Now Reading
Umlando uvuna amaBhokobhoko emidlalweni yokungqubuzana
Dark Light

Umlando uvuna amaBhokobhoko emidlalweni yokungqubuzana

nguSabelo Maphumulo

Iqembu lakuleli lombhoxo amaBhokobhoko lizodlala umdlalo wokuqala weTest kulo nyaka neWales. Lo mdlalo uzoba kusasa, uzoqala ngele-17:05 ntambama uzobanjelwa eLoftus Versfeld ePitoli.

Kuzobe kungokwesine la mazwe edudulana eLoftus Versfeld. Kuyona yomithathu imidlalo kwanqoba amaBhokobhoko, Umdlalo wokuqala waba ngowe-1998 waphela ngamaphuzu angama-96 kwali-13, owesibili waba ngowezi-2004 waphela ngama-53 kwali-18. Owokugcina wona waba ngonyaka wezi-2008 waphela ngamaphuzu angama-37 kwangama-21.

La mazwe umlando uveza ukuthi asetholane emdlalweni yeTest engama-37, amaBhokobhoko iwona asenqobe imidlalo eminingi engama-30 kanti iWales yona inqobe eyisi-6 badlala ngokulingana kowodwa.

Eqenjini elizoqala kwenziwe uguquko olukhulu kuleli eladlala umdlalo wokugcina nyakene ne-England, eTwikenham. Kubadlali abangabonakali uKwagga Smith, uWillie le Roux, uHandre Pollard, uTrevor Nyakanye noDuane Vermeulen. 

UJacques Nienaber uthe: “Uma ubhekisisa iqembu leWales uzobona ukuthi linabadlali abanamava. Banabadlali abaningi beBritish kanye ne-Irish Lions abanemidlalo eminingi yamaTest ngemuva naphakathi kwabaphambili babo. Nabo bebesalelwe cishe amasonto amane ukuthi balungiselele lolu chungechunge ngoba amaqembu angakubo awazange afinyelele esigabeni somkhumulajezi kumqhudelwani i-United Rugby Championship. Bazobe bezilungiselele kahle futhi kuyona yonke imidlalo esiyidlale nabo okubalwa eyeNdebe yoMhlaba neyangonyaka odlule bebesithwalisa kanzima” usho kanje.

Kubadlali abaqale umdlalo eqenjini lamaBhokobhoko kubukeka nakanjani bezowunqoba lo mdlalo, ngoba iningi labo lalikhona kwabanqoba iNdebe YoMhlaba.

See Also

Abadlali abaqale umdlalo lithakwe kanje:

  • kuNamba 15, uDamian Willemse (DHL Stormers) imidlalo eli-15.
  • kuNamba 14, uChelsie Kolbe (Toulon) imidlalo eli-18
  • kuNamba 13, uLukhanyo Am (Cell C Sharks) engama-26
  • kuNamba 12, uDamian de Allende (Munster) engama-58
  • kuNamba 11, uMakazole Mapimpi (Cell C Sharks) engama-25
  • kuNamba 10, u-Elton Jantjies (NTT Docomo Red Hurricanes) engama-44
  • kuNamba 9, uFaf de Klerk (Yokohama Canon Eagles) engama-36
  • kuNamba 8, uJasper Wiese (Leicester Tigers) eli-11
  • kuNamba 7, uFranco Mostert (Honda Heat) engama-51
  • kuNamba 6, uSiya Kolisi (Cell C Sharks) engama-63
  • kuNamba 5, uLood de Jager (Panosonic Wild Kights) engama-56
  • kuNamba 4, u-Eben Etzebeth (Cell C Sharks) engama-97
  • kuNamba 3, uFrans Malherbe (DHL Stormers) engama-46
  • kuNamba 2, uBongi Mbonambi (Cell C Sharks) engama-48
  • kuNamba 1, u-Ox Nche (Cell C Sharks) eyi-9

Abazoqala ngaphandle uMalcolm Marx, uSteven Kitshoff, uVincent Koch, uSalmaan Moerat, u-Elrigh Louw, uKwagga Smith, uHerschel Jantjies noWillie le Roux.

Scroll To Top