“UNtandane” wafika nesithombe esihlukile ngabashayeli bamatekisi


Uma uvelelwa yithuba lokulingisa indawo yomshayeli wetekisi emdlalweni wethelevishini noma weshashalazi, kumele ube ngumuntu ozokuveza ukukwazi ukuphakamisa umoya, ukumelana nalolonke uhlobo lomuntu olugibela etekisini yakho futhi uzimisele ukuthi kokunye kumele kugcine izwi lakho.
Lesi yisithombe esakheka ngabashayeli bamatekisi ngenxa yezimo ababhekana nazo nsukuzonke. Abanye baze bafunde nezinto ababengazitsheli ukuthi bayozifunda empilweni ngenxa yalo msebenzi.
Umlingisi owazakhela igama emdlalweni osuwavalwa ukuvutshelwa Isibaya, uMduduzi “Mdu” Gumede wafika washintsha isithombe ebesikhona ngabashayeli bamatekisi.
Isizotha, umoya ophansi nokulalela abagibeli ngenye yezinto agqama ngazo “uNtandane Makhathini” okwenza abaningi bayilandela indawo yakhe. Le nsizwa ingeyokudabuka eMthunzini KwaZulu-Natal. Wazalwa mhla lulunye kuNdasa we-1986.
Uthando lokulingisa lwamngena ngesikhathi esengumfanyana owayekhula exoxelwa izindatshana ezazihambisana nenduduzo emuva kokushiywa ngunina esemncane.