Now Reading
Ukhuthaza abakhubazekile kumnqakiswano
Dark Light

Ukhuthaza abakhubazekile kumnqakiswano

“Ngifisa ukuthi laba abakhubazeke njengami bengazinyezi kodwa bazizithuthukise ngezemidlalo. Kakhulukazi laba abahlala ezindaweni zasemakhaya njengami. Empilweni ungazuza noma yini oyifisayo, kodwa kumele uqale ukholelwe kuwena. Umhlaba wonke ungakuhlonipha noma ingabe kuthiwa uqhamukaphi, ukhubazekile.” Lawa ngamazwi kaDuduzile Gwaza ongumdlali weWheelchair Basketball, kade enengxoxo nelaboHlanga. 

Ngokusho kwakhe wazalwa nakho ukukhubazeka, nokwamenza wahamba ngeWheelchair. Ungowokudabuka eMsinga Top, kanti uneminyaka yobudala engama-31. 

“Sikhubazeke ngezindlela ezingafani, kukhona bakhubazeke ngendlela yokuthi bengakwazi ukwenza izinto ngingasabali ezemidlalo kuphela ngifisa bebhukule besebenze kanzima beyeke ukuzinyeza. Ukube nami ngazinyeza ngabe angikho lapho engikhona namhlanje,” usho kanje. 

Uthando lalo mdlalo lwamngena ngonyaka wezi-2006, lapho wayefuna ukwazi kangcono ngawo nokuhlangana nabantu abahlukahlukanele abanolwazi kuwo.  Kuthe ngonyaka wezi-2007 waba yingxenye yeqembu elikhulu esifundazweni elibizwa ngeKZN Warriors. Ngonyaka wezi-2011 waqokelwa eqenjini lesizwe, kusukela lapho akabange esabheka emuva. Uke wayidlala imidlalo yokuhlungela ukungena kumaParalympics Games ngonyaka wezi-2019 kodwa bahluleka ukungena, wagcina eqokwa njengomdlali ovelele.  

Ebuzwa ngezingqinamba ezibhekene nalo mdlalo onganakiwe kangako uthe: “Kunzima kakhulu ngoba ayikho imiqhudelwano, ngisho eqenjini lesizwe imbala. Ezindaweni zasemakhaya kunzima kakhulu nokutholakala kwezithuthi zabadlali uma beyodlala noma beyojima. Okukhulu kakhulu izindawo zokuziqeqesha ziyagqoza okwenza kube nzima ukuthi ungene kubantu lo mdlalo” usho kanje. 

Yize kunalezi zinkinga ezibhekene nalo mdlalo uDuduzile uthe akazisoli ngokuthi azihlanganise nawo. “Isifo sami esikhulu ukuthi ngidlale umqhudelwano omkhulu amaParalympics Games, nalapho ngingayi kovakasha kodwa mina neqembu lethu senze kahle” usho kanje.

Uthe lo mdlalo iwona aziphilisa ngawo njengoba engatohozi. Umqhudelwano wamaParalympics olandelayo uzokuba ngonyaka wezi-2024 eStade de France, eFrance, kusukela mhla zingama-28 kuNcwaba kuya mhla ziyi-8 kuMandulo. Ngenyanga ezayo bey-KZN Warriors bazodlala umqhudelwano wezifundazwe ozobe uxhaswe iVodacom. Ngonyaka ozayo neqembu lesizwe bazovakashela iGhana.

Scroll To Top