Inhlangano yesibhakela ayifuni uvucu ekuphathweni kwalo mdlalo



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Bathi isandla sizoqina impela kulokhu ngoba babalekela ukuthi isibhakela siphenduke sibe yikwampun’zedlemini ngenxa yezinto ezenzekayo
IBoxing South Africa (BSA) isembhidlangweni wokuqeda ngamahlathi ophromotha nezimeneja ezivamise ukuthela lo mdlalo ngehlazo ngezigemegeme eziningi.
Muva nje osomankomane babulawe indlala ngesikhathi kuhlehla kwabuye kwabhuntsha izimpi ekubeni bese bezikhandle kanzima futhi balahlekelwa izimali bezicijela izimpi.
IBamba leSikhulu Esiphezulu (ACEO) kuBSA uNtsikayezwe Sithole litshele elaboHlanga ukuthi amalungu ebhodi asanda kubamba umhlangano onzulu eGoli lapho kuqhanyukwe namacebo neziphakamiso ngezinto ezimqoka ekumele zenziwe kusukela manje kuze kufikwa eminyakeni emihlanu.
“Sizoqina impela isandla ngoba asifuni esibhakeleni kube
ikwampunzi edla emini. Asifuni ukubona noma ubani ozoqhamuka esefuna ukuba uphromotha noma umqeqeshi ngoba ezwe kuthiwa uHulumeni ukhiphe uxhaso lwezigidi ezili-R10. Kuzoba nezivivinyo ekuzodlulwa kuzo ngaphambi kokuthi sinike umuntu ilayisense. Abantu abahluphayo bazojeziswa kanzima ngoba silwa nokubuyisa isithunzi salo mdlalo phambilini obuthandwa kakhulu futhi nabaxhasi besondele kuwo,” kusho uSithole.
Uveze ukuthi kuphakanyiswe nokuthi kumele kube nesilondolozimagugu lapho kuzogcinwa khona zonke izinto ezingamagugu. Kuhlongozwe nokusungulwa kweHall of Fame lapho labo okucatshangwa ukuthi amagama abo akufanele bazongena kuwo. Seziqalile nezingxoxo zokuthi kube neBoxing SA House njengoba ebholeni likanobhutshuzwayo ineSAFA House.
Ezizojatshulelwa abathandi balo mdlalo ezithi amaBoxing Awards azobuya njengoba ebengabonwa ngenxa yokuhlaseka kokhuvethe. Osomankomane nabaqeqeshi kufuze bazojabula ukuzwa ukuthi ayabuya amaBaby Champs okwakhalwa kakhulu ngesikhathi evalwa ngale kwezizathu ezizakwakalayo.
AmaBaby Champs athandwa kakhulu ngoba aphendlela inqwaba yabashayisibhakela indlela yokuzigqamisa kanti agcina esephethe izicoco ezinkulu. Phakathi kwawo kunoThabiso Mchunu osebuya kolwela isicoco seWBC, uBongani Mwelase, uGideon Buthelezi noNkululeko Mhlongo obesewaqedile amabhokisa ngaphambi kokuxetshulwa uJohn Bopape muva nje.
USithole bazoqinisekisa ukuthi ikhwelo likaNgqongqoshe Wezemidlalo kazwelonke uNathi Mthethwa lokuba nezimpi ngezinsuku ezifana nomhla zili-16 kwephezulu (June 16), iWomen’s Month, neHeritage Day.
Uveze ukuthi bamatasa nokuqhamuka neqhinga lokuthi osomankomane bangazitholi sebeyinhlekisa uma bengasalwi ngoba bengayibeki imali kumshwalense.
USithole udonse ngendlebe uZandile Malinga weStarline Boxing ukuthi impela kumele akhiphe unyawo kulezi zimpi zakhe. Izimpi zikaZandile zizokuba ngeSonto eGreyville Convention Centre kusukela ngehora lesi-2 emini.
“Okunye ngiyafisa ukuthi oPhromotha nabaqeqeshi bafundise osomankomane ukuzimaketha njengoba bethole inqayizivele yethuba yokuthi izimpi zabo zisakazwe bukhoma kuthelevishini. Okunye siyafisa ukuthi unyaka nonyaka kube nezimpi ezingama-54. Isikhathi manje sokuthi ezamankomane zingene kubantu balapha eNingizimu Afrika kakhulukazi aboHlanga kusho uSithole.
Abantu abazohambela lo mqhudelwano bazothola inqayizivele yethuba yokubona osomankomane abazakhela udumo ayilapha eNingizimu Afrika kuphela kodwa emhlabeni jikelele. Lapho kubalwa uThulani “Sugar Boy” Malinga, owaba ngowokuqala kuleli ukunqoba ibhande leWBC, uDingaan “The Rose of Soweto” Thobela naye owanqoba iWBC, uFrancois “The White Buffalo” Botha kanye noMoruti Mthalane.
Okunye okujabulisayo ukuthi osomankomane abazobe belwa kulezi zimpi bazobe bebonakala bukhoma kuSABC.
USABC ukhuza ibuya nje besekuphele iminyaka eli-11 yagcina ukusakaza isibhakela. Okwenza lokho ingesikhathi kuqala umqhudelwano weNdebe YoMhlaba kanobhutshuzwayo eyabe ingonyaka wezi-2010 lapha kwelikaMthaniya.
USithole ufunge wagomela ukuthi impela kulokhu isithunzi sezamankomane siyabuya njengoba kwakenzeka eminyakeni edlule.
Uphinde wathi nakanjani bazoyifaka isibhakela kwabesifazane. Wancoma uZandile ukuthi usiphakamisile isifundazwe iKwaZulu-Natal ngalo mdlalo.
“Nginxusa ukuthi abantu basesifundazweni iKwaZulu-Natal bephume ngobuningi babo ngeSonto, bezoseka isibhakela engikholelwa ukuthi sizobe siseqophelweni eliphezulu. Ngifuna yonke imiqhudelwano yezamankomane kube ukuthi kugcwala njengoba kusuke kugcwele ezinkundleni. Ngiyagcizelela futhi sizokwenza konke okusemandleni ukuthi lomdlalo ubuye kwelaboHlanga. Kuqala ezamankomane izona ezazilandela unobhutshuzwayo ngokuthandwa aboHlanga, kumele kubuyele lapho manje,” kusho uSithole.