Now Reading
Uthembisa ukulivikela ibhande uDinangwe emqhudelwaneni weStarline
Dark Light

Uthembisa ukulivikela ibhande uDinangwe emqhudelwaneni weStarline

Ingqwele yebhande likazwelonke leJunior Welter, uPrince  Dlomo ufunga uyagomela ukuthi uzophinde amthele isibhaxu uXolani Mgidi empini engeSonto, eGreyville Convention Centre, eThekwini.

Le mpi okuxoxwa ngayo kuwo wonke amakhona ezamankomane kuleli, ngeyosuku emqhudelwaneni ohlelwa iStarline Boxing Promotions kaZandile Malinga. Izimpi ziqala ngelesibili ntambama. 

Kusasa ngehora le-12 emini bebade, enxanxathelenni yezitolo, ePavallion Shopping Center, khona kwelikabhanana, kuzoqale kube nombukiso wamabhande azobe ebangwa. Ngele-12 khona emini kuzobe sekuqala ukukalwa kwezisindo zabashayisibhakela. 

UDlomo waseMgungundlovu ubezakwala ngesikhathi ekhuluma nelaboHlanga ukuthi unokukhulu ukuzethemba.

“Abantu basesifundazweni iKwaZulu-Natal  abangathuki ibhande lisazoqhubeka liphathwe kulesi sifundazwe. Angesabi nhlobo ukukusho lokho, ngiyazethemba kakhulu. Angimthathi kancane uMgidi kodwa ngifuna azi ukuthi uzosithola isibhaxu” kusho uDlomo.

Le mpi izoba yimpindamshaye njengoba labosomankomane ngonyaka wezi-2018 baseke batholana eringini. UDlomo uyena owanqoba leyo mpi ngamaphuzu.

Uza kule mpi uDlomo oqeqeshwa uCharity Mokondeli waseLimpompo, ngenyanga edlule uthele phansi uXolani Mcotheli wase-Eastern Cape. 

“Okuhle ukuthi ngiya kule mpi emasontweni edlule bengiseringini, lokho into edingakalayo kusomankomane ukuthi kumele uhlezi uba seringini. Ngeke ngimphoxe umqeqeshi wami, amalungiselelo uwahambise kahle kakhulu ngizombonga ngokuthi ngivikele leli bhande” usho kanje.

Impi yakhe yokuqala esibhakeleni esikhokhelayo yabe ingonyaka wezi-2011, nalapho ayetholene phezulu noSterling Shaw. UDlomo kuleyo mpi akalibonanga elidlalayo kwazise wayeqala. Eminyakeni edlule wake wathela phansi isethenjwa esinguXolani Ndongeni.

Ezimpini azilwile zingama-27, kuzona ukwaze ukuthi anqobe ezeli-15, wahlulwa kwezi-11 wadlala ngokulingana kweyodwa.

UMgidi naye uza kule mpi ngokuzithemba njengoba naye empini yakhe edlule anqoba ehlula uSam Sithole. Yize kunjalo kodwa irekhodi lakhe alikho lihle, njengoba ezimpini ezili-16 unqobe eziyisikhombisa wahlulwa kweziyi-9.

Ezinye izimpi ezikhona kulo mqhudelwano ekaSmiso Buthelezi odabuka eMpangeni ozovovana inkani noSphesihle Mntungwa waseCato Ridge, bazobe bebanga ibhande leWBF Lightweight. Kube ekaMduduzi Junior Mzimela noLucky Hobyane.

See Also

Kuzophinde kube neyabesifazane lapho kuzotholana khona uThema Zuma noBathabile Ziqubu abazobe bebanga ibhande elingaphethwe umuntu leSA Junior Bantamweight.

Lezi zimpi zeStarline Boxing Promotions, zizobe zisakazwa kuSABC. Abantu abazohambela lo mqhudelwano  bazothola inqayizivele yethuba yokubona osomankomane abazakhela udumo ayilapha eNingizimu Afrika kuphela kodwa emhlabeni jikelele. Lapho kubalwa uThulani “Sugar Boy” Malinga, owaba ngowokuqala kuleli ukunqoba ibhande leWBC, uDingaan “The Rose of Soweto” Thobela naye owanqoba iWBC, uFrancois “The White Buffalo” Botha kanye noMoruti Mthalane.

ElaboHlanga liphinde lakhuluma noZandile, ofike kwezwakala kwezamankomane.

“Abantu bazobona isibhakela esiseqophelweni eliphezulu, ngiyanxusa ukuthi abantu baphume ngobuningi babo bezokwethamela lezi zimpi. Konke kuhambe kahle kakhulu kumalungiselelo, ayikho into esangavimba. Ngiyabonga kubona bonke abangisekile ukuthi ube khona lomqhudelwano” kusho uZandile.

Uphinde washo ngaphandle kokungabaza ukuthi impela sekuyisikhathi sokuthi isibhakela sibuyele kulendlela eyayiyiyona eminyakeni edlule.

Scroll To Top