Now Reading
Izithangami zokubeka izimvo zeDA KwaZulu Natal
Dark Light

Izithangami zokubeka izimvo zeDA KwaZulu Natal

Njengeqembu leDA KwaZulu-Natal sisungule uhlelo olubizwa nge-Isithangami. Njengoba igama lizichaza, lena inkundla yokwabelana imibono. Injongo yale nkundla ukuvula ithuba lokuthi abantu bakulesi sifundazwe bancele ulwazi bese beba nezwi futhi ezihlokweni ezithinta bona ngqo. Njengoba leli lizwe nomhlaba jikelele libhekene nobhubhane ukhuvethe, sibone kumqoka ukuthi kube nenkundla esebenzisa bona ubuchwepheshe bezokuxhumana yokuthi singayeki ukuxhumana.

Inhloso yokuqala lolu hlelo kwakukuthi sikwazi ukuxhumana nabantu bakulesi sifundazwe njengoba sisabhekene nobhubhane ukhuvethe oselwenze kwabanzima ukuthi sifinyelele kubo mathuba. Okunye kwaba ukuthi sinesifiso sokudlulisela ulwazi lolu esinalo nesilutholayo emphakathini ngalolu bhubhane nendlela abangazivikela ngayo. Njengeqembu lepolitiki eliphikisayo sasinesifiso sokuvula inkulumompikiswano nemibono eyahlukene.

Kuyiqiniso elinganakuphikwa ukuthi uHulumeni wakuleli wehlulekile ukulawula lolu bhubhane kunalokho wenza impilo yabantu ukuthi ibe nzima kakhulu kunakuqala. Bheka ngoba kuyimanje sinamacala amakhansela nezinye izikhulu zikaHulumeni ezibhekene nawo mayelana nokuntshontshwa kwezinsizamphakathi ezazikhishiwe ukulekelela kulesi sikhathi.

 Ngisho abomthetho imbala esasithembe bona ukuthi bazolekelela emiphakathini ukulawula lolu bhubhane nezinga lokuphepha libe ngcono benza okwabo. Sinesibalo esishaqishayo sabantu abahlukunyeziwe, bashaywa ngesihluku baphinde babulawa ngamasosha namaphoyisa. Lolu hlelo luvame ukuba ngaphansi kwamahora amabili okuthi uma sesiqedile siphendule imibuzo yomphakathi abangaba nayo mayelana nekade sikhuluma ngakho. Ohlelweni simema izihambeli esezimnkantshubomvu mayelana nesihloko esisuke sikhuluma ngaso ngaleso sikhathi. Amalungu eDA ezigabeni ezahlukene nawo aseke aba yizimenywa zesithangami ukuba azokwabelana ngolwazi.

Isithangami siqale saba wuhlelo oluvalelekile lwabaseqenjini kuphela, ngokuhamba kwesikhathi lwavuleleka emphakathini njengoba nakuFacebook usungavula ulwethamele uphose nemibuzo.

Ezinye zezinhlelo zokuqala esabanazo kwaba ilelo uMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi lapho esasimeme khona omele iDA kulesi sifundazwe, u-Elma Rabe, kanye nakuzwelonke, uBridget Masango kulo Mnyango. Emva kokuthi uHulumeni ememezele usizo ayezolekelela ngalo ukususa ikati eziko ngesikhathi salolu bhubhane, okubalwa amaphasela okudla, ama-R350.00 owawuzotholwa abangasebenzi, imali ye-Unemployment Insurance Fund (UIF) njengoba izinkampani eziningi zazivaliwe nolunye usizo. Lapha sasibheke kakhulu ukuthi abantu bayazi yini ngalolu sizo siphinde sibalekelele uma befisa ukufaka izicelo zosizo. Lokhu kwaba nomphumela omuhle kakhulu njengoba iningi labantu abeza kithi ukuthi sibasize baluthola usizo. Ongakhala ngakho ukuthi yize sebekwenze konke okudingekayo uHulumeni wehluleka ukubasiza.

Esinye isithangami esaba wusizo yilapho esasimeme khona abamele iDA kuMnyango Wezokubusa Ngokubambisana Nobuholi Bomdabu (CoGTA) kuzwelonke nasesifundazweni, uHaniff Hoosen kanye noMbali Ntuli. Lapha sasidingida okungenziwa omasipala ukumelana nalolu bhubhane kanye nezindlela abangalekelela ngazo umphakathi. Emva kwalesi sithangami iningi labaholi bethu komasipala bafaka izicelo zokuthi abantu bangawakhokhi amaRates njengamanje kepha bawakhokhe kancane kancane lapho sebebuyele emisebenzini. Akugcinanga lapho bafaka nezicelo zokuba imiholo yamakhansela kanye nezikhulu zikamasipala inganyuswa kepha leyo mali isentshenziswe ekulekeleleni emiphakathini. Yize iningi le-ANC komasipala lasishaya phansi leso siphakamiso siyajabula ukuthi uMphathiswa walo Mnyango, uMnu uSipho Hlomuka wagcina evumelene nathi ngalokhu kuMasipala waseMgungundlovu. Nakhona abe-ANC sigcina babehlela ukujuba ithimba eliyokhuluma noHlomuka ukuthi abuyekeze lesi sinqumo. Nakho-ke uMcwaningimabhuku Jikelele eseveza ukuthi lo Masipala uhamba phambili KwaZulu-Natal komasipala abangenzi kahle, lokhu esithemba ukuthi kuyobangela i-ANC ukuthi igobe uphondo enkanini yokufuna konke kuze kuyo ikhohlwe usizi lomphakathi.

Sekukaningi amalungu eDA ebhecwa ngobende inyama engayidlanga ngenxa yalabo ababili abathathu abacwasa ngokwebala eqenjini. Empeleni iDA yilo lodwa iqembu elilwela ukulingana kwabantu futhi siyazigqaja ngokuba yiqembu elimeleleke ngabantu abahlukahlukile ngokwebala nobuhlanga.

Amanye amaqembu ezombusazwe abe esekusebenzisa kabi lokhu hhayi ngoba ekhathalele abantu kepha kuwukuthi bazifunela amavoti. Bafunza abantu baseNingizimu Afrika ushevu ngalokhu ukuze bona bathole ithuba lokuqhubeka bazinothise nemindeni yabo. Uma ubheka iningi labantu yikho elikusabayo kuDA lokhu okube sekuvala amehlo kuzo zonke izinto ezinhle ezenziwa ileli qembu. Engingakusho nje ukuthi obe nenhlanhla yokufunda lapha akazenzele yena ucwaningo ngeDA nesikwenzayo komasipala lapho esiphethe khona.

Imibhikisho yakamuva ye#BlackLivesMatter yiyo eholele ekutheni sibe nesithangami lapho sikhuluma ngodaba lokucwasana ngokwebala. Lapho sasimeme umhlaziyi wezepolitiki, uSiya Khumalo, owakhuluma kabanzi ngodaba lwebala nobuhlanga. Lena kwaba ngezinye zezithangami ezabe zishube kakhulu lapho abantu beveza imibono yabo ngoba lokucwasana ngokwebala okusadlangile ezweni lakithi. Ngiyajabula ukusingatha lolu daba ngoba ngibona sekuyiso lesi isikhathi sokuthi iNingizimu Afrika yonkana ikhulume ngendaba yebala ukuze sithole isisombululo ukuthi sidlula kanjani odabeni lokucindezelana ngokwebala.

Ingwadla enye ebhekene neNingizimu Afrika ileyo yokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane. 

Izwe lethu lithathwa njengalawo aphezulu emhlabeni ekubulaweni kwabesifazane nezingane ngabesilisa. Usuku nosuku izwe lethu lingena ehlazweni lowesifazane noma ingane ebulewe ngesihluku ezandleni zomuntu wesilisa. Isithangami sabe sesimema isazi kwezengqondo nomfundisi uNks uJanine Shamoos ukuthi azochaza kabanzi umsuka wale nkinga nokuthi njengezwe singayinqanda kanjani. UNks uShamoos njengomuntu onolwazi olubanzi ngale nkinga wangena wagxila emsukeni wenkinga yokuhlukumeza nokuthi njengezwe kumele senzenjani ukuzikhipha kuleli hlazo.

Esokugcina isithangami esibe naso ngoMsombuluko lo esiphuma kuwo besikhuluma ngento ebaluleke kakhulu umhlaba. Abantu uma becabanga ukuthi iDA imephi ngokubuyiswa komhlaba bake bavele bazitshele ukuthi asifuni abantu bathole umhlaba, okungesikho. IDA ayiphikisani noMthethosisekelo ogunyaza ukuthi abantu babuyiselwe umhlaba siphikisana nendlela uHulumeni afuna ukwenza ngayo lokhu okungaholela ekutheni silahlekelwe okuningi kube khona nendlala.

NjengeDA ukuzama ukusiza labo abangenalo ulwazi ngamatayitela sijube elinye lamakhansela ethu laseThekwini, uZamani Khuzwayo ukuthi afundise aphinde aphendule imibuzo yomphakathi ukuthi bangawathola kanjani amatayitela. UKhuzwayo utholakala njalo ngoLwesithathu ku-Izwi Lo Mzansi 98.0 FM ngelesi-8 ekuseni, lapho esesize khona iningi labantu.

See Also

Sisakhuluma ngendaba yomhlaba sithi wonke umuntu owaphucwa umhlaba ngendluzula ngesikhathi sobandlululo kumele awuthole lowo mhlaba. Ama-37,9% womhlaba esinawo umhlaba wezolimo, lokhu kubeka ngokusobala ukuthi sithembele kulokhu hhayi ngokohwebo kuphela kepha nokudla esikudlayo. Njengeqembu sibona ukuthi kumqoka ukuthi umphakathi uchazelwe ngolimi lwawo lezi zihloko ezimqoka zokuthi yini ngempela eyokwenzeka uma kuphasiswa izinto ezifana nokudliwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo okuyosho ukuthi uHulumeni nguye osengamele umhlaba. Umlando kaHulumeni ekusingatheni izikhungo eziningi ezifana noSAA, iSABC, iDenel nezinye awumuhle kahle njengoba sizibona ziwohloka ngenxa yenkohlakalo. Ukunikezela kuHulumeni umhlaba ukuthi ulawulwe uwo kuyobeka engcupheni enkulu leli zwe ukuthi ligcina selingene shi ekwentuleni ukudla nobubha obungakaze bubonakale ngenxa kaHulumeni oseziveze kaningi ukuthi uyahluleka ukusingatha izikhungo asuke enikwe amandla okuzengamela.

Abantu banawo umhlaba wokulima ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya kodwa uHulumeni akabeseki kulokhu, ngokubafundisa kabanzi ngokulima ukuze bakwazi ukuzenzela. Kunalokho ubakhohlisa ngezimbewu zokutshala eziphela ngokushesha.

Ohlelweni lwangaleli sonto sikhe phezulu isihloko se-INgonyama Trust, lesike isihloko esimqoka kakhulu nesiyinzukazikeyi kongasiqondi. Iqembu leDA aliphikisani ne-Ingonyama Trust, esikufisayo ukuthi izinto bazenze ngendlela ezohlomulisa abantu. Ngenxa yalokhu sibe sesiphakamisa ukuthi udaba lomhlaba luphinde lubuyele etafuleni lubhungwe kabanzi. Ngesonto elizayo ke nginqume ukumema uMehluleli uNgwenya ukuthi azoba ingxenye yaso lapho ezobeka esithombeni umphakathi ngomlando wale Trust ukuthi imeleni kanti futhi lithini ikusasa layo. Kulesi sithangami uMehluleli uzobe eneka ulwazi ngeTrust ekanye nezinye izihambeli zethu kubhungwa ngodaba lomhlaba jikelele.

Lokhu sikwenza ngoba sibakhathalele abantu bakulesi sifundazwe ukuthi bahlome ngolwazi baphinde balalele imibono eyehlukahlukene yezazi ezizobe zimenyiwe kule nkulumompikiswano.

Kuze kube imanje emva kweminyaka engamashumi amabili nanhlanu yenkululeko, udaba lomhlaba luseyinkinga enkulu, lusathunuka abaningi, sibona kuyiso isikhathi sokuvula inkundla efana nalena yokuzwa imibono eyehlukile ngomhlaba kanye nendlela eya phambili ngokuthi umhlaba ungenziwa njani ukuthi uhlomulise bonke abantu ngendlela enobulungiswa.

Isithangami sizolokhu siqhubekile nokuza nezihloko ezahlukene ezikhathaza umphakathi lapho sikhuluma ngaphandle kokuchema nokwenzelela, lapho sidedela abantu bakhulume ngokuzimela nangokukhululeka. Bonke abantu bamenyiwe ukuthi balandele lezi zinkulumo kuZoom nasekhasini lami likaFacebook elithi Zwakele Mncwango – DA KZN Leader.

Asihlanganeni njalo ngoMsombuluko ngehora lesibili ntambama.

Scroll To Top