Now Reading
UMkhize uthi ingcabha ikothisha ngokufadabala kwebhola lezikole
Dark Light

UMkhize uthi ingcabha ikothisha ngokufadabala kwebhola lezikole

Phambilini bekuthi uma kunemidlalo yezikole izinkundla zigcwale phama


UMengameli weSafa eThekwini uMazwi Mkhize, usola othisha ngokuphela  kukanobhutshuzwayo ezikoleni zasemalokishini nasemakhaya.

“Okuyikho okwenza kwehle izinga lokudlalwa kukanobhutshuzwayo ezikoleni uhlobo lothisha abafundisayo manje. Usuzwa othisha bethi abafuni kudlalwe unobhutshuzwayo ngoba wenza kugqoze imiphumela ezifundweni, lokho kuyaxaka ngoba ezikoleni zabadla izambane likapondo khona njalo ngoLwesihlanu kuba nezemidlalo kodwa kuphaswa ngamalengiso. Iqiniso ukuthi akuwona wonke umuntu odalelwe ukuthi aphumelele ngesikole, abanye abantu bathembele emakhonweni abo uma ubancisha ithuba lokuziveza uthi abenze njani. UKagiso “KG” Rabada nabanye abadlali bamaProteas namabhokobhoko iningi labo lihlezi libalula ukuthi liphumelele ngokwenza kahle emdlaweni yezikole” kusho uMkhize obenengxoxo ekhethekile nelaboHlanga.

Uphinde wabalula ukuthi abadlali okubalwa uJomo Sono, u-Ace Ntsoelengoe, uThabo Mooki, noSiyabonga Nomvethe bagqama ngeminyaka edlule ngenxa yebhola lezikole.

“Ngeminyaka edlule bekwaziwa ukuthi KwaMashu uma kudlala iJohn Dube neNhlakanipho, kwakuphuma izikole ziyogcwalisa inkundla. Ngabe kwaphelelaphi ukuthi uma kunguLwesine ezinkundleni zaKwaMashu kugcwale kudlalwa imiqhudelwano okubalwa iCoca Cola neminye. Akube khona okwenzakalayo kubuye ibhola lezikole, kosiza ukuthi kuvele uhlobo lwabadlali abanamakhono njengalaba engibabalule ngenhla” kusho uMkhize.

Lo mengameli uphinde wagxeka indlela lento eyenzeka ku-ABC Motsepe League esifundazweni iKwaZulu-Natal, okuwukuthi njalo kuhlezi kunezinkinga ezikhona okubalwa nokuphushwa kweqembu elithize okusuke kufunakala linqobe iligi.

“Yabona ku-ABC Motsepe League isehlathini elimnyama, umhosha omude obheke phansi ongaziwa ukuthi umkhawulo wawo ukuphi. Ngicabanga ukuthi sekuyisikhathi sokuthi kukhulunywe iqiniso manje, kulandwe izikhulu ezikhona manje nezindala ilaba abaseke baphatha amaqembu kulesi sigaba, onompempe bamanje nakudala kukhulunywe ngokuthi inkinga ikuphi. Kade lensambatheka kwakukhulunywa ngayo kodwa unyaka nonyaka iyaqhubeka. Into ethini nje uma kuqala isizini kuthiwe sekuyaziwa ukuthi kuphushwa liphi iqembu. Ingakho kubanzima ukuthi iqembu elisuke liyodlala eyokuhlunga lenze kahle ngoba lisuke lilapho ngokungemthetho, lisuke linqotshiswe imali ayi enkundleni” kubeka uMkhize.

Uthe kodwa okuyikhona konke ukuphekwa kwemidlalo.

See Also

Kuyimanje kunzima ukuthi imidlalo iphele njengoba kusanamacala akhona, ngokomthetho bekumele imidlalo iphele ngeledlule.

UMkhize uncome umqhudelwano ohlelwa ilowo owayedlalela iLamontville Golden Arrows neKaizer Chiefs uManqoba Mkhize. “IKhabba Cup izodlalwa okwesibili kulo nyaka kodwa isasasa lawo libukeka liphezulu kakhulu, ingakho siyiSafa eThekwini sifuna lo mqhudelwano ungene ekhalendeni lethu. Lo mqhudelwano uzosiza amaqembu esinawo kuDStv Premiership nelilodwa esinalo kuMotsepe Foundation Championship, ngoba baningi abadlali abasuke bedlala kuwona. Siyayidinga imiqhudelwano enjengalena ukuthi ibe miningi” kubeka uMkhize.

Lo mqhudelwano kuphume uYonela Mbuthuma owasayiniswa iRichards Bay FC, ubizwe  eqenjini lesizwe labaneminyaka engaphansi kwengama-23.

IKhabba Cup yakulo nyaka izodlalwa mhla zili-10 nango mhla zili-11 kuNhlangulana, lokho kuvele ngeledlule eCoastland Hotel kade kuthulwa ngokusemthethweni lo mqhudelwano. Iqembu elizonqoba lizogoduka nezinkulungwane ezingama-R80. Iqembu iRichards Bay FC izoxhasa nezinkulungwane ezingama-R50, uJoma nawo uzoxhasa ngamajezi, abanye abazolula isandla uMasipala weTheku, uMandos nenkampani yezimoto iNissan.

Scroll To Top