Now Reading
Ukudaleka kwezulu nomhlaba ngokwaboHlanga
Dark Light

Ukudaleka kwezulu nomhlaba ngokwaboHlanga

Umlando ngokudalwa komhlaba  nezulu kujulile kakhulu. Kule ngosi sizogxila emlandweni osuswelwa encwadini Indaba My Children ebhalwe iSanusi uVusamazulu Mutwa. Le ndaba iqala kanje: Kungakabi naluthu olukhona kwakukho utwa olungachazeki futhi olungenasiqalo nasiphetho. Lolu lutwa lufaniswa nolwandle okanye umfula okubanzi nokujile.  AbaseKhemu lolu twa babelubiza ngokuthi iNunu. Ngokogcwaningo lweModern Comsologogy lolu lutwa lubizwa ngokuthi iQuantum Field.  Uthi uVusamazulu lolu lutwa olwaziwa ukuthi luqhamukaphi futhi laselukhona isikhathi esingakanani.

Kuthiwa “langa” thizeni umfula wesikhathi wadlozomela lolu lutwa kuhle kwenkuzi yenkomo ikhwela insikazi. Kuthiwa lowo mndonsiswano waholela ekuzalweni kwenhlansi yomlilo, uMlilwana. 

UMlilwana wayeyedwa kulolu lutwa olwesabekayo. Kuthi ekujuleni kwakhe uMlilwana wafikelwa ukukwesaba ukuyisimangaliso. Phela wayesaba ukuthi lolu lutwa luzoyigojela kuphele ngaye. Kuthiwa wathatha isinqumo sokuthi kumele adlondlobale akhule aze alingane nololu lutwa.  Kuthiwa wakhula waze walingana nelanga  elalikhafula amalangabi ahamba efike emajukujikwini alolu lutwa. 

Kuthiwa umfula weSikhathi wathukuthela kakhulu ubona ukudlodlobala kwaMlilwane aze asobongela uNina uTwa. Kuthiwa wakhuleka wacela Nkulunkulu ukuthi athumele ukubanda okuzocima lamalangabi kaMlilwana. 

Isicelo somfula weSikhathi saphumelela. Kuthiwa yasuka impi phakathi kukaMlilwane nokuBanda kwaba ongaphansi nongaphezulu. Kuthiwa le mpi yathatha isikhathi esingaziwa. Kuthiwa ayikho ayayigoba uphondo phakathi kukaMlilwana nokuBanda. 

Kuthiwa le mpi yashiya umkhathi  unhlakanhlaka ugcwele umlotha, intuthu namatshe.  Kuthiwa kulowo mnyama kwavumbuka uMdali, uMa. Kuthiwa kwazawaka izwi likaNkulunkulu liphuma emajukujikwini, lilethe umyalelo wokuthi akube nomthetho nokuhleleka emkhathini. Kuthiwa uMa, wafeza izwi likaNkulunkulu. Wadala inkanyezi, umhlaba, inyanga nokho konke ekusemkhathini.

Izizwe eziningi zinomlando othi mawufane nalo owethulwa uVusamazulu Mutwa. Ukuvafakazela lokho asibheke umlando ovezwa ungoti uKimbwandende Kia Bunseki FuKiau encwadini ethi African Cosmology of the Bantu-Kongo: Tying the Spiritual Knot, Principles of Life & Living. Uthi ngokomlando wabaKongo, umkhathi wawugcwele utwa uzungezwe indingiliza eyayihlukaniswe ugongolo phakathi nendawo. Uma echaza uthi lolu gongolo lwaluhlukanisa indawo kamoya lakwakuhlala khona abaphansi nendawo engaphezulu lapho kuhlala khona abaphilayo. 

See Also

Uthi ukudaleka kwezulu nomhlaba kwaqala ngokuqhuma komlilo phakathi nendawo yendingiliza. Kuthiwa lo mlilwano igama lawo uKa-Lunga. Kuthiwa ngokuhamba kwesikhathi lo mlilo wasabalala wagcwala indawo engaphezulu kwendingiliza. Kuthiwa izintuli amatshe nomlilo yikho okwaphenduka kwaba yizinkanyezi nomhlaba.

Lo mlando owethulwa uVusamazulu noKimbwandende ufana cimishi neBig Bang Theory, yona ethi konke okukhona kwaqala eqhumeni komlilo owakhula wadlondlobala ngokuphazima kweso. Okwathi ngokuhamba kwesikhathi wazinza. Ekuzinzeni kwawo kwakheka umkhathi nezinkanyezi  nakho konke okukhona.

Umlando ngokudalwa komhlaba nezulu ujulile ngangokuba izizwe nezizwe zisebenzisa ubuciko obahlukahlukene ukuwulanda lo mlando. Kule ngosi sithe asicaphune emlandweni osuswelwa encwadini Indaba My Children ebhalwe iSanusi uVusamazulu Mutwa.

Scroll To Top