UMsuthu uyintonga yethusi yaboHlanga ekulondolozeni ifagugu



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Ngisho eselilungu leSishayamthetho KwaZulu-Natal umfo kaMaphalala ubetshakadula ngesiZulu kuthi ongezwa abuze kwabazwile noma alekelelwe ngotolika
Kwathi ngesikhathi abantu sebemagange ukubona nokulalela isethulo sikaSolwazi obekade emenyezelwa nokwathi angangena kwaba nokuhhumuzela kokumangala. Owayengena nowa elindiwe nguSolwazi uJabulani Maphalala owangena egunjini lapho kwabe kunohlelo lwesifundo ngomlando wase-Afrika. Ungena nje lapha uMsuthu udle imvunulo yakhe, ibheshu uphethe nenkabi yakhe nezinduku. Okunye okwafike kwamangaza abaningi wukuthi kuso sonke isethulo sakhe samakhasi angama-20 akafaka ngisho elilodwa igama lesiNgisi.
Lokhu kakuqali njengoba ngisho lapho eselilungu leSishayamthetho KwaZulu-Natal umfo kaMaphalala ubetshakadula ngesiZulu kuthi ongezwa abuze kwabazwile noma alekelelwe ngotolika – uma ulinde ukuthi axolise ngalokho uyobe uzichithela isikhathi ngoba ngeke akwenze lokho. Uthando lwakhe lolimi kanye nomlando lumenza abe ngohlukile. Ukuzigqaja kwakhe ngolimi nokuba yisishabasheki samasiko nefagugu laboHlanga ubeliveza ngisho ekwaNgqondonkulu njengoba lapho kubhalwa izivivinyo zezifundo zakhe zesiZulu ubethi abafundi kababhale ngolimi lwabo nokwamdalela amazinyo abushelelezi kepha kwakungekho okwakungamvimba ngoba le yinsimbi kayigobi!
USolwazi uMaphalala wazalelwa esizweni saseMangwaneni lapho ukhokho wakhe uMlotha kaNungwana kaKhoza wayeyinduna yeNkosi uZikhali kaMatiwane Hlongwane. Uhambo lwakhe kwezemfundo luhlabahlosile. Ngemuva kokuqeda ibanga leshumi oHlange High School ngaseNanda ngowe-1970, waphikelela eNyuvesi yakwaZulu, oNgoye lapho azuza khona le ziqu zemfundo ephakeme: zeB.A, zeB.A Hons [izifundo ezimbili waziphumelela ngamalengiso], nezeM.A: wacubungula ngokuzimbadakanya kwamabutho kaZulu eMpini yamaNgisi namaBhunu [1899-1902] ngowe-1879. Wenza iziqu zobudokotela kwezomlando eNyuvesi yaseSouth Africa lapho acubungula khona ngenqubomgomo yoHulumeni bamaBhunu aseNtilasifali neKoloni yaseNatali eyayibhekiswe eNgonyameni uDinuzulu [1897-1913].
Washicililela imibhalo eminingi emayelana nomlando wamaZulu eyashicilelwa kumaJenali afana noHistoria [1977-1981], phesheya kwezilwandle embhalweni othi: The Zulus and the Boer War [1899-1902], kuHistory Today, January 2000. Washicillela neminye imibhalo kuPublication Series of the University of Zululand.
Ngowezi-2002 washicilela ibhuku elithi: iNgonyama uZwelithini Mbongizozwa. Wabhalela amaphephandaba: iBAYEDE, uMlozi weZindaba, Isolezwe neLanga, ngezihloko zomlando wezwe lakwaZulu nezizwe zalo. Waba yiSekela likaSihlalo WamaKomiti ePhalamende ePietermaritzburg [2004-2009]. Manje usenguKhomishana weCommission on Traditional Leadership Disputes and Claims nayilapho ayeveza ulwazi olumqoka lomlando wezizwe nabantu.
Ngesikhathi sokubusa kwaso ISILO esidala besimsebenzisa uMsuthu ekubhuleni amawongowongo amaningi abebhalwe ngoZulu naboHlanga jikelele futhi eba yihawu lapho kuhlaselwa uBukhosi. Waba ngomunye abethula ubufakazi ngokujutshwa yiSILO esidala kuyovikelwa uMkhosi WoSwela ababethi kawuvalwe abathi bangabavikeli bezilwane. Umehluleli kuleli elabe liseNkantolo Enkulu eMgungundlovu waliphimisa elokuthi akakwazi ukuphikisana nolwazi olujule nelwabe luphakwa nguMaphalala. Akangcinanga lapho kepha ezindabeni ezithinta imikhosi kaZulu ubhale kakhulu ngenhloso yokufundisa aboHlanga.
Ngonyaka wezi-2005 waba yingxenye yethimba Isithangami Somlando kaZulu nesabe sijutshwe yiSILO esidala ukuba sihlanganise umlando kaZulu futhi siwuqophe ngesiZulu. Akagcini ngokukhuluma nje ngomlando uMaphalala kepha uyabhala, akhiqize ulwazi nobufakazi. Phakathi kwamabhuku awabhalile kukhona: ethi Umlando WaMakhosi Esifundazwe SakwaZulu, ethi INgonyama NaBantwana BaseNdlunkulu Kusukela Endulu, ethi Izingxabano ZaMakhosi Esifundazwe SakwaZulu, ethi INgonyama UBhekuzulu Nyangayezizwe KaMaphumuzana KaDinuzulu Nomnikelo Wayo Ekuthuthukiseni Isizwe SamaZulu. Ngowezi-2002 washicilela ibhuku elithi: iNgonyama UZwelithini Mbongizozwa. Waqhubeka ngowezi-2013 washicilela amabhuku amabili omlando: Ngawo lowo nyaka washicilela ibhuku elithi: IziNgonyama NaBantwana BaseNdlunkulu Kusukela Endulo.
UMsuthu waba yilungu leSishayamthetho iminyaka emihlanu ePietermaritzburg eliSekela Sihlalo WamaKomiti (2004-2009). Uke waba nguKhomishana weCommission on Traditional Leadership Disputes and Claims. Yize asathatha umhlalaphansi uyaqhubeka nokuba yintonga yethusi nesikhuphekhuphe, usengumabizwasabele uma nje impi ingokuvikelwa komlando nefagugu laboHlanga.