Now Reading
Akaziboni ehlukile kwabanye abalingisi “uSkhaleni”
Dark Light

Akaziboni ehlukile kwabanye abalingisi “uSkhaleni”

Ekulingiseni ukholelwa ekutheni indawo onikwe yona ukuba uyilingise kumele uyidlale ngendlela yokuthi ababukeli bagcine sebekholelwa kuyona. 

Lona ngumbono kaZakhele Stanley Mapondo Mabasa, ozakhele igama kubalandeli bakhe njengoSkhaleni Mngomezulu kuSibaya. Lesi silomo sazalelwa eGoli zili-11 kuNtulikazi we-1976. 

Ngaphambi kokubonakala ku-Isibaya ube yingxenye yemidlalo eminingi evutshelwe kuleli njengeGangster Paradise: Jerusalema ngowezi-2008, uphinde wabonakala emdlalweni othi Wild at Heart ngowezi-2006, iFor Love and Broken Bones ngowezi-2016. 

Waqala ukulingisa ku-Isibaya ngesikhathi lo mdlalo uqala kwaze kwaba uyaqedwa kuthelevishini. Indawo kaSikhaleni eyamakhela ugazi kubabukeli yiyo eyalethela lo mdlalo idumela elikhulu. 

Ephawula ngayo wathi, “Ngiyashaqeka indlela abantu abamthanda ngayo uSkhaleni, lokhu ngikubona lapho ngihamba khona indlela abangamukela ngayo.”  

Eqhuba wathi, “Inhloso yami ukulingisa ngendlela ezokwenza abantu bakholelwe kulokho. Noma umuntu engayithandi leyo ndawo kodwa kumele akholelwe kuyo,” kusho uZakhele. 

See Also

Ukulingisa kwakhe indawo yomshayeli wetekisi okhonze ukuxhumana nalo lonke uhlobo lomuntu kwenza indawo yakhe yalandelwa kakhulu ngabashayeli. 

Ngonyaka wezi-2019 uMabasa wabopha ifindo lomshado nesithandwa sakhe seminyaka uKarabo abanezingane ezimbili naye. Emshadweni wakhe wayemiswe ngomunye umlingisi uMeshack Mavuso athi bakhula naye elokishini, bagcina bengenwe uthando lokulingisa. 

Noma umdlalo Isibaya usuwaqedwa ukukhonjiswa kuthelevishini, kodwa uMabasa akakaze aphumule ngoba ubuye adidiyele eminye imidlalo acathulise nabalingisi abasakhulayo. 

Scroll To Top