Ibhungu likhala ngobuso bemfene kumazisi walo



UZulu uyintatheli ephenyayo esimkatshubovu.
LIKHALA ngokwenzelela ngobuhlanga kwezobulungiswa ibhungu laseVerulam elithi libizwe ngemfene ngowayengumqashi walo. Lokhu kulandela isinqumo seKhomishana ebhekele ukuxazulula phakathi komsebenzi nomqashi okuyiCommission for Conciliation Mediation Association (CCMA) eshaye ngoswazi oluncane lo somabhizinisi osolwa ngalesi sigameko uMnu uBob Naicker. Le njinga ilahlwe yicala lokwethuka nokwehlisa isithunzi, uMnu uFunisile Nochifi obeyisisebenzi sakhe.
Ngokusho kukaNochifi uthi ezobulungiswa zinokwenzelela uma sekuziwa ngakwezinye izinhlanga. “Buka nje lo mqashi ongibize ngemfene usevele washaywa ngoswazi oluncane kwathiwa akanginxephezele ngezi-R6000 okungamakinati uma uqhathanisa nomonakalo awenze kimi emosha umazisi wami ngokuwufaka isithombe semfene,” kusho uNochifi. Uqhuba uthi: “Kuyadabukisa ukuthi esikhathini lapho sithi izwe selikhululekile obandlululweni kodwa kubekhona izinhlanga ezisasifanisa nezilwane.”
UNochifi uthi inkinga yakhe iqale ngonyaka owedlule ngesikhathi ethi uyocela umqashi wakhe ukuba amenzele ipayslip kanye nekhophi kamazisi ukuze akwazi ukuyofaka isicelo sokunikezwa indlu yomxhaso. “Ngethuka kwaphela nasozwaneni ngesikhathi enginikeza ikhophi kamazisi wami ngithola ukuthi uyifake isithombe esinekhanda lemfene esikhundleni sesithombe esinekhanda lami. Ngathi uma ngimbuza ukuthi yini lena anginikeza yona wathi ngethuswa yini ngoba vele thina bantu abamnyama sifana nezimfene. Le nto eyenziwe yileli Ndiya ayehlukene nokungicwasa ngokwebala,” kuqhuba uNochifi.
Lesi sigameko sokwehlisa uNochifi isithunzi senzeke ngoMfumfu wezi-2016. “Udaba ngilubike enyunyaneni yami, iSouth African Revolutionary Workers Union (Sarwu) eluthathe yaluyisa kwaCCMA nokuyilapho uNobhala Jikelele weSarwu, uMnu uNhlanhla Mhlongo ekuqinisekisile ukuthi bebemele uNochifi kwaCCMA.
“Nathi sidumele ngesigwebo esinikezwe uNaicker. Sibona sengathi ushaywe ngoswazi oluncane ngaleli hlazo alenze kuNochifi. Yingakho lolu daba sesilwedlulisela eNkantolo Yezokulingana (Equality Court) ngoba asenelisekile ngesigwebo asinikeziwe. Phela bekumele kwenziwe isibonelo ngaye ukuze nabanye bapheze ukucwasa ezinye izinhlanga,” kusho uMhlongo. Uthi okubaphatha kabi ukuthi, uNaicker akakhombisi ukuzisola ngalesi senzo sakhe sokucwasa uNochifi. “Ngesikhathi ezithethelela kwaCCMA uthi yena wayemdlalisa uNochifi nokuthi futhi lokhu wakwenza ngoba engaseyena umsebenzi wakhe. Lokhu kukodwa kusakhombisa ukwedelela nokungazisoli nakancane ngesenzo sakhe. Ingakho sifuna lolu daba lwedlulele phambili ngoba asenelisekile ngesigwebo asitholile,” kuqhuba uMhlongo.
“Kumanje usakhombisa ukwedelela njengoba engafuni ukusayinda amaphepha ambizela eNkantolo Yezokulingana. Ngiqale ngamthumelela incwadinyazi ngimazisa wangangiphendula. Izolo ngithumele omunye wozakwethu obephelezelwa ngamaphoyisa kwajike kwafana njengoba engafunanga futhi ukuwasayinda amaphepha. Manje engizokwenza ngizoqhubeka mina nodaba ngiyolufaka eNkantolo Yezokulingana yize engavumanga ukusayinda amaphepha.” UMhlongo uthi yena useyofike achaze enkantolo ngayoyonke imigudu ayilandelile ngaphambi kokuzofaka amaphepha enkantolo. Imizamo yokuthola uNaicker ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe beluvaliwe.
Akusona isigameko sokuqala lapho owoHlanga eyiswa khona owomdabu waseNdiya eNkantolo Yezokulingana ukuyofuna isinxephezelo ngokwehliswa isithunzi nokuhlukumezeka ngokubizwa ngegama lokucwasa. Elinye lamaphephandaba esilungu labika ngowezi-2014 ngesigameko lapho uMnu uSimukeliso Madlala owayeqashe emzini womdabu waseNdiya eMorningside eThekwini ambiza khona ngegama lokucwasa aboHlanga.
Lona womdabu waseNdiya wayethi uthumelela indodana yakhe umbiko ngomqhafazo ngesikhathi yena ephesheya kwezilwandle kanti lo mbiko onohlevane uzothumeleka ngephutha kuMadlala. Wayeyalela indodana yakhe ukuba iyoqoqa imali yakhe yerenti kuMadlala. Lo mqhafuzo yayibhalwe kanje: “Ok ngizwile. Ngikhulumile noMadlala unawo i-R1960 uselinde nale mali kusukela ngoLwesihlanu. Inombolo yakhe ithi………. Ngicela uhlele isikhathi sokubonana naye. Esinye isiqashi esingu-Edwin sithi sizoba sekhaya ngezikhathi zehora lesi-7 ebusuku ngoMgqibelo lapho ezokunikeza khona izi-R3200. Ngakho ngicela umfonele kule nombolo ethi……. Njengoba bobabili bengama-K kungakuhle uqale ubafonele ngaphambi kokuya kubona.” kufundeka umqhafazo wakhe. Ngemuva kokuthi esebonile iphutha alenzile uzame ngakho khonke ukubhalela uMadlala exolisa ngakushilo kodwa uMadlala wangeneliseka ngenxa yokudinwa.
Kwala noma esezama ukuzichaza njengåomuntu obathandayo abantu boHlanga bamnyama njengoba ethi wabamba elikhulu iqhaza nasemzabalazweni. Waphinde wathi kumanje uhamba odokotela abamelapha isifo esibizwa nge-bipolar, lokho kwafana nokuthela amanzi emhlane wedada kuMadlala owayethukuthele ethelwe ngezibonkolo. Leli bhungu lakwaMadlala elalineminyaka engama-30 ubudala ngesikhathi likhuluma nabezindaba lathi lo mqhafazo lawuthola ngomhla wesine kuMasingana ngowezi-2014 yamshiya ehlukumezekile emoyeni. Ngaleyo ndlela wanikela eNkantolo Yezokulingana eyofuna isixoliso, isinxephezelo namademeshe. Kwagcina kungezwakalanga ngesiphetho secala.