Ukusunguleka kukaVukayibambe nokukhula kukaLembede



UMehluleli uMjabuliseni Isaac Madondo oyiPhini likaMengameli WamaJaji KwaZulu-Natal nongumbhali wencwadi…
Ngowe-1943 u-Olivier Tambo, uWalter Sisulu, u-Anton Lembede noNelson Mandela nabanye basungula uphiko lwentsha lukaKhongolose (African National Congress Youth League) yabe isimiswa ngokusemthethweni ngowe-1944. Isigungu sokuphatha seYouth League, uVukayibambe, kwakunguLembede, u-Ashy Mda, uSisulu, u-Olive Tambo noMandela.
Laba baholi abancane babekhathazekile ngesimo ababesibona sokuthi i-ANC ingahle ife uma kungebekhona amasu namaqhinga amasha okuqhuba umzabalazo, kanye nenqubo yokugovuza umphakathi.
UDkt uXuma wakuchitha konke lokhu wathi aboHlanga bayinhlakanhlaka futhi abafundisekile ukuthi bengaqhuba imikhankaso yabantu abaningi. Isikhathi sokukhala ngenhlonipho sasesidlule.
Ngalesi sikhathi kwasekudingeka ukugovuza nokuvubela umphakathi kanye nokubhekana ngezikhondo zamehlo phakathi kwe-ANC noHulumeni wobandlululo.
U-Anton Muziwakhe Lembede
U-Anton Lembede wazalelwa epulazini iFrank Feli e-Eston eduze kwasePietermaritzburg, esifundazweni iKwaZu-Natal zingamashumi amabili nanye kuNdasa ngowe-1914. Wayeyingane yokuqala ezinganeni eziyisikhombisa zikaMbazwana Martin noMartha Nora MaLuthuli.
Uyise wayeyisisebenzi sase pulazini, unina enguthisha (umfundisi). Anton wafundiswa ngunina ekhaya ukubhala nokufunda walingana nebanga lesine osekuthiwa nguGrade 4. Ngesikhathi lesiya esiphambili kwakuthiwa nguStandard 2. Igama lika-Anton walinikwa ngumfundisi khona laphaya eStoni. Kwathi eseneshumi leminyaka neminyaka emithathu kwakuyila eqala ukufunda esikoleni sasemaRomeni okuthiwa yiNkanyeni.
Ngowe-1933 wabhalisa eKholeji lase-Adams, okwakungesinye sezikole zaboHlanga esasinedumela. ULembede wafundela ubuthishela wathola isitifiketi esasibizwa nge “Native Teacher Higher Primary Certificate”. Okwakubalulekile kuye kwakukunikela emsebenzini wakhe, ukukhalipha ezilimini nakhoke ukuba buswezi bomndeni wakhe. Lokho okwaholela ekuthini abanye abafundi bemuxwaye, bahambele kude naye. Ngaleso sikhathi imibono yayiphatheka kungeyona nje ipoliiki yomlomo.
Wabhala kabanzi ngesidingo nanokuzimela. Lokho kutshengisa umsuka wemibono yesikole ayephuma kuso. Lesi sikole sasungulwa nguDkt uJohn Langalibalele Dube ngemumva kokuzwa imibono nemicabango kaBooker T Washington wase-USA. Ngowe-1936 wathola iziqu zakhe e-Adams.
Akabanga nguthisha nje kwaphela kodwa waqala ukufunda iqhuzu lemfundo okuthiwa iBachelor of Arts (BA), ngesikhathi sakhe engasebenzi. Wagogoda kuyifolosi nakuRoman Law. Ngemumva kwalokho wabhalisela iziqu zomthetho eNyuvesi yaseSouth Afrika (Unisa) waziqeda ngowe-1942 kwathi ngowe-1943 wabhalisela iqhuzu leMasters.
Ucwaningo lwakhe lwangowe-1945 isihloko salo sathi “The Conception of God as Expounded by, or as it Emerges from the Writings of Philosophers – From Descartes of the Present Day”.
ULembede nguyena owayengusihlalo wentsha. Naye akayithandanga indlela yokujamelana noHulumeni wakhetha ukuthi kulwelwe izwe elingenalo ubandlululo ngokwebala noma ngokobuhlanga. Ngenkathi eqeqeshelwa ubumeli ngaphansi kwenkampani yabammeli bakwaSeme wabe futhi esebenza njengomengameli wophiko lwentsha. Noma uLembede ashona esemncane kodwa umbono wakhe wezwe laseNingizimu Afrika engacwasi ngebala waqhubeka.
Ngemumva kokuphothula izifundo zakhe zeLLB (Bachelor of Laws) waqeqeshelwa ubumeli enkampanini yabameli bakwaPrixley ka-Isaka Seme. USeme waseke wathi ukumpotshozela nge-ANC.