Umcimbi wokulekelela abagilwe yizikhukhula



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kuze kube imanje imindeni eminingi isasele dengwane kusukela isifundazwe iKwaZulu-Natal sakhahlanyezwa izikhukhula. Imizi eminingi yakhahlamezeka abantu kwagcina kuthiwe amahambe beyofihla ikhanda emahholo. Lezi zimvula zaphinde zadlula nemiphefumulo eminingi yabantu abanye imizimba yabo eyagcina ingatholakalanga.
Kuvele izindaba ezijabulisayo kule mindeni eyakhahlamezeka, lezo zindaba ezokuthi iNational Arts Council (NAC) kanye neSABC sebememezele umcimbi wokuqoqa izimali zokuxhasa imiphakathi ekhahlanyezwe izikhukhula KwaZulu-Natal nase-Eastern Cape.
Lo mcimbi we-Arise Benefit iSisonke uzoba seMoses Mabhida Stadium ngomhla zili-18 kwephezulu. Le nkundla imumatha abantu abangaphezu kuka-85 000 futhi iyinkundla yezemidlalo enkulu eNingizimu Afrika njengoba kwadlala kuyo iNdebe YoMhlaba.
Okunye okuvelile ukuthi, lo mcimbi uzohanjelwa abaculi abangaphezulu kwabangama-30. Inhloso yokulethwa kwalabaculi abasezingeni ingoba kuzobe kufunwa ukuthi kuhlanganiswe imali eyizigidi ezili-R10 ngokuthi kudayiswe amathikithi.
Ngaphandle kokudayiswa kwamathikithi, kuzophindwe kwamukelwe izipho ezizobe zilindeleke kubantu abazobe behambele lo mcimbi.
NgoMbasa imvula enamandla yabangela izikhukhula ezashiya abantu abalinganiselwa kwabangama-435 beshonile futhi zashiya abantu abaningi besele dengwane bengenamakhaya. Yabulala imigwaqo, nezakhiwo eziningi okuze kube imanje zisephansi.
“Abantu abangama-54 babikwe ukuthi balahlekile, abanngama-55 balimele, abayizi-6,278 basale dengwane, imizi eyizi-17 438 ibhidlikile, njengoba kuthinteke nabantu abazi-121,687 sebebonke kanti abayizi-7,490 bahlala ezindaweni zokukhosela,” kusho isitatimende seNAC ngoLwesithathu ngesikhathi imemezela lo mcimbi.
Njengoba izikhukhula sezidlulile uMengameli uCyril Ramaphosa umemezele izindlela zokuhlinzeka ngosizo kulabo abathintekile.
Nokho uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnu uSihle Zikalala kuleli sonto ukhiphe isitatimende esithi, “isikhwama sesigidigidi esiso-R1 ebesibekwe eceleni asanele ukubhekana nomonakalo kanye nokucekeleka phansi okudalwe yizikhukhula.”