Now Reading
Ukuthuthukiswa kwemidlalo yabakhubazekile
Dark Light

Ukuthuthukiswa kwemidlalo yabakhubazekile

USibusiso Dlamini ongomunye wabasezikhundleni esiphezulu kaSport Confederation uncoma indlela uThami Mchunu ahola ngayo njengoba kunguye uMengameli.

UDlamini usho lokhu kade enengxoxo ekhethekile nelaboHlanga. KwaSports Confederation akanaso isikhundla esisodwa, njengoba engusihlalo Ethekwini Sport Confederation, kanti esifundazweni usesikhungwini esiphezulu lapho ebhekelela uguquko nokuthuthukisa ezemidlalo kwabaphila ngokukhubazeka, ubulili ngokuhlukana kweminxa yezemidlalo.

“Ubuholi bukaMchunu busezingeni eliphezulu, kusukela athulwa njengoMengameli luningi ushintsho afika nalo. Uhlezi enza isiqiniseko sokuthi wonke umuntu oyingxenye yezemidlalo uthola ukwesekwa okwanele. Udlala indima enkulu ekutheni akhulise  abaholi ezinhlakeni ezihlukene kwezemidlalo, uhambela amakomiti nokuwaqeqesha ekuphatheni kwezemidlalo. Kuningi engingakubala ngoMacingwane.” Kusho uDlamini.

UDlamini ongowokuzalelwa elokishini elidume kakhulu iLamontville, eThekwini  umeninyaka yobudala engama-39. Uneziqu zokuqeqesha zaLevel 1 ekuqeqesheni unobhutshuzwayo, ezemidlalo into akhula enothando layo njengoba emncane wayedlala uKarate, iKhilikithi, unobhutshuzwayo kanye nombhoxo.

Ukuba ngumholi kwezemidlao into ayiqala emncane njengoba asungula iqembu lanobhutshuzwayo iLamontville Warriors, wabe esengena emidlalweni eyaziwa ngokuthi i-Indigenous Games lapho ayedlalisa Umlabalaba . 

Ebuzwa uDlamini ngokuthi yini umsebenzi weSport Confederation uthe: “ISport Confederation ukubhekelela ukuthi ezemidlalo ziyafinyelela emiphakathini. Iphinde igqugquzele ezemidlalo ukuthi wonke umuntu unikezwa ithuba elinganayo, kakhulukazi emazingeni aphansi” uchaze kanje.

Uthe izinkinga aziziningi kakhulu ngoba nezikhona, benza benza ngakho konke okusemandleni ukuthi bayamelana nazo nokuhlanganyela noHulumeni.

Uphinde wathi bayaziqhenya beyiSport Confederation njengoba kuyo yonke indawo benamakomiti abhekelele ukuthuthikisa ezemidlalo. 

See Also

“Ngeke ngaqamba amanga izinhlelo zethu ziphazamiseke kakhulu eminyakeni emibili edlule njengoba kwafika ukhuvethe, nolwamisa izinto eziningi. Kwama ezemidlalo esasizihlelile eziningi, sangabe sisakwazi ukubamba imihlangano eyabe imihlahlandlela ezintweni eziningi ezabe zizokwenza izinguquko eziningi kwezemidlalo kulesi sifundazwe. Kodwa ngiyaziqhenya ngeSport Confederation njengoba kukho konke ukuthuthuka kwezimidlalo into eqhubekayo kakhulukazi lezo ebezingafinyeleli ezindaweni zase makhaya, uqeqesho kwezemidlalo luyaqhubeka” usho kanje.

Esonga uthe: “Impela kuyangijabulisa ukubona ezemidlalo zithuthuka zikwazi ukulekelela ukuba khona kwemisebenzi, ukubona abesimame nabaphila khubazeka beba yinxenye emakomitini. Mukhulu umsebenzi esesiwenzile kodwa futhi mningi osasisalele”.

UDlamini nethimba lakhe baseke banqoba imikomelo okubalwa iKZN Team of the Year kuKgati, uMlabalaba nakwiKhokho. Kabili banqoba oweBest Organized Federation kuma-Indigeneous Games. SA Sport Awards Team of The Year kuma-Indigeneous Games & Tafisa World Sports Games. Ngokwekhalenda leSport Confederation, imiqhudelwano emikhulu ezokuba khona kubalwa iSchool Sport Winter Championship kusukela mhla zili-11 kuya mhla zili-16 kuNtulikazi, Provincial Games mhla zingama-20 kuNcwaba, Southern Regional African Introduction Games zingama-27 kuya mhla zingama-30 kuMfumfu, 1-4 kuZibandlela Salga Games, 16-18 kuZibandlela Induku.

Scroll To Top