Iqhaza elabanjwa aboHlanga ekusungulweni kwesayensi


Ucwaniningo lwezinkanyezi nomkhathi kwaboHlanga alusiyo into entsha kubo. Okumangazayo ukuthi uma ufunda izincwadi esikoleni ezikhuluma ngongcwaningo ngezinkanyezi nomkhathi phecelezi i-Astronomy, akukho lapho aboHlanga bebalulwa khona kusukela emabangeni aphansi kuze luyofika emabangeni aphezulu eNyuvesi. Lolu hlelo lwezemfundo oluchemile lugcina seluba nomthelela omubi kusimomqondo nomfundi woHlanga. Akupheleli ku-Astronomy ngisho zezibalo nezifundo zesayensi azithi vu ngeqhaza elabanjwa aboHlanga akusunguleni nesekuthuthukiseni imikhakha yocwaningo.
Ongoti abaphenya ngohlelo lwezokufundisa phecelezi bayakuveza ukuthi isimo sayo sicheme namazwe asentshonalanga. Umbhidlango wezi-2015 wabafundi we#RhodesMustFall ne#FeesMustFall wakuveza ngokusobala ukuthi uhlelo lwezemfundo lwamanyuvesi luyababandlulula futhi luyabacidezela aboHlanga. Lo mbhidlango waholela ukuthi uMnyango Wezemfundo wamabanga aphezulu uqale uhlelo lokuguqula nokubuyekaza uhlelo lwezemfundo olukhuculula ubukoloni. Abantu abaningi abakwazi futhi abakholwa ukuthi isayensi nezibalo zasungulwa zathuthukiswa aboHlanga emandulo embusweni waseKhemu. Akusilo iqiniso ukuthi isayensi nezibalo kwasungulwa amaGriki. Omunye wosomlando wamaGreek uHerodotus uyakuveza ukuthi umbuso waseKhemu wawakhelwe aboHlanga. Uyaqhubeka akuveze ukuthi abafundi abaningi abahloniphekile bamaGriki bafunda eKhemu, lapho sibala uPlato, uPythagoras no-Aristotle (osesithombeni). Ubaba uCheik Anta Diope encwadini yakhe iBarbaric or Civilization ukuveza ngokusoba ukuthi umkhakha wesayensi nezibalo kwasungulwa aboHlanga embusweni waseKhemu.
Buningi ubufakazi esingabuveza ukufakazela ongoti
Uma uhlaziya igama elithi Science, ngokomlando womsuka wamagama (etymology) kuyavela ukuthi leli gama lisuselwa egameni lesiLatin elithi Scire (to cut, to divide) elihlobene negama lesiGriki elithi SKhizein (to split,to separate). Ngokokwakhiwa kwaleli gama kuyavela ukuthi leli gama lakhiwa ongwaqa S no K, S+K. Uma uphenya uzothola ukuthi SK esiZulwini uqondene negama elithi SiKa. Uma usika into usuke uyihlukanisa phakathi. Ngokuhlaziya ngokolimi kuyavela ukuthi igama elithi Science maningi abathuba okuthi umsuka walo ula kwelengabade.
Igama elithi Chemistry lisho isifundo esigxile oncwaningweni lokwakhekha kwemimoya (chemicals), imisoco (nutrients) nokusebenza kwemvelo (biochemistry). Leli gama lisuselwa egameni elithi Alchemy nalo elisuselwa egameni elithi Khemu. Uma usebenzisa umuthi ngokumangalisayo kuvamisile uzwe abantu bethi “unozibanibani uyalishaya iKhemu”. Indawo lapho kudayisa khona imuthi yesintu kuthiwa iseKhemesi. Lezi zibonelo zisivezela ngokusobala ukuthi igama elithi Chemistry umsusa walo utholaka la kwelengabande.
Ziningi izibonelo asingaziveza ezingakucacisa ukuthi umsusa wesayensi nezibalo utholalaka la kwelegabande. Ngakho-ke kungamapunge ukuthi ulwazi lwezinkanyezi nomkhathi kanye nolwazi lwesayensi nezibalo lwafika nondlebezikhanyilanga. Kusukela emandulo aboHlanga isizwe esasinolwazi olujulile ngokuhlaziywa nokusebenza kwesayensi nezibalo. Lolu lwazi kumele lusabalaliswe luze lifike ezindlebeni zabantu abasha. Ukusabalalisa lolu lwazi kuzosiza ukuguqula isimomqondo saboHlanga sokuzenyeza ngemvalaphi yabo. Sizoletha umoya wokuzethemba nokuzigqaja kubafundi boHlanga abenza izifundo zesayensi nezibalo. Nina beSILO kule ngosi bengithi angisike elijikayo, sizoqubeka kwelandelayo sihlaziya ngokujulile umlando neqhaza elibanjwe aboHlanga ekusungulweni nasekuthuthukisweni kwesayensi nezibalo.