni amabutho aphelela esibayeni, kwathi aBantwana bona bahlala ngenhla kwesibaya. Kwavulwa ummbelo wesibaya enhla naso, kwase kumbiwa idlinza lanqamula ummbelo wesibaya.
Lambiwa idlinza ingxenye yalo yathatha isibaya enye yathatha igceke, Kwathi uma seliphelile ukumbiwa, amabutho angena esibayeni agcwala kwathi iningi lawo lasala ngaphandle. ABantwana neNdlunkulu bema ngenhla kwesibaya. Kwathi aBantwana abadala kanye nezinduna kwayibona abaletha umzimba weNkosi edlinzeni layo.
Babewuthwele ngohlaka. Usongwe ngesikhumba senkunzi emnyama. Kwathi bengakawehlisi kwezakala uNdunankulu uMhubulwana esememeza ethi akenithule Zulu. Nebala kwathula kwathi cwaka.
Waseqhubeka uNdunankulu uMhubulwana wathi “Namhlanjena ilanga lisishonele muzi weNkosi! INkosi yethu isisishiyile! Kepha asisele sodwa, uzele uNdlunkulu okaMatshana, uzele insizwa iNkosi isishiye noBhokwe uMbuzizasenhla. Nguyena iNkosana. Uzophathelwa umfowabo uMntwana uMchitheki (uMagadavu)”.
Kwathi lapho iqeda iNduna uMhubulwana ukwen za leso simemezelo, kwase kuzwakala uMntwana uMsenteli naye esememeza ethi; “Yimi iNkosana” Esho ephikisa isimemezelo sikaNdunankulu. Kwathi ukuba asho lokho uMntwana uMsenteli, impi yanqumana kabili yaphuma iNkungu kanye neZimbidlezimashoba, behuba bethi:
“Nge-zase-nkanini
Nge–zase-nkanini
I-Mbidla! HE! -HE! –
HE-siqonde
Ha yilwe nabo
Kwansukwana
Zabhalwayo
Zabhalwa
I-Mbidla!”.
Kwacaca kunoma ubani ukuthi induna isibeqhathile, lizogcwala amanzi lonke elakwaMandlakazi. Kuthe itshalwa inkosi yayingasekho yonke iNkungu esibayeni. Yaphuma yawela umfula iVungama yayongenisa enduneni uNomphemba wakwaMyeni.
Kwathi noma iNkungu yaphuma yashiya iNkosi ingakatshalwa kepha umsebenzi waqhubeka ngesikhulu isizotha uphethwe ngaBantwana nezinduna. ldlinza leNkosi lalingaphambi kwendlu eyayaziwa ngokuthi iSigodlo sayo. Lapha eSigodlweni kwakuhlala uMndlunkulu kuphela abantu besilisa bengasondeli khona.
Kwakunezinceku ezazigada iSigodlo. lSigodlo seNkosi sasingenhla kwesibaya siqondene nentuba engena esibayeni. ldlinza balimba laqondana nomnyango weSigodlo seNkosi. Kwathi uma sebeqedile ukutshala iNkosi base belibiya idlinza ngangokuthi ngisho inkukhu yayingakwazi ukungena kulo.
Isikhumbuzo lesi esibonakala lapha sakhiwe iNkosi uBhekintinta nesigungu esengamele ukugcinwa komlando, namagugu kanye namasiko esizwe sakwaMandlakazi. Kwaphela izinsukwana yabuya futhi iNkungu isizokhala. Kwathi ekufikeni kwayo yase ibuza ukuthi izagila zibekwa kwamabani? Ubani ezokhala kuye? Bakhomba uMntwana uMchitheki (uMagadavu). Yaphinde yadikila yabuya futhi yawelela kwaNomphemba. lmbongi yabe seyihasha uMntwana uMagadavu ithi:
“UNomabungubungu
Uzinja ziyabunguza
KwaNomphemba
Zaziyofun, amahlule
MtakaNdaba”
Kwathi uma iNkosi uMntwana uZibhebhu esetshaliwe, wahamba uMntwana wayohlala eMantshini uMashiqeka kwaNongoma. Kuthe uma sesihlambulukile kwase kuphatha uMntwana uHlomuza kaMaphitha, iMboza lakwaNtulindawo.
IMboza leli yilona alabe linguMnawe woMntwana uZibhebhu. UMntwana uHlomuza ngomunye waBantwana ababenohlonze kakhulu ezweni lakwaMandlakazi. Wahlabana eMpini yaBantwana eNdondakusuka evikela untanga yakhe iMboz’ elikhulu lasOndini:
“UMakhand’ angandonda
lngwadl’ emabhudle
lbiyagwaze tapho yabhudla
Umkhonto usibutha
Bantababili eNdondakusuka
UMbandamana wawoManhla.”
IMboza uMntwana uHlomuza akabambanga isikhathi eside, naye oweNkosi washesha wakhothama elandela iNkosana kaYise. Kuthe uma sekukhotheme iMboza laKwaNtulindawo kwase kubamba uMntwana uHhahha kaMaphitha, iShudu laseManqeshaneni.
UMntwana uHhahha yena waziwa ngokuthi kwakuyisiqhwaga sokugcina esasilwa singabheki emuva. Wayenolaka kakhulu oweNkosi, ngangokuthi ngisho uMnewabo uMntwana uZibhebhu wayehla uma iShudu selinengiwe.
lmpi lena yaseNkungwini kuthiwa ubeyithatha ezinduneni iphathwe nguye uma sekumsukile. Wayenesibindi sebhubesi. Kwathi lapho kusabambe uMntwana uHhahha, kwabonakala manje ukuthi uMntwana uMsenteli useyagqisha usenempi. INkungu yonke yayeseka yena.
Kwabonakala manje ukuthi uBukhosi usengahle abubhozomele abuthathe ngejozi, kwabe sekubekwa uMntwana uMagadavu. Kuthe ngenkathi nje kubekwa uMntwana uMagadavu wasuka umbango wema ngezinyawo, uMntwana uMsenteli esefuna ngenkani iSihlalo soBukhosi bakwaMandlakazi.
UMntwana uZibhebhu wayezele kakhulu njengoba amakhosikazi akhe ayebalelwa emashumini ayisikhombisa nanhlanu. Kulukhuni ukuqonda isibalo sezingane zakhe sezizonke azizalayo. Nanxa kunjalo umbango lana wasuswa nguMntwana oyedwa uMsenteli ezinsizweni zakhe. Kwathi noma abambalwa bahambisana naye kepha iningi lema kulokhu okwakushiwo nguyise iNkost uZibhebhu.