Uzimisele ukuthola izicoco noSuthu uBrooks


Noma lolu nyazi lazalelwa eGoli kodwa luthi iKwaZulu-Natal aluyixwayi nakancane njengoba unina engowokudabuka eXobho ngakho uma esesifundazweni kufana nokuthi uvele usekhaya
Ufuna ukufaka isandla ekutheni asize AmaZulu FC aqede ishobolo leminyaka ephuthwa yizicoco umdlali omusha u-Ethan Brooks ogijima nakuBafana Bafana.
Ngeledlule uSuthu lumemezele ukuthi selisayinise uBrooks obekade egijima kuTS Galaxy FC. Ungomunye wabadlali abamqoka eqenjini lesizwe, iBafana Bafana.
Utshele elaboHlanga engxoxweni ekhethekile ukuthi uzele izicoco kuMaZulu. Leli qembu selokhu lagcina ukudla izicoco ngowe-1992 lisacijwa nguClive Barker. Kusukela lapho aliphindanga lanqoba isicoco.
“Ngijabule ngokujoyina iqembu elithuthukayo njengaMaZulu. Iqembu linezinhlelo ezinkulu. Lifuna ukuwina izindebe. Sengikuzwile ukuthi kunjani ukudlala kwelesizwe. Njengamanje into esengiyibhekile wukunqoba izicoco. Uma ngingenza lokho ngabe ngisebenze kakhulu. Ngiyaqonda ukuthi angeke ngikwenze ngingedwa kodwa uma sibambisene nozakwethu sizokwazi ukufeza iphupho labaphathi,” kubeka uBrooks.
Uqale ukubonakala ebholeni elikhokhelayo ngaphansi kobuholi bukaDan “Dance” Malesela kumasizini amabili adlule. Abathandi bebhola bebebabaza ikhono lakhe ngemuva kwesizini yakhe yokuqala.
“KuTS Galaxy ngihambe kahle. USihlalo weqembu uTim Sukazi nguyena onginike izibusiso. Empilweni yami angisoze ngayikhohlwa iTS Galaxy. Iyona engiveze ebholeni elikhokhelayo. Ngakho angikwazi ukukhohlwa yinto efana naleyo. Banginike ithuba ngimncane. Ngalokho ngiyohlezi ngijabule futhi ngibonga ngethuba, iTS Galaxy ngiyifisela okuhle kodwa,” kuqhuba uBrooks.
Yize ekhulele eGoli kodwa unina uzalelwe eXobho.
“Nginezihlobo eKZN ngakho angeke ngibhekane nencane inkinga ekutheni ngisheshe ngijwayele. Izihlobo zami zizinze eMgungundlovu njengamanje. Umama wazalelwa eHigh Flats, eXobho. Kufana nokuthi ngisekhaya lapha,” kuchaza uBrooks.
UBrooks usalile esikwatini seBafana Bafana esisanda kudliwa yiMorocco kweyokuhlungela ukuzibekisela indawo ku-Africa Cup of Nations (Afcon).
“Ngizimisele ngokubuyisa indawo yami kuBafana Bafana ngoba ngike ngalimala okuholele ekutheni ngingabi yingxenye yeqembu lesizwe. Namanje ngisaphatheke kabi ngokuphuthwa yithuba lokuyodlala koweNdebe yoMhlaba. Bengifuna ukufeza iphupho lami kodwa angeke ngililahle ithemba. Iminyaka isavuma. Sizophinde sizame futhi njengezwe. Angeke size seliphonse ithawula,” kuchaza uBrooks.
IBafana iphazanyiswe yiGhana kweyokuhlungela ukuzibekisela indawo kweyeNdebe yoMhlaba eQatar.
UBrooks wakhala mi izinyembezi ephuthwa yilo mqhudelwano. IBafana selokhu yagcina ukuzibekisela indawo kweyoMhlaba ngezithukuthuku ngowezi-2002 eJapan/Korea. Elakuleli lidlale kweyoMhlaba njengosokhaya ngowezi-2010. Liphuthwe yiNdebe eGermany ngowezi-2006 nangowezi-2014 eBrazil. Liphinde layizwa ngendaba eRussia ngowezi-2018.
“Njengamanje inhloso enkulu wukungena ku-Africa Cup of Nations elandelayo. Ngikholelwa ekutheni kuyiphupho lawo wonke umdlali ogijima esigabeni esikhulu ukumela izwe lakhe emiqhudelwaneni emikhulu. Nami angehlukile kulabo badlali. Nokho lokho ngizokwenza ngokuthi ngithole ijezi eqenjini lami bese ngenza kahle masonto onke. Ngizimisele ngokuqhubeka nokusebenza ngokuzikhandla oSuthwini njengoba ngenza kuTS Galaxy.” kuphetha uBrooks.
Ubiziwe eqenjini lesizwe lakuleli elizogijima kuCosafa Cup ezobanjelwa eThekwini ngonyaka ozayo.
INingizimu Afrika izosebenzisa abadlali abangaphansi kweminyama engama-23 kulo mqhudelwano.