Ukwanda kwamagemu kunganyusa amathuba emisebenzi
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kunenkulumo ehlezi ikhulunywa, ihumusheka kanje: “Isifundazwe iKwaZulu-Natal, isona esiphethe inqwaba yabadlali bakanobhutshuzwayo abanekhono eliyisimanga”
Le nkulumo ihlezi ishiwo, abahlaziyi bakanobhutshuzwayo, izinkakha, kanye nabaqeqeshi abaningi abahlonishwayo ebholeni lalapha eNingizimu Afrika.
Yize le nkulumo iyiqiniso kodwa, eminyakeni edlule lokhu bekubukeka engathi akulona iqiniso. Okwenza ngisho lokho ingoba amaqembu akulesi sifundazwe abengenzi neze kahle okubalwa iDStv Premiership neGladAfrica Championship.
Isizini nesizini abathandi bakanobhutshuzwayo bakulesi sifundazwe bebehlala ngesinqe esisodwa uma sekuzosongwa isizini. Lokho bekwenziwa ukuthi iqembu lakulesi sifundazwe belibalwa namanye alwela ukuvika izembe.
Kodwa kula masizini amabili edlule konke lokho kuguqukile, buka nje ngesizini edlule AmaZulu FC aqede endaweni yesibili kulogi aqopha umlando ekutheni ayodlala okokuqala emqhudelwaneni omkhulu lapha e-Afrika iCaf Champions League. NeLamontville Golden Arrows yaqeda ibalwa namaqembu ayisi-8 aphezulu.
Kule sizini iRoyal AM ifike kwezwakala kuDStv Premiership njengoba isethubeni lokuqeda endaweni yesibili bese iyodlala koweCaf Champions. Ihlulwe kowandulela owamanqamu eNedbank Cup.
AmaZulu asethubeni elikhulu lokuqeda isizini ikuTop 8, ngokunjalo neLamontville Golden Arrows inalo ithuba. Lokho kuchaza ukuthi isifundazwe iKwaZulu-Natal sizoba namaqembu amathathu emqhudelwaneni weMTN 8 ngesizini ezayo.
Okuyiyo into ekhulunywayo muva nje eyokunyuka kweRichards Bay FC. Leli qembu likaSfiso “Jomo” Biyela, lijabulise abantu abaningi liba ngompetha beGladAfrica Championship 2021/22. Lokhu kusho ukwanda kwamaqembu , asezoba mahlanu.
Kungaba into enhle kakhulu uma kungathiwa neSummerfield Dynamos iyanqoba kweyokuhlungela best ingena kwiGladAfrica Championship iyibambe noThongathi FC ngesizini ezayo.
ISummerfield Dynamos eqeqeshwa uClinton Larsen, idlalile kuNedbank Cup yazitshengisa ukuthi ingakwazi ukumelana nobunzima. Noma ihlulwe yiMamelodi Sundowns akekho owathuka ngoba into eyabe ilindelekile. Ukube yayitholene nelinye iqembu elincane yayingadlulela phambili.
Ngikholwa ukuthi uzoqhubeka lo mkhuba omuhle kulesi sifundazwe. Engikuncoma kakhulu indlela uMnyango Wezemidlalo oholwa uMphathiswa uHlengiwe Mavimbela oziphethe ngayo izinto.
Uyawaseka kakhulu amaqembu, nayo yonke iminxa yezemidlalo. Kusukela athulwa uMphathiswa ngowezi-2019 konke kuhamba kahle.
Siyayibongela iRichards Bay FC, sithembe izozibamba ziqine. Nabalandeli bakhona eBay namaphethelo bazothobeka izinhliziyo njengoba eminyakeni edlule kwenzeka ukuthi kube khona iqembu elinyukayo iThanda Royal Zulu kodwa yagcina isidayiswa lokho kwadala inzondo enkulu kubalandeli bakuMasipala uMhlathuze naba-AmaZulu FC.
Ukunyuka kwayo kuzovula amathuba emsebenzi, kusimamise nomnotho.