Ingwazi yamaProteas ibona okusashoda ngaphambi kweyoMhlaba
AmaProteas abuyise ithemba lokuqeda ishobolo leminyaka ephuthwa yiNdebe yoMhlaba kusukela abuyiselwa emidlalweni yamazwe ngo-1992 ethela othulini ompetha bomhlaba iWest Indies ngo 3-2 ekuhambeni.
Kuthe kusabatshazwa lokho, abhubhisa i-Ireland ngo 3-0. AmaProteas ahlale eya kwiNdebe yoMhlaba ethwelwe ngeqoma kodwa afike ahluleke wukubuya nesicoco osekuwenze abizwa ngezahluleki (chockers).
U-Lance “Zulu” Klusener utshele elaboHlanga ukuthi elakuleli lisadinga ukuqinisa amabhawodi athize ngaphambi kokuthi kuqale iNdebe yoMhlaba e-United Arab Emirates (UAE) nase-Oman.
“Inkinga yethu enkulu esibhekene nayo wukuthi sidonsa kanzima uma izitha sezithumela abashwibi abajikijela lolu hlobo lokushwiba olaziwa nge-spin phakathi nomdlalo. Kumele siqhamuke namaqhinga okuhlomela lengqinamba. Amaqembu amaningi azosebenzisa abashwibi ababili abajikijela i-spin uma umdlalo usubheke kuvuthondaba. Ngakho kumqoka ukuthi siphathe zonke izikhali zokubhekana nale mpi,” kuchaza uKlusener ngesiZulu esome nkwe.
AmaProteas sekuphele iminyaka engama-28 ezabalazela ukunqoba iNdebe yoMhlaba ngaphandle kwempumelelo.
NgeNdebe yoMhlaba yezi-1996, uKlusener waqokwa njengomdlali ovelele.
“Okunye engikuqaphelile wukuthi asinawo umgqigqo uma sijaha isibalo sama-run esisuke sibekwe yizitha ebhodini. Sekuneziwombe eziningi lapho sihluleke sancama wukumelana nengcindezi eza nokujaha izibalo sama-run asuke ebekwe yizitha ebhodini. Sibophele inqanawe uma sikhuluma ngethimba lethu labashwibi. Into esangishayisa ngovalo yindlela esibhetha ngayo. Ngikholwa wukuthi kusamele silimuhluze ngempela ibhola ukuze sikwazi ukushaya izibalo zama-run anesigqi ebhodini,” kuqhuba uKlusener.
Iningizimu Afrika iboshelwe nezikhondlakhondla zamazwe okubalwa kuzona i-Australia, West Indies, England kanti amanye amazwe amabili asazoqinisekiswa.
“Ngiyamthanda u-Andile Phehlukwayo. Unendawo noma yikuliphi iqembu lekhilikithi elidlala iT20 ngenxa yekhono analo. Uyakwazi ukushwiba ama-over akhe aphelele (amane) uma esefomini. Lokho kumqoka uma sibheka indaba yomdlali oshwiba uhlobo lwamabhola asheshayo okwazi ukubhetha aphinde ashwibe,” kusho uKlusener.
Ngesikhathi esacija amaDolphins usebenze kakhulu noPhehlukwayo futhi wayevutha engabaselwe.
“Anginaso isiqiniseko sokuthi mngakanani umsebenzi owenziwa yithimba labaqeqeshi ekuthuthukiseni indlela adlala ngayo. Ngingathanda ukubona indlela adlala ngayo ikhula. Phambilini uke wasikhombisa ukuthi angakwazi ukunqobela izwe imidlalo ngebhola nangebhethi. Into esisele nje wukuthi abe nomgqigqo. Uyadinga nokuba nomuntu ozomeseka ukuhlanganisa amaqhinga okubhekana nezimo ezahlukene uma esenkundleni. U-Andile usemncane futhi unekhono elimangalisayo,” kusho yena.
INdebe yoMhlaba izoqala mhla ziyi-17 kuMfumfu iphothulwe mhla ziyi-14 kuLwezi.
“Omunye umdlali onekhono kodwa ongenawo umgqigqo uDavid Miller. Ikhono lakhe liyamangaza. Ushoda-nje ngomgqigqo. U-Andile noDavid badinga abantu abazoqonda ukuthi badlala kanjani, nokuthi yini umsebenzi wabo eqenjini,” kulandisa uKlusener.
KumaProteas, uKlusener udlale imidlalo engama-171 yosuku olulodwa wathatha amawikhethi angama-192 washaya ama-run ayizi-3756.
Isifiso sakhe wokubuya azothatha izintambo zokuqeqesha kwelesizwe.
“Nakanjani kuyisifiso sami ukucija izwe lami ngelinye ilanga. Lento ifama ncamashi nokulangazelela ukudlalela iqembu lakho lesizwe uma udlala ezemidlalo. Okwamanje ngingumqeqeshi we-Afghanistan futhi ngisakhulisa i-CV yami. Ngihlalele ethembeni lokuthi ngelinye ilanga ngiyolithola leli thuba.” kuphetha uKlusener.