Now Reading
Sekulele kuMahlase ngezeluleko zeNsimbi ngeBucs
Dark Light

Sekulele kuMahlase ngezeluleko zeNsimbi ngeBucs

Ingwazi yomdlali weBafana Bafana uSiyabonga “Nsimbi” Sangweni yeluleka isiqogqwane se-Orlando Pirates uNkosinathi Sibisi (osesithombeni) ngobukhazikhazi beGoli. USibisi usayine inkontileka yeminyaka emithathu neZimnyama. Ubegijima kuLamontville Golden Arrows.

USangweni owayesesimweni esifana nesikaSibisi wafika kweZimnyama kwezwakala. Wayekade esuka kuBafana Bes’thende. NjengoSibisi naye wayeseqalile ukudlalela iqembu lesizwe.

Exoxa nelaboHlanga, uSangweni weluleke uSibisi. “Ngenhlanhla sengike ngalithola ithuba lokuhlala phansi ngixoxe naye uSibisi. Engakuthola ngaye wukuthi ungumfana ozithobile. Lokho kuzoba ngukhiye empumelelweni yakhe kuPirates. EGoli kumele ayazi into ayiyele. Okunye kuza ngamuva. Uma eyibambe kanjalo angiboni kukhona okuzoma endleleni yakhe ngoba ibhola uyalazi,” kubeka uSangweni.

KweZimnyama kubhekwe ukuthi uSibisi ayibambe no-Olisa Ndah, uTapelo Xoki osanda kusayina naye noHappy Jele phakathi nenkundla emuva.

IBhakaniya idedele inqwaba yabadlali basemuva okubalwa kubona uThulani “Tyson” Hlatshwayo, uKwandakwezinsizwa Mngonyama noNtsikelelo Nyauza. “IPirates ihlabane kakhulu ngokusayinisa uSibisi. Uyakwazi ukufunda umdlalo, uqinile kanti nasezinyaweni muhle. Akalilahli ibhola. Akudingayo nje wukuqina ngokomqondo. Phela lapha uyodlala nabanye abantu abakhuluma ezinye izilimi futhi abaqhamuka ezindaweni ezahlukene eNingizimu Afrika,” kuqhuba uSangweni.

USibisi ujoyine uhla olude lwabadlali abasuke ku-Arrows bajoyina iPirates. Lolu luhla libala abadlali abafana noBheka Phakathi ongasekho emhlabeni, uCollins “Ntofontofo” Mbesuma, uFrancis Chansa, uNjabulo “Mvonqo” Manqana, uThembela Sikhakhane noNtsako Makhubela.

“Uma udlalela iqembu elikhulu njengePirates kumele uhlale uzimisele ngaso sonke isikhathi ngoba ubanga ijezi nabadlali abaseqophelweni eliphezulu masonto onke. Lokho kukuphoqa ukuthi udlale usezingeni eliphezulu ngaso sonke isikhathi. Umgqigqo umqoka uma udlala kuPirates. Awukwazi ukudlala umdlalo owodwa bese uzitshela ukuthi usuyisihlabani. Akuhambi kanjalo kuPirates,” kuchaza uSangweni.

USibisi uzofike asebenzisane noMandla Ncikazi ake ayibamba naye ku-Arrows kumasizini amabili adlule. UNcikazi uyiphini lomqeqeshi omusha uJose Riveiro odabuka eSpain. “Ingcindezi angeke uyibalekele uma udlalela iqembu elikhulu njengePirates. Abantu basuke bebheke lukhulu kuwena. NoSibisi unayo ingcindezi kodwa lokho akumele akufake ikhanda. Okumqoka wukuthi angene enkundleni ashaye umsebenzi. Uma enze njalo nabalandeli bazomthanda. Konke kusezandleni zakhe ngoba ungumdlali onekhono,” kusho uSangweni.

See Also

IPirates isayinise u-Eva Nga, uMiguel Timm, u-Azola Matrose, no-Evidence Makgopa yase idedela uJustice Chabalala, uWayne Sandilands, uThabang Monare, u-Elson Sithole, uMngonyama no-Abel Mabaso. “IPirates isayinisa kahle ngokwami. Kodwa iqembu lidinga izicoco ukuze libuyele ezingeni lalo. IPirates yiqembu elikhulu. Bonke abadlali abasha kufanele bakuqonde ukuthi bazele ukusiza iPirates ekutheni iphakamise izicoco. Ngesizini edlule iPirates ayizange inqobe lutho. Kule sizini kumele ilwele ukuqala ngeMTN8. Nami ngesikhathi ngifika kuPirates saqala ngayo ngemuva kwalokho sanqoba isicoco seTelkom Knockout sase sivala ngeseligi. Ukunqoba iMTN8 kuletha ukuzethemba eqenjini.” kuphetha uSangweni.

EZimnyama zizogadulisana neRoyal AM kumaQuarterfinal eMTN8 eChatsworth Stadium. 

IPirates igcine ukuphakamisa isicoco seMTN8 kumasizini amabili adlule. Yathela othulini iBloemfontein Celtic ngama-2/1 kowamanqamu eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Ngesizini edlule zikhishwe yiSwallows emzuliswaneni wokuqala.

Scroll To Top