Now Reading
Umphakathi wakwaNomdiya wamukele ngentokozo ukuvulwa kwehholo
Dark Light

Umphakathi wakwaNomdiya wamukele ngentokozo ukuvulwa kwehholo

Zizwakalile izikhalo zamalunga omphakathi wakwaNomdiya eNkonjeni ngaphansi kwesizwe saseMambatheni, akade elokhu ekhala ngokwakhelwa ihholo lomphakathi.

Amalunga abesekhathele ukushiswa yilanga, amakhaza ashubisa umnkantsha, nezimvula. Leli hholo livulwe ngokusemthethweni ngoLwesibili, lakhiwe uMasipala wasOndini. Lingezinye zezinhlelo zikaMasipala ukuqeda nya ukubambela imihlangano phansi kwezihlahla, imishado nokunye okudinga indawo enkulu nesesimweni esingesihle. Izimvula ezimamandla zibangela itwetwe emphakathini njengoba kuyaye kwenzeke izinhlekelele kubhidlike imizi bese kuvulwa lezi zakhiwo ezifana namahholo ukukhoselisa abantu bebe besacoshelwa usizo.

Induna yendawo uMnu  uMhlangabezeni Madlopha ubongele umphakathi wakwaNomdiya eNkonjeni ngaphansi kwesizwe saseMambatheni ngokuvulwa kwehholo lomphakathi ngokusemthethweni iMeya kaMasipala wasOndini uMnu uWilson Ntshangase.

“Ngibongela abantu beNkosi yakithi eMambatheni ngokuba leli hholo lakhiwe lize liphele. Ngoba kwezinye izindawo isakhiwo sikaHulumeni siyaye sithathe isikhathi eside sakhiwa ezinye zize zicekelwe phansi zingaphelanga. Sibonga uMkhandlu wasOndini ngokusazi ukuthi nathi singabantu lapha eMambatheni,” kubeka uMadlopha

IMeya kaMasipala wasOndini uMnu uNtshangase unxuse umphakathi wakwaNomdiya ukuba usiphathise okwezikhali zaMantungwa lesi sakhiwo. 

See Also

“Siyaqhubeka ngokwakhela abantu bakithi izakhiwo ezisezingeni. Ngingabala kwaJikaza, Kweyezulu, Netambonde, eThokoza, kwaBayeni nezinye izindawo amahholo lawa asezophela siwavule nawo. Izinkundla nazo zikhona esezizophela, ezinye zazo ziyakhiwa kumanje,” usho kanje uNtshangase. 

IMenenja kaMasipala ebambile uMnu uSandile Khomo uncome umphakathi wakwaNomdiya ngokuphuma ngobuningi bawo ukuzokwemukela isakhiwo sawo.”UMkhandlu wasOndini usebenzise inkece ebalelwa ezigidini ezi-R4,2 ukwakha lesi sakhiwo. Awugcinanga ngezindonga kuphela kepha liwubukhazikhazi besimanje, izitulo amatafula nakho konke okudingekayo kwangaphakathi. Sizoqhubeka sethembeke emiphakathini yethu siwumasipala wasOndini. “

Scroll To Top