Ugcwele ithemba owosomankomane kwele Ndlovukazi uMthaniya



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
UMengameli weKZN Olympic Style Boxing Organisation uSandile Sibisi uthi nakanjani isifundazwe iKwaZulu-Natal sizoziqwaqwada emakhanda zonke izifundazwe emqhudelwaneni obizwa ngeSANABO Youth & Elite National Championship.
Lo mqhudelwano uzoqala mhla zinhlanu uze usongwe mhla zili-10 kwephezulu, uzobanjelwa eNelson Mandela University, eMassionale Campus, eGqeberha.
“Nakanjani kulo nyaka sizokwenza kahle kulo mqhudelwano. Okwenza ngibe nesiqiniseko salokhu ukuthi osomankomane babe nesikhathi esanele sokuthi bazilungiselele,” kusho uSibisi.
Amalungiselelo iKwaZulu-Natal iwaqale ngoNdasa nonyaka, kwathi mhla zingama-25 kuNhlangulana benza umqhudelwano iProvince Elite Championship, owabe useCamperdown Town Hall, eMgungundlovu. Kowokugcina iKZN kowazwelonke yaphuma endaweni yesithathu.
USibisi uthe okunye ukuthi osomankomane bebezilolonga kahle ngaphandle kwemigomo yokhuvethe. Uphinde wabeka ukuthi ithemba labo balibeke kubantu besifazane, okuwuThandolwethu Mathiba, uLethokuhle Sibisi, u-Anele Ndlovu, uPhilile Ndelu noPhiwokuhle Mnguni.
UPhiwokuhle oteketiswa ngokuthi uBen 10, uzoya komela iNingizimu Afrika kumqhudelwano omkhulu owaziwa ngokuthi iCommonwealth Games azoqala ngasekupheleni kwale nyanga asongwe ngoNcwaba eBirmingham.
Ohambeni lwakhe uzohamba noPhiwokuhle, u-Amzolele Dyeyi noSimnikiwe Bongco base-Eastern Cape..
Lo mengameli uphethe ihlandla lesibili, njengoba aqala ukubamba izintambo ngonyaka wezi-2017 kuya kowezi-2021, usezophatha kuze kube unyaka wezi-2024.
“ Ngifuna ukuqinisekisa ukuthi isibalo samaqembu ezamankomane kulesi sifundazwe siyakhula kuyo yonke indawo futhi siba nezinhlaka ezimiswe ngokusemthethweni. Izinsiza zokuziqeqesha zonke ziyatholakala, sizophinde siqinisekisa ukuthi lomdlalo ubuyelwa umsoco loya wakudala. Umsebenzi omkhulu ngiwenze ngehlandla lokuqala ngoba sawina indondo kumaSports Awards iGood Administration okufakazela ukuthi ngokuphatha yonke into ihlelekile futhi senza ushintsho kwimiphumela kazwe lonke sahlula i-Eastern Cape eyayilokhu ihleli esicongceni kwaba yithi omakhonya,” kubeka uSibisi.
ElaboHlanga liphinde lakhuluma noMengameli weSouth African National Amateur Organisation (Sanabo), uSiyabulela Mkhwalo.
UMkhwalo uthe lo mqhudelwano wakulo nyaka uzoba sezingeni eliphezulu kakhulu nonyaka.
“Angingabazi nakanjani lo mqhudelwano uzoba sezingeni eliphezulu kakhulu. Bonke osomankomane baziqeqeshe ngokwanele. Umqhudelwano we-Olympics useMome nawo ukwenza kahle kulo mqhudelwano kuzobasiza kakhulu,” kubeka uMkhwalo.
Abazokwenza kahle eGqeberha bazokwazi ukuthi bamele iNingizimu Afrika ngoZibandlela kumqhudelwano ozokuba ngoZibandlela obizwa ngokuthi i-African Union Sport Council Region 5 Games ozokuba seMalawi ngoZibandlela nonyaka.
UMkhwalo ongene esikhundleni ngonyaka odlule uthe kukhona okuhle okwenzakalayo esibhakeleni sama-Amesha futhi nokubi kukhona.
Ubalule ukuthi kubuhlungu ukuthi umdlalo wesibhakela awuvumelekile ezikoleni, ukholelwa ukuthi ilapho abakwazi ukuvundulula ikhono eliningi. Okunye ukuthi izinsiza zokuziqeqesha ziyagqoza kakhulu kuleli. Efika esikhundleni kwamele aqale ekuqaleni.
Okuhle ukuthi uMnyango Wezemidlalo Ubuciko Namasiko usukwazi ukuthi uxhase iSanabo ngemali elinganiselwa ezigidini ezi-R4,5, kwenzeka lokhu nje loMnyango wawusuhoxisile ukulekelela iSanabo ngoba yayingenzi kahle.
“Sibheke ukwenza kahle ku-Olympics, sinethemba lokuthi nalaba abathathu abazosimela kuCommonwealth Games bazokwenza kahle kodwa akuyona ewumgomo. Sifuna bebuye bencele ulwazi, kwabanye osomankomane bakamanye amazwe” kusho uMkhwalo odabuka ePinetown.
Uphinde wabonga iSouth African Sports Confederation and Olympic Committee (Sascoc), ngokuthi ihlezi ikhona ibaseka.