Ezezithuthi: Umgwaqo omkhulu uN3 unezingozi eziningi


UNational Road Number 3 (N3) umgwaqo ophuma eThekwini odlula eFree State uthinte enye ingxenye yeMpumalanga uphelele eGoli. Lo mgwaqo bawubiza ngomgwaqo webhizinisi, angithi eThekwini kunomtata, eGoli kunezimayini, izindawo zomnotho lezo zombili eNingizimu Afrika. Umgwaqo omatasa kakhulu lona futhi umgwaqo osheshayo. Ngokujwayelekile kuyabiza ukuwusebenzisa ngenxa yamaToll Gate amba eqolo – ukusuka eThekwini uya eGoli udlula amaToll Gate ayisihlanu kanti udizili nophethroli kuyabiza kakhulu.
Kamuva nje lo mgwaqo usuphenduke ‘umalugaju’ oqotha imbokodo nesisekelo kubantu abawusebenzisayo. Lokho sikuthathela ezingozini esezivamise ukwehla kuN3 Peter Brown, izingozi ezinyantisa igazi. Omunye umthelela walezi zingozi ukuthi umgwaqo uyalungiswa, kanti ngakolunye uhlangothi nabashayeli bamaloli banomthelela kulezi zingozi, nabo abashayeli bezimoto ezincane singebashiye ngaphandle, nawo uMnyango Wezokuthutha uneqhaza olubambile.
Kunohlelo lokulungisa umgwaqo oluzothatha iminyaka eyisithupha kuya kweyisishiyagalombili. Ilolu hlelo olwenza kuhlale kunesiminyaminya esingalawuleki kuN3, okuyisona futhi esidala bephelelwe ukubekezela abashayeli. Uhlelo oluqondile lokwazisa umphakathi nosomabhizinisi kubonakala sengathi alulandelwanga kahle. Iyona ngxenye le edala lesi siminyaminya. Indlela ekuncishiswe ngayo umgwaqo nayo ayigculisi, isibonelo: kunomzila omkhulu owenzelwe amaloli bese kuba khona omncane ngokwedlulele ovulelwe izimoto ezincane, lolu hlelo alukaze luchazwe emphakathini ubona ngoba usufike khona ukuthi kuyashintsha ukudla epuletini. Kumuntu nje owumsebenzisi womgwaqo ayimnikezi isithombe esigcwele ukuthi kwenzakalani laphaya, yingakhoke kudaleka izingozi. Kwakhona kunomzila oqala umkhulu ugcine usumncane, nawo awazi ukuthi kwenzakalani ngawo. Ngingathi nje ngamafuphi ukwenziwa kwaleya mizila kuyabadidisa abasebenzisi bomgwaqo. Uma kusenaleya mzila enje kusho ukuthi izingozi angeke ziphele. Into engaqeda lokukudideka ukuthi kwenziwe umzila owodwa, kuyezwakala futhi isikhalo sabasebenzisi bomgwaqo abanye bethi ngeke kulunge ukuthi umzila ube wodwa. Uma kunjalo sekumele kube uMnyango Wezokuthutha ozothatha isinqumo. Kwakufanele ukuthi mhla ucatshangwa ukuthi umgwaqo uzonwetshwa kuthintwe zonke izinhlaka ezifanele kudingidwe ngalolu daba lungakayidali inkinga. Sekunzima ukululungisa lolu daba manje kube kusetshenzwa.
Ukulungiswa kwalo mgwaqo bekudinga sengathi isibalo samaphoyisa singenyuka kunalesi esijwayelekile. Uyazi uma udlula laphaya uyaye ubone isibalo samaphoyisa kuthi gqwa gqwa njengamafu esibhakabhakeni. Lokhu kuchaza ukuthi amaphoyisa omgwaqo awakwazi ukumelana nalesi sisminyaminya esidalwa ukwakhiwa komgwaqo. Ukwakhiwa komgwaqo kudinga amaphoyisa amaningi. Kwakufanele bakubheke ukuthi uma belungisa lo mgwaqo kuzomele ukuthi beqashe amaphoyisa amaningi. Ubuningi bamaphoyisa omgwaqo kuzokwazi ukulwa nalesi sihlava sabashayeli bamaloli abaphuma eceleni njengentuthu yebhasi. Ukungabikhona kwezinombolo ezanele zamaphoyisa kudala ukuthi kuloya mgwaqo kube kwaMachanca kwampunzi edla emini.
Sicela abashayeli bahloniphe umthetho womgwaqo bengazithethisi izinkabi bazibambe ngomthetho omdala kaMose kwezaseBhayibhelini ngoba uma bezithethisa bayosabela kude njengo-Adam. Mide imigqa laphaya kodwa siyanxusa ukuthi ababekezele umoya bewubeke phansi.
Angethembe nidle amaningi esakeni.