Now Reading
Balwela ukudlala esigabeni seTelkom
Dark Light

Balwela ukudlala esigabeni seTelkom


Leli qembu lidlala kuDivision 2 lapho line-Aloes yase-Eastern Cape namanye amaqembu. Njengoba kunamaqembu ayisi-7 isendaweni yesithathu kulogi ngamaphuzu amahlanu


Umdlali weKingdom Queens uThulisile Maduna uthi bazolwisa okwengwe ukuze ngesizini ezayo begijime esigabeni esiphezulu kuTelkom Netball League (TNL).

Kusukela namuhla ngoLwesihlanu imidlalo yeTNL iyaqhubeka, yagcina ukudlala mhla zimbili kwephezulu emdlalweni eyabe ibanjelwe eHoy Park, eThekwini. Kulokhu imidlalo izoqhutshekelwa eHeartfelt Arena, ePitoli.

UThulisile ongumdlali wasemumva weKingdom Queens okuyiqembu lasesifundazweni iKwaZulu-Natal, uthe bazilungisile izinkinga ababhekane nazo kumzuliswano wokuqala.

“Emidlalweni esihlulwe kuyona besisuke sihamba phambili ngesiwombe sokuqala kodwa umdlalo uphele silandela ngemuva. Le yonto sisebenze kakhulu ngayo kulamasonto edlule, ukuthi singayishintshi indlela esisuke siqale ngayo umdlalo. Okunye ukuthi abadlali bethu abaningi bebeqala ukudlala kulesi sigaba, ngalokho bebeshawa amava benokwethuka. Kodwa konke lokhu kuzophela ngoba kuqala umzuliswano wesibili,” kusho uThulisile.

IKingdom Queens idlala kuDivision 2 lapho ine-Aloes yase-Eastern Cape, iBaobabs yaseLimpompo, iSunbirds yaseMpumalanga, iDiamonds yaseNorthern Cape neTornadoes yaseWestern Cape. Njengoba kunamaqembu ayisi-7 isendaweni yesithathu kulogi ngamaphuzu amahlanu emva  kwemidlalo emihlanu.

Inqobe imidlalo emibili, yahlulwa kwemibili yabe isidlala ngokulingana kowodwa. Iqembu elizihola phambili i-Aloes enamaphuzu ayisi-8.

“Sinalo ithuba elikhulu lokuthi singakwazi ukwenza kahle kule midlalo esele, bese siqeda endaweni yokuqala. Ngesizini ezayo sifuna ukuba namaqembu amabili aqhamuka esifundazweni iKwaZulu-Natal agijima kuDivision 1, njengoba kukhona iKingdom Stars” usho kanje uThulisile.

Le ntokazi edabuka eNanda, ineminyaka yobudala engama-21 unyaka wesibili idlala kuligi yeTNL. Ike yadlala eqenjini lesizwe labaneminyaka engaphansi kweli-19. Kule midlalo emihlanu edlalwe iKingdom Queens, iqokwe njengomdlali wosuku ovelele kabili.

ITNL yasungulwa ngonyaka wezi-2014 ngeskhathi ibizwa ngeBrutal Fruit Netball League, iqale ukubizwa ngeTNL ngonyaka wezi-2019.

See Also

IKingdom Queens  njengoba ineminyaka emibili idlala koweTNL, ngonyaka wezi-2020 yaqeda endaweni yesibili ngowezi-2021 yaqeda kweyesikhombisa.

UPrecious Mthembu osanda kumemezela ukuthi usethi khumu kulo mdlalo, nguyena  opheka  iKingdom Queens. 

“Ngiyajabula kakhulu ukuthi ngiqeqeshwa umqeqeshi esimbonile edlala phambi kwethu, amava akhe esiwaziyo. Uyasikhulisa kakhulu, uyasikhuthaza. Uyibekile induku ebanzi nami ngingafisa ukubeka isibongo sakaMaduna phezulu njengoba enzile kanye no noBongiwe Msomi” kusho lentokazi.

UPrecious unoLevel 2 ekuqeqesheni, uqeqeshe iGilbert Stars edlala kwiKZN Netball Super League, unqobe iligi kayi-5 kulandelana. Le ntokazi yakwaNyuswa kodwa esihlala eWaterloo idlale amahlandla angama-97 kwelesizwe, udlale iNdebe YoMhlaba kabili waphinde wadlala kumaCommonwealth Games. Uphinde abe isekela mqeqeshi eqenjini lesizwe labaneminyaka engaphansi kwengama-21. Udlale nabadlali okubalwa uBongiwe (Msomi) noJessica Khomo. 

IKingdom Queens izotholana phezulu neBaobas ngelesi-12 emini kusasa ngoMgqibelo. IKingdom Stars yona izobhekana neFireballs namuhla ngelesi-5 ntambama.

Scroll To Top