Now Reading
Intokazi kaGubhela izimisele ukuhola uVukayibambe kulokhu
Dark Light

Intokazi kaGubhela izimisele ukuhola uVukayibambe kulokhu

Ozongenela ukhetho uthi sekuyisikhathi sokuthi uKhongolose uholwe ngabesifazane  


Indawo yaseNkandla abaningi bacabanga ukuthi bekungokokuqala kungokokugcina ukuba ikhiqize uMengameli wenhlangano ebusayo okuyi-African National Congress kodwa kubukeka ingahle ikuphinde lokho ngokukhiqiza ongaba uMengameli wophiko lwayo lwentsha uVukayibambe njengoba kubhekwe engqungqutheleni yalo ngonyaka ozayo nesihlehle kaningana.

Nokho lokhu kuncike ezithunyweni zikaVukayibambe ezisuka kuwona wonke amagatsha ezifundazwe ukuthi ngabe igama le ntokazi yaseNkandla, esigodini saseNtumeni okunguNks uSizophila Mkhize oneminyaka engama-33 ubudala liyalibona yini elidlalayo.

Kuleli sonto elaboHlanga lihlale phansi nale ntokazi yakwaMkhize lapho lixoxisane nayo ngokungenela kwayo lo mjaho. 

Phezu kokuba uNks Mkhize ebesetatazela ephuthuma ibhanoyi eliya eGoli njengoba ebejahe eLuthuli House okuyilaphjo esezinze khona kodwa uzinike isikhathi waxoxa nelaboHlanga.

Ngaphandle kwalokho okunye ukuthi uma le ntokazi igcina inqoba lokho kuyosho ukuthi ingeyokuqala ukuhola i-ANCYL njengomuntu wesifazane njengoba sekuphele iminyaka engama-79 kungakaze kube nowesifazane ongenela lesi sikhundla noma okhethwayo ukuba uMengameli.

Imikhankaso isivele iqalile yokusabalalisa igama likaNks uMkhize ezifundazweni eziningi njengoba kuthe ngempelasonto eyedlule waba isikhulumi esiqavile emcimbini wentsha wokwamukela ihlobo obuhlelwe ngaphansi kwesifunda iMusa Dladla. Uthi yena ngokwakhe ufuna ukuzoqeda ishobolo elibhekene nabantu besifazane ekutheni bahlale bengabekwa phambili uma kufanele kukhethwe uMengameli we-ANC noma we-ANCYL.

Ukholwa nawukuthi i-ANCYL ezongena kusuka ngonyaka ozayo ngaphansi kwakhe yiyo enomsebenzi wokuthi yenze isiqiniseko sokuthi uMengameli olandelayo we-ANC kuba umuntu wesifazane noma umuntu osemusha ongakadluli ngisho eminyakeni engama-40 ubudala.

“Kuyiqiniso ukuthi ngisingenele lesi sikhundla ngemuva kokucelwa amagatsha e-ANCYL. Nami leli khwelo ngilamukele ngazo zombili ngoba ngikholwa ukuthi isikhathi sokuba abesifazane bangene ezikhundleni eziphezulu ezibenza bakwazi ukuthatha izinqumo ngicabanga ukuthi sesifikile yingakho ngikwamukele ukucelwa amagatsha ukuba ngingenele isikhundla sokuhola i-ANCYL. Okunye  ngikholwa ukuthi sizoba isizukulwane esizokhiqiza uMengameli olandelayo we-ANC ozoba owesifazane. Uma kungabanga owesifazane kodwa kumele kube umuntu osemusha. Sifuna ukuthi ngowezi-2022 siye engqungqutheleni ye-ANC sicula ngomuntu omusha hhayi ngamakhehla. Kumele sizitshele ukuthi uNobhala Jikelele akube umuntu osemncane oneminyaka eko-35 kuya ko-36. Okunye i-ANCYL ibulawe ukulawulwa kakhulu i-ANC kwaze kwaba nalento yokuthi uma uphethe i-ANCYL uyazi ukuthi nakanjani uzoyinqoba ingqungquthela kaKhongolose. Lokhu akusizanga ngoba i-ANCYL ivele yafa ngoba isiyithuluzi lezimpi zakwa-ANC. Le nto ifana nokuthi i-ANCYL uma  kuyiwa ezingqungqutheleni uyithole icula ngabantu besilisa, yizo zonke izinto lezi okumele ziqedwe ngoba isikhathi sethu njengabantu besifazane noma intsha sokuzikhulumela sesifikile,” kuchaza uNks uMkhize.

Uqhube wathi ukugula kwe-ANCYL kudale ukuba ikhohlwe izimpande zayo kwaze kwabasengathi izinto zayo eyayihlale izilwela sekungeze-EFF yize indaba yokukhululeka ngokomnotho nokubuyiswa komhlaba kwaba izinqumo ababevumelene ngazo ngowezi-2011.

Uyavuma ukuthi i-ANCYL isele ayinabuholi kodwa isenabantu abanezinhloso zabo zokuphendula lolu phiko isihlangu sabo sokuvika izimpi zabo bese bethola amandla okudlulela kuHulumeni noma esigungwini esiphezulu se-ANC.

“Sekuyisikhathi sokuba siyivuse i-ANCYL ibuyele ezimpandeni zayo ilwe nenhlupheko ebhekene nabantu abasha. Njengamanje sinenkinga yokuthi ngisho i-ANC ilahlekelwe ulayini futhi akekho noyedwa kulaba bantu abadala bakaKhongolose abaluqondayo usizi lomuntu omusha. Akekho okuqondayo kubo ukuthi kunjani ukuba yingane eneminyaka eli-15 engasebenzi kodwa okumele ibeyinhloko yekhaya ngoba abazali bengasekho emhlabeni. Akekho kulaba bantu abadala okuqondayo ukuthi kunjani ukuba umuntu omusha onamaqhuzu ezemfundo amathathu kodwa ongakaze aqashwe ndawo. Umsebenzi we-ANCYL lowo okumele ibhekane nawo ihlukane namakhempu angabasizi ngalutho abantu abasha,” kusho uNks uMkhize.

Kule nkulumo uthe ziningi izinto eziyizingqinamba okumele i-ANCYL ibe phambili kuzo ilwe nazo. Uthe njengoba engowesifazane kubalulekile ukubumbana njengabantu besifazane benze isibonelo nakwabadala ukuthi amantombazane ayakwazi ukusekana ngaphandle kwezinkinga ukuze kuqedwe inkolelo yokuthi abantu besifazane abasekani bebodwa. Ubesho lokhu eveza nokuthi ukungabumbani kwabantu besifazane ku-ANC kubathele ngehlazo engqungqutheleni yaseNasrec ngoba kugcine ngokuthi bazithole sebebanga isikhundla esisodwa ngaphandle kwempumelelo.

“Ukube uMama uLindiwe Sisulu, uDkt uNkosazana MaDlamini Zuma, umama uBaleka Mbethe bahlala phansi bonke bavumelana ngezikhundla ngabe okungenani sinabesifazane noma abathathu esigungwini sabaholi abayisithupha. Empeleni angikholwa ukuthi uComrade uJessie Duarte uyakujabulela ukuba kulesiya siqhoqho samdoda njengoba kunguyena yedwa umuntu wesifazane,”  usho kanje. 

See Also

UNks uMkhize uzalwe wakhulela eNkandla, wafunda ezikoleni zakhona ehamba ibanga elingamakhilomitha angama-20 ukuya nokubuya esikoleni. Izikole afunde kuzo iNtumeni Primary neVelangaye High School. Uthi yilapho ayiqala khona ipolitiki ngowezi-2006 nokwaholela ekutheni aqokelwe ukuhola  uphiko lwabafundi bemfundo eyisisekelo abadlelana ne-ANC okuyiCosas.

Ngemuva kwalokho waqokelwa ukuba iphini likaNobhala kaVukayibambe esifundeni iMusa Dladla kodwa ngaleso sikhathi yayisabizwa ngeNorth Coast Region. Kuthe uma esedlulela eDurban University of Technology wabamandla ezinhlakeni zeSasco.

Usebenze kuMasipala uMhlathuze, wadlulela eMnyangweni Wezimbiwa. Uke waqokwa waba ilungu elincane kunawo wonke esigungwini esiphezulu e-ANCYL engqungqutheleni eyayiseGoli nokwakhethwa kuyo uMnu uCollen Maine ukuba uMengameli kaVukayibambe.

Njengamanje uhola isigungu sesikhashana sikaVukayibambe ngemuva kokuba kwahlakazwa ubuholi nabo obasebuphelelwe isikhathi. Uzibona ehamba ezinyathelweni zesigomagoma somzabalazo, uNkk uWinnie KaMadikizela Mandela owayaziwa ngokungahlehli uma eseyishilo into futhi engesabi ukukhuluma akholelwa kukho.

UMaMkhize uke wabasematheni ngesikhathi egasela eSenekal eFree State lapho okwakutholene phezulu aboHlanga namaQadasi. Yize engowokuqala ukugaqela lesi sikhundla kodwa lolu phiko seluke lwabanabo abesifazane abebenamandla okubalwa owayenguNobhala Jikelele, uNks uVuyiswa Tulelo owayehola ngaphansi kowayenguMengameli walo, uMnu uJulius Malema noMnu u-Andile Lungisa. Ukhona noNks uKenetswe Masenogi yena owaba yiphini likaNobhala walolu phiko ngaphansi kwabo ubuholi bukaMalema noMnu uSindiso Magaqa noMnu uFloyd Shivambu.

UMaMkhize uthi bakhona nabanye abesifazane abaxoxisana naye ukuze angenele nabo ukuhola lolu phiko okubalwa kubo noNks uGumani Mukwevho waseLimpopo abambisene naye kanti bafuna okungenani abesifazane babebabili noma bathathu esigungwini sabaholi abaphezulu abahlanu.

Ngokusho kwakhe, ukuhlangana nabanye besifazane bazama ukugwema ukuthi kube nabesilisa ababasebenzisayo ukudicilela phansi abanye. Uthe kuke kwenzeka ekuqaleni kwalo nyaka kuLekgotla wavinjwa ukuba angene ngoba esolwa ngokuthi ugqoke ingubo emfushane kakhulu. Uthe nakuso leso sigameko kwasetshenziwa umuntu wesifazane ngabesilisa ukuba amvimbe.

Scroll To Top