Kuzoba nokukhala nenjabulo emaqenjini ngokuvuleka kwewindi


Sekuqalile ukuqagela kuPremier Soccer League (PSL) ngekusasa lezilomo zabadlali nabaqeqeshi kulandela ukusongwa kwemidlalo yeligi.
Kule mpelasonto iligi izosongwa ngendumezulu yomdlalo weNedbank Cup phakathi kwe-Orlando Pirates neSekhukhune United eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli.
Intatheli yelaboHlanga isibhekela okwenzeka emakethe njengoba sekusondele iwindi lokuhwebelana ngabadlali.
- Fiston Mayele:
UMayele ogijima kuYoung Africans yaseTanzania uvutha engabaselwe kuCaf Confederation Cup. Ufake iqembu lakhe kowamanqamu walo mqhudelwano. Akagcinanga lapho kodwa uphinde wabamba elikhulu iqhaza lidla ubhedu kweyeligi eTanzania. Amakhosi aseqalile ukuxoxisana neqembu lakhe ngenhloso yokuthi azoba ngumgadli waleli qembu. IMamelodi Sundowns nayo iliqaphe ngelokhozi udaba lukaMayele. Ngeledlule elaboHlanga lithole ukuthi izinhloli zeBrazilians zizifikele mathupha ekhempini yeYanga eRoyal Marang eRusternburg, eNorth West ukuzoxoxa nezikhulu zeqembu nemenenja yakhe. Leli phephandaba liphinde lahosha ukuthi izikhulu zeSundowns zihlukene phakathi yingakho esethubeni elihle lokuya kuChiefs.
- Given Msimango:
Useqede yonke into neKaizer Chiefs. Usayine inkontileka yeminyaka emithathu ehambisana nombandela wokuthi yelulwe ngeminyaka emibili. ElaboHlanga lithole ukuthi udayiswe ngo-R8 million kuMakhosi. UMsimango obegijima kuTS Galaxy FC ubizelwe kwelesizwe waphinde waqokelwa eqenjini lesizwe leBafana Bafana.
- Mohamed Hussein:
Lo mdlali ongukaputeni kuSimba Soccer Club naseqenjini lesizwe laseTanzania ufunwa uthuli Amakhosi. IChiefs isiqalile izingxoxo nemenenja yalo mdlali. Uma konke kuhamba kahle kubhekwe ukuthi uHussein ajoyine uMayele kuMakhosi.
- Lebogang Mabotja noCohen Stander:
Usesayine inkontileka yesibambiso neRoyal AM. Inkontileka yakhe kuzoba ngeyeminyaka emithathu. UStander inkontileka yakhe neCape Town Spurs iyaphela ngenyanga ezayo. Naye usenesivumelwano sokujoyina iRoyal ngokuthola komthombo welaboHlanga.
- Melusi Buthelezi:
Useqede konke ne-Orlando Pirates. Lo nozinti waseNquthu obegijima kuTS Galaxy usayine inkontileka yeminyaka emithathu kweZimnyama. Ubefunwa nayiChiefs kodwa waphelela kweZimnyama.
- Celimpilo Ngema:
Uzovumbuka kuMaZulu ngesizini ezayo ngemuva kokuthi iqembu lakhe ligcine ligawulwe yizembe kuDSTV Premiership. UNgema obegijima kuMarumo Gallants usayine inkontileka yesibambiso noSuthu ngoMasingana nonyaka.
- Onismor Bhasera noSiyabonga Nhlapho:
Bobabili izinkontileka zabo ngeke zivuselelwe kuSuperSport United. Bobabili bayashiya. Lezi zindaba zitshelwe elaboHlanga ngumthombo walo ongashayi eceleni.
- Daniel Akpeyi:
Ufunwa uthuli yiStellenbosch FC, iRoyal AM neSimba FC yaseTanzania. Ngakolunye uhlangothi iSwallows FC ifuna ukumgcina. Izingxoxo ziyaqhubeka phakathi kweSwallows nemenenja ka-Akpeyi kanjalo namaqembu amfunayo.
- Lucky Mohomi:
Uvele usenesivumelwano neRichards Bay FC. Iqembu lakhe iMarumo Gallants ligawulwe yizembe.