Now Reading
Usizi lwaboHlanga: UHulumeni usibopha ngasibhamba sinye nokuhlupheka
Dark Light

Usizi lwaboHlanga: UHulumeni usibopha ngasibhamba sinye nokuhlupheka


Isikhathi sokuvala ngenxa yokhuvethe sikhuphule isibalo sezigameko zokuhlukunyezwa ngokobulili ikakhulu abesifazane


UHulumeni usihlanganyela nokuhlupheka, lokhu ngikususela engozini eyehle ngesonto eledlule lapho kushone abantu abayishumi nesithupha (16) engozini yomgwaqo. Lapho sicindezelwa khona uHulumeni ingale nkathi ehluleka ukuhlinzeka ngezinsizakusebenza ezizokwenza kusheshe imiphumela yolibofuzo. Njengoba laba bantu beshe bangqongqa, badinga ukuthi kwenziwe ulibofuzo ngaphambi kokuba bangcwatshwe. Ulibofuzo lungayithatha inyanga noma izinyanga ezintathu nangaphezulu. Ngokujwayelekile ukuphothulwa kolibofuzo kuthathta inyanga, olunye uhlobo lolibofuzo luthatha izinyanga ezintathu. Isiminyaminya esikulesi sikhungo sona senza kuthathe izinyanga eziyisithupha noma unyaka ukubuya kwemiphumela yolibofuzo. Cabanga ubuhlungu bokuhlala inyanga yonke ungasingcwabile isihlobo sakho – angisayikhulumi eyezinyanga ezintathu nangaphezulu. 

Nazi ezinye izigameko ezenza ukuthi kube nesiminyaminya esikhungweni solibofuzo. Isikhathi sokuvala ngenxa yokhuvethe sikhuphule isibalo sezigameko zokuhlukunyezwa ngokobulili kanye nokubulawa kwabesifazane kanye namacala abikwe emaphoyiseni, okuholele ekutheni uMengameli amemezele isimo senhlekelele ngodlame lobulili iGBV. Lokhu kusho ukuthi iNingizimu Afrika yahlaselwa ubhubhane lomhlaba wonke okuwukhuvethe kanye nenhlekelele kazwelonke okuwudlame lobulili kanyekanye. Ukudlondlobala okukhulu kwamacala okuhlukumezana bekufanele uMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika ushabashekele inkence yokuhlinzekelwa kwezinsizakusebenza ezidingekayo ezizoqinisekisa ukuthi iziphetho zobulungiswa zingenziwa ngempumelelo. Ngezizathu ezingaqondakali amaphoyisa awakwenzanga lokho. Ake siqale sibheke umphumela wokwanda okukhulu kwamacala eGBV emisebenzini yamaphoyisa aseNingizimu Afrika.

Ngokombiko kaMncwaningimabhuku Jikelele

Umbiko Wokubukezwa Kwesabelomali kanye Nokuncoma weKomidi Lesikhundla Samaphoyisa eMbikweni Wonyaka wezi-2020/21 woMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika, mhla lulunye kuZibandlela wezi-2021 wabelana ngemibono ngokusebenza kahle kweLabhorethri Yesayensi Yezobunhloli. Umbiko uqopha ukuthi ukusebenza kweLabhorethri Yesayensi Yezobunhloli kwehlile eminyakeni yezimali emine edlule, ngenxa yokusalela emuva ekuhlaziyweni kolibofuzo ekhuphuke kakhulu yafika emazingeni aphezulu ngendlela engamukelekile kuma-84.3% wamacala angakaphothulwa zingakapheli izinsuku ezingama-90 ngonyaka wezi-2020/2021.

Umbiko uyaqhubeka nokudalula ukuthi iLabhorethri ibinamacala ayizi-300 722 ekupheleni kowezi-2020/21 asazophothulwa. Lesi sibalo ngeke sibalwe kuphela ngesikhathi sokuvalwa komsebenzi njengoba isibalo samacala okusalela emuva senyuke kakhulu kule minyaka yezimali eyisikhombisa edlule kusukela ngowezi-2014/15 kuya kowezi-2020/21. Ngonyaka wezi-2014/15, isibalo samacala asalele emuva simi ezi-3 304, sanyuke kakhulu safinyelela ezi-18 488 ngowezi-2015/16, kodwa sehla futhi isibalo saba yizi-9 849 ngowezi-2016/17 saphinde safinyelela ezi-7 164 ngowezi-2017/18. Ngemuva kwalokho, ukusilela emuva kuqale ukwanda kakhulu kwafinyelela emacaleni ayizi-10 609 ngowezi-2018/19 kwayizi-98 238 ngowezi-2019/20 kwakhuphukela ezi-300 722 ngowezi-2020/21. Qaphela ukuthi ukusilela emuva kunomthelela omubi ngendlela emangalisayo Ohlelweni Lwezobulungiswa Bobugebengu, ikakhulukazi ngezinga lokuboshwa kanye nokugwetshwa. Lokhu kusho ukuthi ngenxa yokusilela emuva izigebengu zizulazula ngokukhululeka ezweni lonke. Sesingasho nokuthi lokhu kusilela emuva kanye nokushoda kwezinsiza kuyimbangela enkulu yokuthi iNingizimu Afrika ikleliswe njengenhloko-dolobha yesithathu emhlabeni wonke, njengoba inamazinga aphezulu okudlwengula emhlabeni.

Mhlawumbe ngokuhamba kwesikhathi sizodinga ukubheka umthelela wamazinga aphezulu obugebengu eNingizimu Afrika emnothweni, ikakhulukazi ekutshalweni kwezimali ezweni kanye nendlela okuwuthinta ngayo umnyango wezokuvakasha. Kungenzeka yini ukuthi izwe libhekene nokwehla kwezokuvakasha ngenxa yobugebengu obunobudlova obungajeziswa?

Umbiko uveza ukuthi ngokweSAPS, lezi zinto ezilandelayo ziholele ekungaqhubekeni kahle komsebenzi:

  Amazinga aphansi okukhiqiza, ngenxa yokhuvethe

  Ukukhishwa kwezakhiwo, ngenxa yezehlakalo ezinekhuvethe

See Also

  Impahla nemishini engasebenzi, ngenxa yesevisi 

  Izinkontileka ezisasele zokugcinwa, ukulinganisa kanye nokuqinisekisa.

Kuyacaca ukuthi ukubheduka kokhuvethe akusona isizathu esiphambili sokungenzi kahle kweSAPS.

Umbiko kaLance Witten uthi iCape Town Forensic Science Laboratory ePlattekloof kubikwa ukuthi inendawo engaba yizi-28 000m2, enezisebenzi ezingaba ngama-500, equkethe izingcezu zemishini yenani elifinyelela ezigidini ezi-R4. Zilinganiselwa ezigidini ezingama-R600 izindleko zale labhu, eyakhiwa wuMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi.

Ukube iLabhorethri yaseKapa ibilinganiselwa ezigidini ezingama-R600, ngabe seyakhiwe enye kwezinye izifundazwe. Ukubhekisiswa kahle kwezimali zakwaSAPS kuveza ukuthi imali akuyona inkinga uma kwakhiwa iForensic Science Lab kwezinye izifundazwe. Ngonyaka wezimali wezi-2018/19, uMcwaningimabhuku Jikelele wathola ukusetshenziswa ngendlela engafanele kwesigidigidi esiso-R1.1. Ukusetshenziswa kwemali ngendlela engafanele kuchazwa ngokuthi yizindleko eziphambana neSishayamthetho. Ngonyaka wezi-2020/21 iSAPS yasebenzisa imali ngaphansi kwesabelomali sayo ngezigidigidi ezi-R2.665 kuVisible Policing kanye nezigidi ezingama-R997 Kwezemisebenzi Yabaseshi. Lokhu kusho ukuthi kunemali eyizigidigidi ezi-R2.665 ebingabuye ibekwe eqhulwini ukuze isetshenziswe ekwakheni iForensic Science Lab kwezinye izifundazwe, kodwa akwenziwanga lutho. Yikho-ke lokhu ngithi uHulumeni usihlanganyela nokuhlupheka asibophe ngasifociya sinye. 

Scroll To Top