Sesakhululeka ngokwepolitiki kuphela asikhululekeni ngokwenkolo


Kuyoze kube nini? Idabukisa kakhulu indaba yaboHlanga e-Afrika naseNingizimu Afrika abaqhuba intwala ngewisa. Abangaqapheli, abangaboni, abangafuni ukunaka kodwa abenza ngabomu, ngabakubhalayo ngabakukhulumayo emisakazweni, komathelevishini, ezinkundleni zokuxhumana, kungumsuka wabantu abehlukahlukene baseNtshonalanga,base-Europe nase-United States of America asebengabaphansi komhlaba, yena esengaphezu komhlaba,
Ingani kunakashelana nendaba yabaphansi uma eyibuka ngeso lokuthi yenziwa ngabantu bakubo boHlanga njengaye, ayenziwa ngabelungu. Kube kungekho okuyithina boHlanga kule nkathi esizigqaja ngakho.
Athi akasazihlanagnisi nezinto zabaphansi. Ingani ucabanga ukuthi usezihlanganisa nezinto zabantu abaphezu komhlaba, nabangeke babengabaphansi komhlaba, kodwa abayohlala ungunaphakade.
Bangcwatshelwani, ngamabhokisi, owani umlando ngempilo kamufi ofundwayo, okungokwemimoya, okungokomoyamqondo yaseNtshonalanga asebengabaphansi.
Kodwa ababoni ukuthi le mfundo, le mali, le nkolo nezindlu zokudumisa uMdali, kube yimishado ekuthiwa ngemhlophe eyenziwayo nokuqhwagwa komhlaba waboHlanga kwaqhamuka ngokweqhingasu, labezimishini, lamakoloni abangasekho, asebengabaphansi.
Akulona iphutha, akubona ubulima uma abanye boHlanga bengafihli noma bengazenzisi ukuthi bayayiphatha indaba yabaphansi ngemilomo yabo.
Avilaphise ukucabanga neqiniso ukuthi lokho akholelwa kukona kwakungumqondo, kwakumoyamqondo nomcabangonto wabantu ababephila kulo mhlaba. Agcizelele akushoyo ukuthi kusembhalweni engcwele, ephefumulelwe nguMdali. Kanti yena akaphefumulelwanga yini nguMdali?
Ababefundise leyo mibhalo, kwakungabezimishini zase-Europe, zase-United States of America nakwamanye amazwe, asebengabaphansi ngenkathi besungula imfundo, izibhedlela nokunye.
Asingazibi ukuthi imfundo ihambisana nemali, inkolo yobuKhrestu ikakhulukazi, okwasungulwa ngasebengabaphansi. Akekho noyedwa abangamukhomba, ongamukhomba noma esingamukhomba ukuthi nangu uyaphila. Akekho noyedwa abangakhomba bathi naziya izizalwane noma uzalo lwabo abaletha ubuKhrestu.
Kodwa ngapha kolunye uhlangothi, kumatasatasa kudephulwana, kuhlatshwa kuhlikizwa isinyelela okwaboHlanga. Benze sengathi abakhuluma noma abashumayela ngabo basaphila kulo mhlaba, abafile, ababengabasunguli noma ababengagxiliisi balezo zimfundiso.
Ngoba ingaphakathi lalowo woHlanga lizibona seluwumlungu, licabanga ukuthi umlungu akanazo izinkolelo. Ngoba bezwe abelungu bethi abakwenzi okwenziwa ngaboHlanga. Wena wase ucabanga kancane wagcina lapho.
Wankanta ngokuthi: Ingani abelungu abakwenzi ukuthi ngoba wenyanya okwaboHlanga njengawe. Wangahluzisisisa ukucabanga kwakho ukuthi abelungu basho izindlela abantu abamnyma abenza ngazo izinto.
Kanti owoHlanga wayengenzi lutho yini njengoba abagxekayo sebezibona kuyibona abawutho ngoba begxeka okwaboHlanga njengaye, ngisho nangezinwele.
Ekubeni abelungu bezenza lezo zinto ngokucabanga nangokwemimoya, nangokomoyamqondo hhayi ngokucabanga nangokwemimoya nomoyamqondo wabantu abamnyama base-Afrika.
Kwande kakhulu nakwabanye futhi uze ubone nje ukuthi lo woHlanga sewazenza kakhulu umuntu omhlophe wase-Europe, waseNtshonalanga nase-United States of America, ingaphakathi lakhe kwaze kweqa.
Kumandla kakhulu lapho sebenikwe ithuba lokubalula emisakazweni, komathelevishini, komaYou tube, ezinkundleni zokuxhumana kanye nakwezinye.
Abanye ukuhlaba izimbuzi, izinkomo, izimvu, izinkukhu nokunye ngokwabohlanga. Kuyimbudane engekho yabasuke bemhlabele, ngoba akasekho. Baqinisile uma besho njalo.
Uxakeke ukuthi kubalulwa kanjalo nje, bangabenkolo yobuKhrestu. Kwalowo muntu ababalula ngaye akasekho, yibona abakhona nabesenyameni esiyibona ngamehlo hhayi lowo muntu abacaphune yena emibhalweni eseBhayibhelini abathi ingcwele. Sizwa noma sibona owoHlanga ecindezela, ecokofula noma egxeka, okwakwabo.
Kudalwa ukuvilapha kwabo ukufunda iBhayibheli ngendlela yakhe neliyi yona iBhayibheli hhayi ngendlela ebekushumayelwa ngayo ngabanye. Basabhajwe lapho abaningi, basesaba ukufunda ngendlela yabo hhayi ngendlela yomunye noma yomfundisi.
Kungancipha lokho uma aboHlanga bezokufaka ngaphakathi kubona ukuthi bangaboHlanga, kumnyama kubomvu. Ababona abamhlophe. Abangacabangisisi okwabamhlophe bebe bengaboHlanga.
Kungancipha noma sekubuywa emasontweni, ezindlini zokudumisa uMdali masonto onke ikakhulukazi ngokwenkolo yobuKhrestu, nemimoya yabezimishini zazse-Europe,zase-United States of America nakwamanye amazwe esayemukelayo.
Behlulwa noma sehlulwa into eyodwa nje qhwaba.ukuthi konke lokho kugxeka esikwenzayo, kuyimimoya yalabo esiyifundile,esishumayela noma esiyishumayezwe ngayo emasontweni nakwezinye izindawo abangasekho kodwa asebengabaphansi.
Kungani uma sekuziwa ngakwimimoya yabantu base-Europe,base-United States of America, kube sengathi noma kuzitshwe sengathi abakubalulayo akuyona imimoya yabangasekho.
Asifunde ukuthi sibalula,sibhala, sishumayela nje kodwa,kuyimimoya yabantu abangasekho noma yabanye abasaphila kulo mhlaba. Abayogcina sebengabaphansi. Nalabo abasekulomhlaba esithathele kubona, nabo babekuthathe noma babekufunde phansi emibhalweni yabantu asebengabaphansi hhayi abaphilayo.