Now Reading
Ilanda likuxhopha ngobumhlophe balo liseza kude
Dark Light

Ilanda likuxhopha ngobumhlophe balo liseza kude

Ukunona esikunkankanya ngenhla ufakazi oqanda ikhanda wakho yindlanzi. Indlanzi ungayedlula endleleni uyibona ubuncane uyeye, kanti ukhohliwe, usithwe yisithupha. Kwaze kwayothi cosololo ngisho emhobholweni kwabakwaNdlanzi. Bathi: “Kade babesishiya vele benziwa ukungazi.” Indlanzi ngusinonela ngaphakathi njengejuba. Indaba uze uyithole usufika ngaphakathi ukuthi: “Hhayi! Bo! Kanti … ? Ayihambi ipikla, izidla, ikloloda, izishaya isifuba indlanzi ngokunona kwayo. Ukunona kwayo, ukwazi kwabalandeli bayo. 

Ayifani nelanda, lona ongalithola limhlophe hhu, awuliphendulele; okwangaphakathi ukubuyise ngaphandle. Ubumhlophe balo abehlukene nje nobeqhwa, amazolo nomlalamvubu, ongawuthola umhlophe qwa kodwa ubumhlophe bakho bushatshalaliswa yinhlamvu yelanga ukuphazima kweso. Ilanda alidliwa nhlobonhlobo ngenxa yobunjalo balo. Lihle ngengaphandle; lihle nje lilaphaya hhayi lize lencike. Abalidlayo bengalidla ngoba begabe ngokuthi okungena ngomlomo akubulali. Umuntu engesale eselilahla okwenyongo yenyathi ilanda ngoba nampa sebengihlaba ngozipho. Bathi: “Thina sishunqisela ngalo imfuyo ilanda.” Ingani amalanda ahamba abe ngumshungu? Ukuthambama kwelanga kwaziwa yiwo. Uyowabona eseshishinga, engena indlela ebange emadokodweni eyofihla amakhanda phela. Nemfuyo eshunqiselwe ngelanda ukuphela nje. Iklaba ndawonye. Uma ijikisa amakhanda, yonke yiso leso. Ukuthambama kwalo, amabombo ekhaya ngaphandle komalusi.

Abantu-ke bayasithanda isilwane okanye into ewusizo kubo ngisho ingathiwa mbibi. Ubuke nje lapha, umnumzane ubeka phambili ukukhothana nobunye bemfuyo yakhe. Akagcini nje ngemfuyo yakhe laphaya esibayeni, ngisho enxulumakazini lakhe lapha akagcini nje ngezaba, ukugcina umndeni umunye, umathe nolimi. Kuyasetshenzwa ukugcina umndeni ubambene ngqi ngezandla. Ungamthola ethubeleza phezu kweziwa namahlozi aluka izindlondlo ehlonzinga. Kwenye inkathi aze aphathise, abekise isidleke senkankane kubakhapheyane uma belusile. Uma ethole sona, uqedile engethole. Isithembu sakhe lesi uzosisebenza ngalesi sidleke sibe yimbumbe nembokode. Usikhipha sonke isikhwele lesi esesibhuqe izwe ngokushunqisa nje isidleke senkankane. Uyosithola isithembu simemana, ukuthi kodliwa noma kodlelwa kwaMabani namuhla. Yilowo afike ephethe indishi yakwakhe. Kuqalwe ngesakwaMasibanibani kanyekanye, kulandeliswe ngesakwa-Masibanibani kanyekanye, kulandeliswe ngesakwaMasibanibani ndawonye, kuze esilandelayo, ziyoze ziphele nya swe. Kusha ingxoxo. Kuqhuma phezulu uhleko. Kuthi cosololo kudele kudonsumndeni, uSokhaya phela. Ngisho izingane, yintwinye. Wenzeni? Ungene phakathi kwazo? Ungubani wena? Yinkankane-ke lelo qha.

Abanye inkankane balididanisa nothekwane kanti kazifani ngakho konke. Ngombala inkankane limpunga, uthekwane umdaka, usho ngencegela. Nangenhliziyo nje amankankane ayakhothana. Uthekwane? Wehluleka nokuzenzisa. Ngusihamba ngayedwana. Wehlulwa nawukuzenzisa abuze komunye ukuthi unjani. Umthola encamela ukuyozibuka emanzini. Akukhathaleki ukuthi adungeke azidibhi kanjani. Ugcwele ukuzenyeza ngesiphiwo sakhe esisesiphundu. Kodwa ngenhliziyo embi, ngiyambonga. Le nhliziyo ibonakala ngisho ngesidleke sakhe esimabibi ukuthi nayo imabibi, igaya izibozi. Isidleke esisho ngomnyango onesivalo sothi. Awululokothe lolu thi oluyisihenqo, uyowukhomba onotshwala. Awusilokothe isidleke sakhe, angiphathi uma ulokothe amaphuphu akhe, walibeletha ilahle emhlane! Wayibeletha imbawula nobhayela! Yinyoni yezulu phela lena. Ungayizwa ikhala, konakele. Uma khona ikhala phezu komuzi, phezu kwendlu noma ihlezi esangweni noma esibayeni, sukuma ume ngezinyawo mnumzane. Nguthekwane lona, akaphathisi, akalali futhi endleleni. Vuka uzibuthe, uzibambe ziqine nqi futhi.

Zikhona nezinye ezingamahlolamvula izinyoni njengendwa, yinsingizi, yimpigogo, yinkwazi, yinkonjane nezinye. Ezinye zilibika nje kahle kanti ezinye zilingisa unoncegela. Indwa lena yinyoni enedumela ngokuvunula ilembe eleqa amanye amalembe. Uma ubona uphaphe oluphayiza okhakhayini lwelembe, yindwa-ke leyo. Kunenkolelo yokuthi ilembe lalizwa ngalo lolu siba uma kukhona okushaya amanzi. Lwaluzwakala ngokutshikiza. Luyahlonishwa uphaphe lwendwa, aluvunuli nje noma ubani. Insingizi izwakala ngokububula uma lizoduma. Isiyaze yaziwa ngelengududu ngoba uyizwa ithi:

Ngududu! Ngududu! 

Ngududu! Ngududu!

Isibika lona-ke. Abantu bayazisa ngokuthi uma kufe yona inyoni empisholo lena, lishaya umvimbi noma uzamcolo kuthi dli-i-i-. Uma selina linganqamuki, uzwa abantu sebesho bethi: “Kufe insingizi.”

lmpigogo ilizwa kanye uma selifikile qede isuke ijubalale emafini emkhathini. Liyoduma libhaklazeke, lihlabe umbani ozimbambalala, uphambane esibhakabhakeni. Abakwaziyo ukuphambana kwempigogo nezulu ukuthi kusho ukuthini, lifika sebemi ngomumo. Basuke sebeshunqise, bancinda, bakhwifa, bakhipha abafana kwanjeya. Selingabe libalahlile nje idlozi elikhulu uma kungathiwa beleleswe ngumphezulu. Yeka ukuzidla kwayo impigogo yansondo!

Zinkonjane amakhosi, zona zakhela ngodaka. Athokoza aMaNguni asolwandle ekhiwa ngamakhosi. Ngamakhosi izinkonjane ngoba ziyalibika izulu ukuba abantu beNkosi bame ngomumo. Akubi ukuliletha noma zibike elibi kuphela kodwa nemvula nje. Intwasahlobo nje ibikwa yiwona amahlolamvula bese uzwa abadala sebethi: “Bala lethwese, abuyile amahlolamvula.” Ngoba asuke ekade eyolibika kwezinye izindawo ukwethwasa kwamahlobo akhona.

Ngisho belina, selithi liyanqamuka, umuzwa umuntu esethi: “Hha! Lisabuya. Nanka amahlolamvula eshwibeka” Nempela ngeke aligwinye, likhifize, likhemezele okanye liyihhuhlule. Ngaphandle nje kokungenhla, wake wayibona inkonjane yakhela? Kuthiwa nansi icofiya ngodaka isidleke? Ungakhohlwa yikho konke obukwenza ukhexe umlomo. Wena wabona uMnguni ehuqa, egandaya ngesiduli nonwali, esinda ngobethole dadewethu kababa.

Azigcini izinyoni ngokuhlola izulu ukwexwayisa abantu ngengozi kepha nokunye. Awubheke nanti iphothwe. Ungalizwa lithi: “Jwilijwili! Jwilijwili! Jwilijwili!” Liqanduza ingabe eqanduza, avimbanise ngomsindo, gawula ubheke lapho. Exwayisa ngobaba-ngibone wenyoka ayibonayo. Nangu uphezukomkhono, ongamuzwa entwasahlobo ebelesele:

See Also

Phezu komkhono! Phezu komkhono!

Naye ngokunjalo uvusa isintu ngesikhathi esifanele sokulima ngoba konke kunesikhathi sakho. Okusemva kwalesi sixwayiso ngumphangazane kwababhudla ubuthongo, ababhunkula.

Yibika elihle-ke !eli likaphezukomkhono nelifana nelengedemanzi; yebo yona kanye inhlava ebizelayo. Yona ikuqhweba ule, ithi namathela kimi ngize ngiyokubeka kwezinoju oluvalwe ngomthwebeba. Ikufunda ikuqede ingede uma ikubiza. Ikubiza ikubize, ibone ungavusi amadlebe namehlo, kungadikizi ngisho inqulu; uyizwe isithi: “Hho! Nximu! Yisiphusha lesi.” Isho idikila, ijokole. Kodwa lona ezothi uma ithi: “Jwi-!” Ethuke, aqikileke, aqalaqalaze okwenja ithungatha umkhondo. 

Ishaya amaphiko manje, ijwilijwilize kuthi ayigiye iqephuze manje ithi: “Nangu umabizwa asabele, impaka yomthakathi.” lyomhola njalo, eyibhince emagxalabeni ize iyomuthi qithi kwezinjani? Kuwena ibheke nje kuphela ukuba uthi ungazikhipha uthi du, uthathe lonke uju nesikhuphe, yona bese uyjbona ngamaqhimiza. 

Lapho-ke uqedile ungethole. Uma ubulawe ubugovu awabe usayikhumbula embusweni wakho, inh! lzinyoni ezifana nezingede zaziswa, zizilomo kakhulu ebafaneni uma belusile noma besinga. Zifana nomathebathebane, amasakabuli nemvemve, zonke ezichithisa abakhapheyane isizungu imini yonke. 

  Lombhalo ucashunwe ebhukwini likaSolwazi uKhumalo ‘Inyoni kayiphumuli (1996)

Scroll To Top