Now Reading
Ichilo isibhedlela sombutho sintula izinsizakwelapha
Dark Light

Ichilo isibhedlela sombutho sintula izinsizakwelapha

Umbutho wezokuvikela iSouth African National Defence Force (SANDF) uphenya izinsolo zokuthi isibhedlela iWynberg  Military Hospital, eKapa, sixosha iziguli ngenxa yemishini yokwelapha ephukile.

NgoMsombuluko, uGlenda Pontes ujikiswe ngesikhathi eya esibhedlela eyohlolwa iX-ray njengoba wayedonsa kanzima uma ephefumula.

Uthi utshelwe ukuthi imishini yeX-ray esibhedlela ayisebenzi. “Ngaya endaweni yabalimele njengoba ngangihogele into exubene ne-amoniya ngephutha ngesikhathi ngifutha. Amaphaphu ami athintekile futhi ngingakwazi ukuphefumula, udokotela wangithumelela iX-ray yamaphaphu, ngathola ukuthi ibingekho imishini ebisebenza. Ngangingeke ngikwazi ukuya eSimon’s Town ukuze ngiyohlolwa i-X-ray, ngakho ngaqhubeka nokuhlala ukuze ngikwazi ukuthi ngibonwe. Ngemva kwemizuzu embalwa, okwakuzwakala sengathi amahora, ngathola iX-ray ehambayo” kusho uGlenda.

Lo wesifazane uthe isisebenzi satshela abantu abathathu ukuthi bathuthwe ngeSonto kulesibhedlela ngoba imishini ebalulekile ibingasebenzi. Uthe azikho izaziso ezifakwayo ukuxwayisa abantu ngokuntuleka kwemishini yokwelapha esebenzayo. 

“Iphuzu liwukuthi ukuthi isibhedlela esikhulu sezimpi singabi nayo imishini yeX-ray eyanele esebenzayo, kuyasiphazamisa kakhulu. Kusenza sizibuze ukuthi sizokuthola yini ukunakwa kochwepheshe esimweni esiphuthumayo,” kubeka uGlenda. UGlenda uthe yena nomyeni wakhe baba nesandla esikhwameni sezokwelashwa kwezimpi iminyaka ecishe ibe ngama-40, ngakho lesi simo siyabakhathaza.

Umhlengikazi igama lakhe elingavezwanga  uthe sekuphele amasonto isibhedlela singenazo izinto zokwelapha.

“Bekunamahlebezi okuthi kungenzeka basivale unomphela isibhedlela, okubuhlungu kakhulu ngoba sonke sithembele kakhulu kule misebenzi. Kodwa kuze kube manje abaphathi bebengakaxoxi nabasebenzi. Sonke sisebenza indlela engaqondakali manje, ngoba asazi ikusasa lethu lime kanjani. Kuthunyelwe i-imeyili ethi olayini besibhedlela abangasebenzi ngenxa yezinkinga ezithile zokuxhumana phakathi kweTelkom neSilvermine. Asikwazi ukuthola izingcingo noma (ukushaya izingcingo)” kusho lo mhlengikazi.

Okhulumela iSANDF uSiphiwe Dlamini uthe, lolu daba selwethuliwe kudokotela ohlinzayo jikelele futhi lubhekwa ngohlelo lwangaphakathi lokuthenga ukuze izikhungo zezempilo zikwazi ukusebenza kahle ngemishini yezokwelapha esebenzayo.

See Also

“Lokhu kuzoqinisekisa ukuthi ukukhishwa kwezinsiza ngezindleko ezinkulu kubasebenzi bangaphandle kuyancishiswa nokuthi izinsiza ezinjalo zisetshenziselwe ukuqinisekisa ukuthi izinsiza ezidingekayo ziyatholakala ezikhungweni zezempilo,” kusho uDlamini.

UDlamini ukuphikile ukuthi isibhedlela sizovalwa.

“Amampunge lawo okuthi isibhedlela sizovalwa, senza ngakho konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi siyalunga isimo esibhekene 

Scroll To Top