Ulobizela indawo kuGladAfrica oweDynamos



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Leli qembu lenze ezibukwayo emqhudelwaneni iNedbank Cup kodwa lagcina lithelwe othulini ngompetha iSundowns selihambe ibanga elide
Usezithwese ijoka lokulandela ezinyathelweni zeRichards Bay FC uSihlalo weSummerfield Dynamos, uCollin Naidoo.
Iqembu lakhe lizomela iKwaZulu-Natal (KZN) emidlalweni yokuhlungela ukuzibekisela indawo kuGladAfrica Championship ngesizini ezayo.
IDynamos iyona edle ubhedu eKZN esigabeni se-ABC Motsepe League. Amafulegi andizela phezulu esifundazweni saseKZN ngemuva kokuthi iRichards Bay FC inqobe isicoco seGladAfrica Championship ngemuva kwalokho yanyukela kuDStv Premiership.
Njengamanje iKZN isishaya ngamaqembu amahlanu kuPremiership bese kuthi kuGladAfrica ibophele uThongathi FC.
USihlalo weDynamos uxoxe nelaboHlanga ngezifiso zeqembu lakhe kweyokuhlunga.
“Siyaqonda ukuthi wonke amaqembu ayisishiyagalolunye ayingxenye yalo mqhudelwano afuna ukuba ngompetha noma afinyelele kowamanqamu. Okwesibili sazi kahle ukuthi sibhekene nompetha abasuka kwezabo izifundazwe. Konke lokhu kuzokwenza ushube umbango wokuzibekisela indawo kuGladAfrica Championship. Inhloso yethu nathi wukuphumelela. Ngikholwa wukuthi lona ngunyaka wethu, lona ngunyaka weKwaZulu-Natal. Okwenziwe yiRichards Bay kuGladAfrica kusifake ugqozi. Nathi sifuna ukuletha injabulo esifundazweni,” kuchaza uNaidoo.
IDynamos yenze ezibukwayo kuNedbank Cup. Ifinyelele kumaQuarterfinal lapho ithelwe khona othulini ngompetha iMamelodi Sundowns. Akujwayelekile ukuthi amaqembu adlala ku-ABC Motsepe League afinyelele kulesi sigaba somqhudelwano.
“Okuhle wukuthi sesinalo ulwazi ngamaPlay-off. Leli yihlandla lethu lesibili sidlala kumaPlay-off. Sifunde lukhulu lapho siqhuzuke khona ngokwedlule. Sizimisele ukugwema amaphutha esiwenze sifinyelela okokuqala kweyokuhlunga. Ngokwedlule sasuka sazethemba ngokweqile singakadlali. Phezu kwalokho sasinenqwaba yabadlali eyayisathuka isisila. Imidlalo yokuhlunga siyilungele. Ngokwedlule isizini yasheshe yaphela. Sahlala isikhathi eside singayitholi imidlalo eshubile yokuzivivinya. Lokho sidlale inqwaba yemidlalo yesihle eseqophelweni eliphezulu. INedbank Cup nayo ibe wusizo ngendlela eyisimanga. Sidlale namaqembu aqinile njengeMamelodi Sundowns noThongathi. Sizofika kweyokuhlunga sicijile,” kuqhuba uNaidoo.
Leli qembu elizinze eChatsworth liboshelwe eqoqweni elilodwa neBayern yaseMpumalanga nosokhaya iNorth West.
Iqoqo neqoqo kuzodlula iqembu elilodwa bese kuthi eliqede endaweni yesibili ngamaphuzu amaningi lidlulele kweyandulela amanqamu nalawa amanye amaqembu amathathu aqede eqhwakele emaqoqweni awo. Imidlalo yokuhlunga izodlalelwa eNorth West.
Amabili azokufinyelela kowanqamu azokhuphukela kuGladAfrica Championship. Ayothatha indawo yeJomo Cosmos neTS Sporting abagawulwe yizembe kule sizini esanda kusongwa.
“Okunye okwenza iqembu lami ngilethembe wukuthi iningi labadlali bethu bakhombisa enkulu intshisekelo yokubuyela esigabeni esiphezulu. Ngeneme ngendlela abazinikela ngakhona. Njengoba ngishilo, lona ngunyaka wethu. Sifisa ukubonga ukwesekwa esikuthole esifundazweni. Sizokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi asibaphoxi abantu bakithi. Siyithemba lesi sifundazwe futhi sifuna wonke umuntu aziqhenye ngathi uma sekuphela imidlalo yokuhlunga ekupheleni kwayo eNorth West.” kuphetha uNaidoo.
IDynamos izothembela kubadlali abafana noSamuel Darpoh, uDelion Mekoa, uSandile Zuke, uLucky Nguzana noMenzi Chili bonke asebeke bagijima esigabeni esikhulu phambilini.
Leli qembu liholwa wuqweqwe lomqeqeshi uClinton Larsen oseke wanqoba isicoco seTelkom Knockout ecija iBloemfontein Celtic ngowezi-2012 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini equmba phansi iSundowns.
IDynamos izovula neBayern ngelesi-9.30 ekuseni eNorth West University mhlaka zili-14 kwephezulu, Ngemuva kwalokho izobe isishukana neNorth West ngomhla zili-16.
Amazwi kaMphathiswa woMnyango Wezemidlalo Amaciko Namasiko, uHlengiwe Mavimbela uthe: “Nginethemba elikhulu lokuthi iqembu elizophumelela imidlalo yokuhlungela iNational First Division lizoba elalapha KwaZulu-Natal. Siyadinga ukwandisa amaqembu, esigabeni esikhokhelwayo. IRichards Bay isijabulise kakhulu emasontweni adlule neSummerfield Dynamos ingakwenza okufanayo. Siyifisela izilokotho ezinhle zodwa, omdala wezinsuku abe nabo.”
ElaboHlanga liphinde lakhuluma noMengameli weSafa esifundazweni iKwaZulu-Natal uKwenzokwakhe Ngwenya.
Yena uthe: “Njengoba sisalelwe iqembu elilodwa kuGladAfrica siyalidinga elesibili okumele nakanjani kube iyona iSummerfield. Ukunyuka kwayo kuzokhuthaza amaqembu amaningi alapha KwaZulu-Natal ukuthi kuyayeka kuGladAfrica Championship.
“Siyibukile idlala imidlalo yesihle, inesikwati esiqinile impela, okunye okuhle bathole isikhathi eside sokuzilungiselela njengoba lesi sifundazwe kuyiso esaqeda kuqala ukudlala imidlalo yeligi. Bahambe bephelele bengenabo abadlali abalimele. Sithi ababuye sebengompetha” usho kanje.
UNgwenya uthe izindleko zohambo lweSummerfield zikhokhwe iSafa, baphinde babakhokhela ikhempu yesonto lonke ukutshengisa ukuthi bayabaseka ohambeni labo.
Amanye amaqembu azobe elwela ukunyukela kuGladAfrica Championship iSpears of the Nation yase-Eastern Cape, iMM Platinum yaseGauteng, iSizwe United yaseWestern Cape, iLimpompo, iNorthern Cape.