UMengameli uncoma izakhamuzi zezwe ngokubamba izinkunzi ezimbili ngezimpondo
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UMengameli uCyril Ramaphosa usencome ubuqhawe babantu baseNingizimu Afrika kulandela ukuhoxiswa kwemikhawulo yokugcina yokhuvethe kanye nokukhishwa kombiko ngokugwamandwa kwamandla ombuso ngeledlule. Encwadini ayibhalele isizwe, uMengameli uchaza lezi zigameko ezimbili njengezingqinamba ezinkulu empilweni yethu yesizwe ezizoguqula izwe ngezindlela ezahlukene.
Uthi lezi zinxushunxushu zinikeze ithuba lokwakha umphakathi ongenayo inkohlakalo, ohlanganisa wonke umuntu nonobuntu futhi ovikela abasengozini kakhulu. UMengameli uRamaphosa utuse isibindi nokuzinikela kwabasebenzi bezempilo bezwe kanye nabanye abantu abaningi abaseqhulwini lwalolu bhubhane abahlinzeka ngosizo, basindisa impilo yabantu, futhi bagoma izigidi. Uphinde wancoma labo abenze izethulo, banikeza ubufakazi futhi basebenza njengababi kuKhomishini KaZondo ngobuqhawe babo nokushisekela izwe. Uthi abantu baseNingizimu Afrika kufanele basebenzise ithuba lokuphuma kulezi zinkinga ezimbili ngokuzimisela futhi bakuhlomele kangcono ukwakha kabusha ikusasa elisha.
Umbiko wokugwamandwa kwamandla ombuso, ngokusho komhlaziyi wezomthetho, uMpumelelo Zikalala, awuhambisani nalokhu obekulindelekile. Lokhu kuza ngemva kokuba iNhloko Yabehluleli uRaymond Zondo enikeze uMengameli Ramaphosa imiqulu yokugcina, izinombolo zesihlanu nesithupha, mhla zingama-22 kuNhlangulana.
Le Khomishini ebiphenya ngokugwamandwa kwamandla ombuso kuyithathe iminyaka ukuphothula umsebenzi wayo lapho ukusebenza kwayo lapho kwavela izikhulu zikaHulumeni, amalungu ePhalamende kanye nabazimele ukuthi babenesandla noma bamukelile ukugwamandwa kwamandla ombuso. Lo msebenzi weKhomishini uthole ukugxekwa nokunconywa nxazonke njengoba abagxekayo bekungukuthi amagama abo avela njengabenza okubi kuthi abancomayo kube yilabo abangavelanga nhlobo.
Kulinganiselwa ukuthi kudle uHulumeni imali engaphezu kwesigidigidi esiso-R1 ukuqhuba ikhomishini. UZikalala uthi kunezinto ezithile mayelana nokugwamandwa kwamndla ombuso ezingaphenywanga.