Ilumbo lidla umninilo kuRamaphosa nosifumbu ubona uqhaqhazela kuKhongolose
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
- Umgoga ayewucuphele abanye eqenjini usungadla yena
- Umphumela wukuhoxa ezweni naseqenjini
Iqembu elibusayo eNingizimu Afrika i-African National Congress (ANC) lingaphansi kwegcindezi emangalisayo. Lokhu kungenxa yokukhula kwengcindezi phezu kukaMengameli weqembu kanye nezwe uMnu uRamaphosa. Lokhu kwenzeka nje leli qembu kusele izinyanga ezingaphansi kweziyisithupha likhethe umengameli omusha kanye nesingangonyaka liyongenela ukhetho lukazwelonke nolumqoka emlandweni weqembu.
Ukusoleka kukaRamaphosa ekuphuleni imithetho yezwe yokudlulisa imali, ukusebenzisa izinsiza zombuso ukulungisa izindaba zakhe zangasese kanye nokwephula amalungelo esintu kwenze kwanokwethuka kubantu ngaphakathi nangaphandle kweqembu elibusayo. Kanti khona lapho la malangabi abukeka ezonabela nangaphandle kwemingcele yakuleli njengoba ukukhuluma kukhomba nokuthinteka kwezwe elingumakhelwane iNamibia.
Lokhu kwendlalelwe yimibiko yokuthi loyo onguMqondisi eHhovisi likaMengameli uNkk uBaleni uthole izinsongo zokusoncongwa nokuyisithombe esiveze elakuleli njengezwe eseliqala ukubuswa yizinswelaboya nayilapho impilo yezisebenzi zikaHulumeni isencupheni. Khona lapho konke lokhu kwenzeka ngesikhathi lowo onguSihlalo weKhomishini ebiphenya ngezinsolo zokugwamandwa kwamandla ombuso uMehluleli uZondo zolo lokhu ebencoma uRamaphosa ukuthi ube ngumalamulela ngesikhathi izwe lidlavizwa zimpisi zikaKhongolose kanye namaNdiya akwaGupta.
Ingcindezi enkulu yileyo ethinta inqubomgomo yeqembu mayelana nabasolwa ngenkohlakalo. I-ANC esitatimendeni sayo sakamuva ngalokhu , kuyakhathaza ukuthi abantu abakade bebekwe amacala abucayi obugebengu bangenele ukhetho lwezikhundla futhi lokhu kulethe ukudideka.
“Ngokufanelekile iKomiti Eliphezulu Kuzwelonke (NEC) lavuma ukuthi noma yiliphi ilungu elishenxile ngokuzithandela emveni kokuba lisoliwe kufanele livele enkantolo noma ngaliphi icala akufanele livunyelwe ukuba lingenele ukhetho lwesikhundla kuKomiti Eliphezulu Leziko (BEC), kuKomiti Eliphezulu Lesifunda (REC), kuKomiti Eliphezulu Lesifundazwe (PEC) noma kuKomiti Eliphezulu Kuzwelonke.
“Ngokufanayo, noma yiliphi ilungu elimisiwe ngokwezimiso zoMthetho 25.70 emveni kokusolwa ukuze uvele enkantolo kunoma yiliphi icala kufanele nalo lingavunyelwa ukungenela ukhetho lwesikhundla kuKomiti Eliphezulu Leziko, kuKomiti Eliphezulu Lesifunda, kuKomiti Eliphezulu Lesifundazwe noma kuKomiti Eliphezulu Kuzwelonke. “IKomiti Eliphezulu Kuzwelonke likubonile ukuthi ukusetshenziswa kwesivumelwano ‘sokushenxa’ kufaka okumqoka nokugxilisayo ekwakheni kabusha inhlangano. Kunjalo nje kuzoba yinto elokhu iqhubeka ithuthukiswa ilolongwa ilawulwa ukwenza, inqubomgomo kanye nokuhlinzekwa uMthethosisekelo we-ANC.”
Uma kuhamba ngalokhu okungenhla kusho ukuthi osekulindwe ngabathize abangahambisani noRamaphosa wukuba abeNational Prosecution Authority (NPA) bakhiphe isinqumo sokuthi ngabe kumele ashushiswe yini uRamaphosa. Uma isinqumo sithi yebo kuyobe sekusho ukuthi naye njengabanye kuyomele angene emshinini – kuyomele ashenxe esikhundleni.
Umbuzo uthi ngabe uma ehoxa esikhundleni uRamaphosa lokho kuyosho ukuthini ngeqembu angubuso balo? Ngabe lona izwe liyoba kusiphi isimo uma onguMengameli esehoxa esikhundleni ngenxa yezinsolo.
Khona umbiko kaZondo uyokwamukelwa njengophusile yini nokuthi lokhu kuyobubekaphi ubudlelwano neNamibia ne-Afrika yonkana uma kuyikuthi nembala kwasetshenziswa amandla ombuso ukuhubha amasela ebe, hhayi imali yombuso, kepha eyesakhamuzi sokuqala ezweni okunguMengameli.
Siye koshicilela nje izitoyitoyi zakuleli i-Economic Freedom Fighters (EFF) isihlabe umkhosi ukuthi akukakwe uMengameli wakuleli eNamibia.
Izitoyitoyi zaseNamibia bezizofaka icala kuleliya lizwe zidonsele enkantolo uMengameli wakhona uHage Geingob nabamsola ngokuba mdibi munye noRamaphosa odabeni lwezishaqane zikamehlokaboni owebiwa epulazini likaRamaphosa. Kuthiwa lapha noma ziyaziwa izigebengu kwaba ngenxa yokusebenza kwezinhloli zakuleli nezaseNamibia.
UMshushisi Omkhulu eNamibia uNks uMartha Imalwa uthe nembala bayalwelusa lolu daba.