Kukhalwa ngokungalandelwa komthetho wezikole wokusoka eLimpopo



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Isikole sokusoka eLimpopo sivaliwe kwamiswa nabasiqaphayo kokushona komfana oneminyaka yobudala eyisithupha. Lo mfana ngokwemibiko kuthiwa udlule emhlabeni ngoMsombuluko ebusuku.
UMnyango Wezokubusa Ngokubambisana, Ukuhlaliswa Kwabantu Nezindaba ZoMdabu esifundazweni uthe isikole esikuMasipala wesifunda iMopani savuma ingane encane ukuba izosokwa ngemvume yabazali bayo ngomhla zingama-21 kuNhlangulana nonyaka.
Okhulumela uMnyango uHitekani Magwedze uthe: “Bobabili abazali bomfana kanye nesikole sokusoka baphule iSigaba 12 (1) soMthetho iLimpopo Initiation Schools Act 2016, othi akekho umuntu oneminyaka engaphansi kweli-12 ongamukelwa esikoleni sokusoka.” usho kanje.
UNgqongqoshe uBakopo Makamu uthe isifundazwe besilokhu sinxusa abazali ukuthi bahloniphe imithetho elawula izikole zokusoka.
“Lesi yinto ebuhlungu. Selokhu kuqale lesi sikhathi sokusoka, sinxusa abazali ukuthi babambe iqhaza elibonakalayo ekulandeleni umthetho olawula izikole zokusoka. Siyakugxeka kakhulu ukwamukelwa kwezingane ezisencane ezikoleni zokusoka ngenxa yalesi sizathu. Silusukumele ngokushesha lolu daba saphoqa ukuthi isikole sokusokwa sivalwe ngokushesha saphinde samisa odokotela bendabuko ababehlinzela khona. Lokhu kulimaza umgomo wethu wokungabibikho kwabantu kulesi sikhathi sokusoka kodwa ngaphezu kwalokho, sibuhlungu ukuthi impilo engenacala yanqanyulwa kungenasidingo esemncane kangaka,” kusho uMakamu.
Amaphoyisa ayaphenya ngalolu daba kwazise kudlule umuntu emhlabeni futhi kwaphulwa nomthetho.
Kuvalwa lesi sikole nje bekuqala kulo nyaka ukuthi sivulwe emva kweminyaka emibili ngenxa yokhuvethe. Bebengama-723 abantu akade belindelekile ukuthi basoke nonyaka. Kodwa kubukeka abaningi bengeke bekwazi njengoba sivaliwe lesi sikole.