Umqeqeshi ukhala ngokuklonyeliswa kwabadlali abavelele emhlabeni


Unkonko lomgadli odabuka eDakar, eSenegal kodwa oseluzinze eNorway, uMame Niang (MN) livula isifuba ngokuzitshwa kwabadlali boHlanga koweBallon d’Or, ukunqoba kweSenegal i-Africa Cup of Nations, (AFCON) eCameroon, impilo yakhe yokuba ngumqeqeshi eNorway nokuthi yimuphi umdlali ofanele ukuqokwa njengovelele e-Afrika.
UNiang uxoxe noZipho Singela (ZS) ephesheya kwezilwandle. Ingxoxo ihambe kanje.
ZS: Injani impilo eNorway?
MN: Konke kuhamba kahle. Inkinga esibhekene nayo nje wukuthi liyabanda ngendlela eyisimanga. Ngaphandle kwalokho yonke into iqondile.
ZS: Ngabe wenzani eNorway?
MN: Ngihlala nonkosikazi wami nomndeni wami. Ngaphandle kwalokho ngingumqeqeshi. Ngisanda kuqeda izifundo zami zeFifa Licence C. Njengamanje ngimatasa ngenza eze-Fifa Licence B. Sengiqalile ukuqeqesha. Ngiqeqesha iqembu elidlala esigabeni sesine. Ngesizini edlule ngiqede endaweni yesibili sadliwa umdlalo owodwa isizini yonke.
ZS: Uyeke nini ukudlala ibhola?
MN: Ngithathe umhlalaphansi eminyakeni emine eyedlule. Ngagcina ukudlala ibhola kuPretoria University. Kwase kufike isikhathi lapho umzimba wami wawungitshela ukuthi sekumele uphumele. Enye into ebengiyihlosile wukuqala izifundo zami zokuqeqesha kuseva.
ZS: Yini ofisa ukuyizuza njengomqeqeshi?
MN: Ukudlala akufani nokuqeqesha. Kwehlukile kakhulu. Uma uqeqesha nguwena oshayela umkhumbi kodwa uma udlala usuke uyingxenye yabagibele umkhumbi. Yingakho ngithathe isinqumo sokuqala emazingeni aphansi.
ZS: Ngabe kukujabulise kanjani ukubona izwe lakho linqoba i-Afcon liqumba phansi elase-Egypt kowamanqamu?
MN: Bengijabule ngendlela eyisimanga. U-Aliou Cisse ubengaphansi kwenkulu ingcindezi. Iningi belimngabaza. Nami bengingeneme ngendlela ahlelela ngayo imidlalo kodwa ngijabule ngokuthi wenze umlando. Usinike into ehlule bonke abaqeqeshi phambilini. Usebenzile futhi kumfanele ukunqoba i-Afcon.
ZS: Mangakanani amathuba okuthi iSenegal idlulele kweyendebe yoMhlaba?
MN: Sizoyiphinda i-Egypt kweyokuhlungela ukuzibekisela indawo kweyeNdebe yoMhlaba. Okuhle wukuthi siqala ekuhambeni bese siqedela umsebenzi ekhaya. Uma ngiqhathanisa iqembu lesizwe lase-Egypt lamanje namanye amaqembu ase-Egypt alifani. Yebo bona bayalwa kodwa abasabisi njengeqembu elidala elanqoba i-Afcon kathathu kulandelana. Sinethuba lokwenza kahle naseNdebeni YoMhlaba. Ngowezi-2002 eJapan/Korea safinyelela kumaQuarterfinal. Naleli qembu lamanje linalo ithuba elifanayo. Ukunqoba i-Afcon kuzolinyusa kakhulu nezinga lokuzethemba. Sizomangaza amazwe amaningi kweyoMhlaba ngoba kukhona izihlabani zethu ebezingekho kulo mqhudelwano.
ZS: Mangakanani amathuba okuthi uMane ahlabane ngomklomelo womdlali ovelele ngemuva kokunqoba i-Afcon uma engenza kahle kuLiverpool ku-Uefa Champions League?
MN: Angimboni uMane enqoba iBallon d’Or. Lo mklomelo unepolikiti. Waqalwa yinkampani yaseFrance. Ukuze bahehe abaxhasi bafuna kuhlale kuwina abadlali abafana noCristiano Ronaldo noLionel Messi. Uma udabuka e-Afrika amathuba akho okunqoba mancane. Angisho ukuthi uSadio ungumdlali omncane kodwa akakafiki ezingeni loRonaldo noMessi ngokuheha abadlali. Sonke sibonile u-Erduado Mendy kuyona le miklomelo. Ngoba ungowase-Afrika bamshaye ngesithende bakhetha uGianluigi Donnarumma ngoba ungowaphesheya futhi udlalela i-AC Milan neqembu lesizwe lase-Italy.
ZS: Lapha e-Afrika uwunika bani umklomelo womdlali ovelele?
MN: Ngiwunika uMendy. Usebenzile. Unqobe isicoco se-Uefa Champions League waphinde wadla umhlanganiso ku-Afcon. Ngokwami uMohammed Salah noMane abazange balibone elidlalayo kuMendy.
ZS: Siyabonga Mame ngesikhathi sakho.
MN: Kubonga mina.