Now Reading
Ababhaci bayafuna ukuphindela emakhaya ngolunye usuku
Dark Light

Ababhaci bayafuna ukuphindela emakhaya ngolunye usuku

Emagumbini amane omhlaba abantu bezizwe nezinhlanga ezahlukene bayaqhubeka nokufuduka. Okubuhlungu wukuthi abanye bafuduka hhayi ngoba befuna kepha baphoqwa yizimo ezahlukene okuyizimpi nejoka lezomnotho. Ngomhla zingama-20 kwephezulu emhlabeni jikelele injolozela iyobe ikubabhaci njengoba kuyobe kuwuSuku Lwababhaci Lomhlaba.  Isimo sababhaci silukhuni kubo nakumazwe abasuke beya kuwo. Abanye bawela imingcele, bawele imifula nezilwandle, abanenhlanhla bafinyelele lapho beyobhaca khona kepha abanye basala endleleni. Kuleli shuminyaka eledlule, inani lababhaci emhlabeni liphindeke kabili. Ngokwe-UNHCR abantu abangaphezu kwezigidi ezingama-84 emhlabeni wonke baphoqeka ukuba bashiye amakhaya abo. Phakathi kwabo kunababhaci abangaphezu kwezigidi ezingama-26.6, isibalo esiphezulu kunazo zonke esake saqoshwa.

Scroll To Top