Now Reading
“USasko” uthi yize inkonyane isathuka isisinga izojwayela
Dark Light

“USasko” uthi yize inkonyane isathuka isisinga izojwayela

nguSabelo Maphumulo

ULindani “Mantayi” Shezi uyale umdlali onyelwe inyoni esandleni ngokuthi agijime kuDStv Premiership ngesizini ezayo.

Lowo mdlali uThulani “Sasko” Gumede osayiniswe iRichards Bay FC emthathe ku-Ethekwini Coastal egijima ku-ABC Motsepe League esifundazweni IKwaZulu-Natal.  ICoastal esikhiqize inqwaba yabadlali abagijima ebholeni elikhokhelwayo ngeyakhe uShezi.

“Ibhola liyafana liyindilinga lawa ngamazwi engihlezi ngiwasho kubadlali bami. Akukho uSasko okuhlukile okumele akwenze, ngaphandle kokuthi kumele alalele abaqeqeshi, aqhubeke nokuhlonipha ibhola. Kulokhu akwaziyo engeze kukhona, nakanjani uma engenza njalo uzophumelela azenzele igama,” kusho uShezi.

USasko uthulwe nabanye abadlali abayisi-9 abazogijima kwiRichards Bay FC ngesizini ezayo. Kwabanye abadlali abakhona uYanela Mbuthuma obekwiThohoyandou FC ku-ABC Motsepe League,  uMicheal Gumede obekwiLamontville Golden Arrows, uMatome Mabeba obekwiTS Sporting, uSibusiso Mthethwa osuka kwiStellenbosch, uNdiviwe Mdabuka obekwiCape Town All Stars, uSanele Barns obekwiTuks, uSiyanda Dlamini osuka kuThongathi FC, uNtuthuko Mabaso noNkanyiso “Pelembe” Zungu akade beku-Orlando Pirates. 

Eqhuba uShezi uthe: “Ngiyazi ukuthi baningi abangani abasha asebezosondela kuyena abahle nababi, ngalokho ngiyafisa aqhubeke nabantu akade ephila nabo. Okunye ngifisa engathi engangalimala, enze into adume ngayo ebholeni okuwukuhadulisa amadoda, avalele phakathi namagoli”.

Uphinde wabalula ukuthi abadlali abadlala eqenjini lakhe banenhlanhla ngoba njalo uma kuvalwe isizini abadlali  abadlala esigabeni esikhokhelwayo bayafika bezobakhuthaza, ngokuthi bajime nabo. Abanye balabodlali uBrian Hlongwa noNkosiyazi Maphumulo boThongathi FC noSihle Nduli osekwiStellenbosch.

Umlando uyakuveza ukuthi abadlali abaqhamuke ngaphansi kwesandla sikaShezi bafike benze kahle lapho bethola khona ithuba lokuziveza. UZungu ungomunye wabadlali abadlale ngaphansi kwakhe, uSiyanda “Magazi” Xulu uphekwe uyena, uSifiso Mulungwana, uThabani Zuke ongukaputeni weLamontville Golden Arrows,  uHlongwa, uSphamandla Sabelo nabanye abadlali abaningi.

ElaboHlanga liphinde lalumana indlebe naye umfo kaGumede, ukuzwa ukuthi kusho ukuthini ukuthola le ngqayizivele yethuba.

“Kuze kube imanje angikakholwa ukuthi ngabe imina ngempela lona osezodlala ebholeni elikhokhelayo, ekubeni ngisuka ku-ABC Motsepe League. Ngibonga kakhulu kumqeqeshi uMantayi, ngayo yonke into angenzele yona uqathe indima enkulu ukuthi ngibe lapho engikhona namhlanje. Noma ngiphelelwa amandla ubengithethisha ethi angishoshele phambili,” kusho uGumede.

Lo mdlali oneminyaka yobudala engama-21, ukhulele emndenini omkhulu eMount Moriah ufunde eSlimela Primary School, eMount Royal Combined School, wabe eseqedela eZeph Dhlomo Secondary School. Unina usaphila kodwa uyise usewahamba emhlabeni.

Ukudlala ibhola ukuqale ngonyaka wezi-2008. 

Ebuzwa ukuthi kusukela eqalile ukujima noRichards Bay FC ngabe mngakanani umehluko naku-Ethekwini Coastal uthe: “KuCoastal besigijima kakhulu kanti lapha kusukela ngiqalile ukujima sidlala ibhola isikhathi esiningi,” usho kanje.

See Also

Lo mdlali ozifela noNeymar Jnr waseBrazil uthe usekulungele ukudlala esigabeni esikhulu kodwa uvalo oluncane lukhona. Uphinde wathi abantu abalindele ibhola lakhe lokujika okuyiyona into adume ngayo. 

“Ngifisa ukuguqula isimo sasekhaya sikwazi ukuphila impilo engcono, okunye ukuthi ngibe nomuzi wami umndeni wami nezimoto. Ngasohlangothini lwasenkundleni ngifuna ukuthola ithuba eliningi lokudlala ngivalele phakathi namagoli,” kusho uGumede.

Uthe isikhathi esiningi usichitha noLanga Mhlongo ojoyine iRichards Bay FC esuka kuyona iCoastal.  Uthe uzoncika nakubantu abadala abazomkhulisa, bameluleke lapho aphambuka khona. 

Ekhuthaza abadlali abasebancane uthe: “Ayikho into edlula ukuhlonipha abaqeqeshi nebhola imbala. Kuyenzeka empilweni lo muntu ongamhloniphi kube uyena omdingayo kusasa, ukuze kuzovuleka iminyango emikhulu. Noma bedlala bazimisele ngoba abazi ukuthi ubani osuke ebabuka ngaleso sikhathi” kusho uGumede.

IRichards Bay FC kaSfiso Jomo Biyela, ngaphambi kokuthi iqale imidlalo yeligi izodlala kowePrince Mangosuthu Legacy Cup ezokuba mhla zingama-23 nePremier’s Cup yona ezoba mhla zingama-30 kwephezulu. 

Scroll To Top