Now Reading
Akaguquki uyolokhu engumlandeli wePhunya Selesele uBotha
Dark Light

Akaguquki uyolokhu engumlandeli wePhunya Selesele uBotha

Zipho Singela

Uchitha eyokuthi usengumlandeli weMamelodi Sundowns uBotha Msila ongapheli emidlalweni yompetha beDStv Premiership.

UMsila ugqemeke udume lwengozi ekuqaleni kwesizini ngesikhathi kudayiswa iqembu abelilandela iBloemfontein Celtic.

Isiqumama saseThekwini uShauwn Mkhize sithenge iCeltic sayiguqula sayibiza ngeRoyal AM.

Njengamanje iCeltic igijima ku-ABC Motsepe League ngaphansi kukaSafa eFree State.

Muva nje uMsila akapheli emidlalweni yeSundowns. Ubekhona iqukula isicoco seligi eChatsworth Stadium, eThekwini.

Kuthe kusenjalo waphinde wabonakala eRoyal Bafokeng Stadium, eRusternburg, eNorth West ngesikhathi iBrazilians yekhala yemuka nesicoco seNedbank Cup. ElaboHlanga libe nengxoxo ekhethekile noMsila ngokubonakala emidlalweni yeSundowns eyahlukene.

“Ngisewumlandeli weCeltic. Angikaze ngijoyine iSundowns. Ukube sengijoyine iSundowns ngabe izwe nomhlaba wonke bangibona ngigqoke imifaniswano yeSundowns. Kuyo yonke imidlalo engiyihambelayo ngisuke ngigqoke imifaniswano yeCeltic. Akulona iqiniso ukuthi sengihamba neSundowns,” kubeka lo mlandeli owagila izimanga ngowezi-2019 esuka eNingizimu Afrika ehamba exhuma waze wayofika e-Egypt.

Eminyakeni eyedlule uSihlalo wePremier Soccer League (PSL), u-Irvin Khoza wachoma uMsila ngophaphe lwegwalagwala emgixabeza ngomklomelo weChairman’s Award. Wanikwa lo mklomelo ngenxa yokuzikhandla kwakhe ngokuhambela imidlalo yeligi neyeqembu lesizwe.

“Imbangela eyenza ngingapheli emidlalweni yeSundowns yingoba yilona qembu elenza kahle njengamanje eNingizimu Afrika. ICeltic akuphelile ngayo. Eminyakeni ezayo izobuya esigabeni esiphezulu. Ngifuna uma isibuya, ibuye sengikulungele ukujabulela impumelelo. Yingakho kulezi zinsuku ngizimatanisa neSundowns. Lokho akusho ukuthi sengijoyine iSundowns. Ngiyafunda kuSundowns. Ukube yiKaizer Chiefs noma i-Orlando Pirates ezitamuzela ngezicoco ngabe ngenza okufanayo. Asingayidleli umona iSundowns. Yisikhathi sayo manje. Sebevule igebe elikhulu phakathi kwabo namanye amaqembu,” kubeka uMsila.

Ekuqaleni kwesizini uJoyce Chauke odume ngelikaMama-Joy umangaze inqwaba yabathandi bakanobhutshuzwayo ememezela ukuthi uselaxaze i-Orlando Pirates. Ujoyine iRoyal AM. Nokho uMsila akazimisele ngokusika iphethini kuMama-Joy.

“Noma kungathiwa iSundowns iyazama ukungeshela ukuthi ngizoyeseka angeke ngivume. ICeltic isasondele kakhulu enhliziyweni yami. Ngisazoqhubeka ngeseke iqembu lami kuze kube yilona elingidedelayo. Uma iqembu uqobo lwalo lingangikhomba indlela mhlawumbe sengingaqala ngicabange ngokuyoseka elinye iqembu,” kusho uMsila.

Ukudayiswa kwamaqembu sekuphenduke insakavuleka eMzansi.

See Also

“Isifiso sami ukubona amaqembu ehlonipha abalandeli. Ngaphandle kwabalandeli amaqembu angeke akwazi ukudlondlobala. Amaqembu ayabadinga abalandeli. Abaxhasi beza eqenjini ngoba nakhu linabalandeli abaningi ukuze bezokwazi ukuthola inzuzo. Okwenziwa yiCeltic kithina kusebuhlungu namanje. Sezwa kwabezindaba ukuthi iqembu liyadayiswa. Lokhu kwasiphula izinhliziyo ngoba abanye bethu banikele ngakho konke kuleli qembu. Sazizwa sideleleke kakhulu,” kuqhuba uMsila.

Lo mlandeli usuka kude neCeltic. Kudala ewa evuka neqembu.

“Ngesikhathi iqembu lisaphethwe ngubaba uPatrick Molemela sasizizwa sisekhaya. Ngesikhathi esebona ukuthi izindleko zeqembu sezingaphezu kwakhe weza kithina. Wabiza umhlangano wasichazela ngesimo sakhe. Yingakho njengabandeli sakwazi ukuthola izelamani zakwa-Augusto ezagcina zithenga iqembu. Asisho ukuthi sinemali yokuthenga iqembu kodwa uma saziswa ngokwenzeka eqenjini nathi kukhona lapho esingenza khona umehluko. UMax Tshabalala usidelele kakhulu. Namanje sisabuzwa ubuhlungu asizwisa bona,” kulandisa uMsila.

UMsila akukho lapho eqashwe khona kodwa uyawenza amaqhinga okufinyelela ezinkundleni.

“ICeltic ayikho imali ebinginika yona yokuhambela imidlalo. Bengisizwa ngabadlali beqembu nabamanye amaqembu. Nabaqeqeshi nezikhulu zamanye amaqembu angeke ngizishiye ngaphandle. Lapha ngikhuluma ngabadlali abafana no-Andile Jali, uKeagan Buchanan, uNdumiso Mabena nabaqeqeshi abafana noPitso Mosimane, uManqoba Mngqithi noSteve Komphela. Yibona bonke abantu abebengisiza. Umndeni wami awunankinga nempilo engiyiphilayo. Uqonda kahle ukuthi iyona into engenza ngijabule. Empilweni injabulo ihamba phambilili.” kuphetha uMsila.

Scroll To Top